Eyesibili YeziKronike 15:1-19

  • Izinguquko ezenziwa u-⁠Asa (1-19)

15  Umoya kaNkulunkulu wafika ku-Azariya indodana ka-Odedi.  Ngakho waphuma wayohlangana no-Asa wathi kuye: “O Asa nawo wonke uJuda noBhenjamini, ngizweni! UJehova unani uma nje nina niqhubeka ninaye; + uma nimfuna, niyomthola, + kodwa uma nimshiya naye uyonishiya. +  Kwase kuyisikhathi eside* u-Israyeli engenaye uNkulunkulu weqiniso, engenaye umpristi ofundisayo, engenawo nomthetho. +  Kodwa lapho ecindezelekile wabuyela kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, wamfuna futhi wamthola uNkulunkulu. +  Ngalezo zikhathi akekho owayehamba ngokuphepha, ngoba zaziziningi iziyaluyalu phakathi kwabo bonke abantu bakulawo mazwe.  Isizwe sasichotshozwa esinye isizwe, idolobha lichotshozwa elinye, ngoba uNkulunkulu wabagcina beyaluza ngazo zonke izinhlobo zosizi. +  Kodwa nina, yibani namandla ningadikibali, + ngoba umsebenzi wenu uyovuzwa.”  Ngokushesha nje lapho u-Asa ezwa la mazwi nesiprofetho sika-Odedi umprofethi, waba nesibindi wasusa izithixo ezinyanyekayo kulo lonke izwe lakwaJuda + nelakwaBhenjamini nasemadolobheni ayewathumbe esifundeni esinezintaba sakwa-Efrayimi, wabuyisela ne-altare likaJehova elaliphambi kompheme kaJehova. +  Waqoqa wonke uJuda noBhenjamini nabantu bakwamanye amazwe ababekanye nabo abavela kwa-Efrayimi nakwaManase nakwaSimeyoni, + ngoba babehlamukele kuye bebaningi besuka kwa-Israyeli lapho bebona ukuthi uJehova uNkulunkulu wakhe wayenaye. 10  Ngakho baqoqana eJerusalema ngenyanga yesithathu yonyaka ka-15 wokubusa kuka-Asa. 11  Ngalolo suku benzela uJehova umhlatshelo ngempahla ababeyiphangile, izinkomo ezingu-700 nezimvu ezingu-7 000. 12  Ngaphezu kwalokho, bangena esivumelwaneni sokufuna uJehova uNkulunkulu wokhokho babo ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo* wabo. + 13  Noma ubani owayengeke amfune uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kwakufanele abulawe, kungakhathaliseki ukuthi mncane noma mkhulu, owesilisa noma owesifazane. + 14  Ngakho bafunga kuJehova ngezwi elikhulu, ngokumemeza kwenjabulo nangamacilongo nezimpondo. 15  Wonke uJuda wajabula ngaleso sifungo, ngoba babefunge ngenhliziyo yabo yonke, bamfunisisa bamthola, + uJehova waqhubeka ebanika ukuphumula kuzo zonke izitha zabo ezazibazungezile. + 16  INkosi u-Asa yasusa ngisho nogogo wayo uMahakha + esikhundleni sakhe sokuba yindlovukazi,* ngoba wayenze isithixo esinengekayo ukuze sisetshenziswe ekukhonzeni isigxobo esingcwele. *+ U-Asa wasigawula isithixo sakhe esinengekayo, wasigaya saba izicucu wasishisa eSigodini SaseKidroni. + 17  Kodwa izindawo eziphakeme azizange zisuswe + kwa-Israyeli. + Noma kunjalo, inhliziyo ka-Asa yayizinikele ngokuphelele* konke ukuphila* kwakhe. + 18  Wangenisa endlini kaNkulunkulu weqiniso izinto yena noyise ababezenze zaba ngcwele—isiliva, igolide nezinto ezihlukahlukene. + 19  Impi ayizange ibe khona kwaze kwaba unyaka ka-35 wokubusa kuka-Asa. +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “kuyizinsuku eziningi.”
Noma, “yinkosazane.”
Noma, “yayiphelele.”
NgesiHebheru, “izinsuku.”