Incwadi KaJude 1:1-25

  • Ukubingelela (1, 2)

  • Ukwahlulelwa kwabafundisi bamanga kuzokwenzeka nakanjani (3-16)

    • Ukungezwani kukaMikayeli noDeveli (9)

    • Isiprofetho sika-Enoke (14, 15)

  • Zigcineni othandweni lukaNkulunkulu (17-23)

  • Ukunika uNkulunkulu inkazimulo (24, 25)

 UJude, inceku kaJesu Kristu, kodwa umfowabo kaJakobe, + kwababiziwe + abathandwa nguNkulunkulu uBaba nabalondolozelwe uJesu Kristu: +  Kwangathi ningandiselwa isihe nokuthula nothando.  Bathandekayo, nakuba bengenza wonke umzamo wokunibhalela ngensindiso esiyihlanganyelayo, + ngikuthole kudingekile ukuba nginibhalele ukuze ngininxuse ukuba nilulwele kanzima ukholo + olwanikelwa kwabangcwele kwaba kanye kuphela.  Isizathu sami siwukuthi abantu abathile sebengene ngokunyenya phakathi kwenu, labo imiBhalo eyabamisela kudala lesi sahlulelo; bangabantu abangamhloniphi uNkulunkulu abaphendula umusa omkhulu kaNkulunkulu wethu bawenze izaba zokuziphatha kabi okuhambisana nendelelo *+ futhi abazibonakalisa bengathembekile kowukuphela komnikazi wethu neNkosi, uJesu Kristu. +  Nakuba nikwazi kahle konke lokhu, ngifisa ukunikhumbuza ukuthi nakuba uJehova* asindisa isizwe wasikhipha ezweni laseGibhithe, + kamuva wababhubhisa labo ababengenalo ukholo. +  Nezingelosi ezingasigcinanga isikhundla sazo sokuqala kodwa zashiya indawo yazo yokuhlala efanele, + uzibophe ngezibopho ezingunaphakade ebumnyameni obukhulu, uzigcinele ukwahlulelwa kosuku olukhulu. +  Ngendlela efanayo, iSodoma neGomora namadolobha ayeseduze, azinikela ekuziphatheni okubi ngokocansi* ngokwedlulele futhi alandela izifiso zenyama ezingezona ezingokwemvelo; + abekwe phambi kwethu njengesibonelo esiyisixwayiso ngokuthola isijeziso sokwahlulelwa somlilo waphakade. +  Noma kunjalo, nalaba bantu bazitika ngamaphupho, bangcolisa inyama, badelela igunya futhi bakhuluma ngokuhlambalaza ngabakhazimulayo. +  Kodwa lapho uMikayeli + ingelosi eyinhloko + eba nokungezwani noDeveli futhi bephikisana ngesidumbu sikaMose, + akazange alokothe amahlulele ngamazwi ahlambalazayo, + kodwa wathi: “Kwangathi uJehova* angakukhuza.” + 10  Nokho laba bantu bakhuluma ngokuhlambalaza ngazo zonke izinto abangaziqondi ngempela. + Kuzo zonke izinto abaziqondayo ngokwemvelo njengezilwane ezingenangqondo, + bayaqhubeka bezonakalisa. 11  Kubi kakhulu ngabo, ngoba bahambe endleleni kaKhayini + futhi bagijimela endleleni yokuphambuka kaBhalami + ukuze bathole umvuzo, futhi baye bashabalala enkulumweni kaKhora + yokuhlubuka! + 12  Laba bangamadwala afihleke ngaphansi kwamanzi emadilini enu *+ kuyilapho bedla nani, bangabelusi abazondla bona ngaphandle kokwesaba; + bangamafu angenamanzi apheshulwa umoya ayiswe ngapha nangapha; + bayizihlahla ezingatheli ekupheleni kwekwindla, ezibune ngokuphelele,* ezisishuliwe; 13  bangamagagasi olwandle anamandla akhipha izinto ezingcolile okufanele zibenze babe namahloni; + bayizinkanyezi ezingenawo umzila, ezigcinelwe ubumnyama obukhulu kuze kube phakade. + 14  Yebo, owesikhombisa ohlwini kusukela ku-Adamu, u-Enoke, + naye waprofetha ngabo lapho ethi: “Bheka! UJehova* wafika namashumi akhe ezinkulungwane ezingcwele + 15  ezokwahlulela bonke, + futhi ezogweba bonke abangamhloniphi uNkulunkulu ngenxa yazo zonke izenzo zabo zokungamhloniphi abazenza ngendlela yokungamhloniphi, nangenxa yezinto ezishaqisayo izoni ezingamhloniphi uNkulunkulu ezazikhuluma ngaye.” + 16  Laba bangabantu ababubulayo, + abakhononda ngokuphila kwabo, belandela izifiso zabo, + futhi imilomo yabo ikhuluma ngokuqhosha okwedlulele, kuyilapho bencoma* abantu ukuze kuzuze bona. + 17  Kepha nina, bathandekayo, khumbulani amazwi akhulunywa ngaphambili* abaphostoli beNkosi yethu uJesu Kristu, 18  ukuthi babevame kanjani ukuthi kini: “Esikhathini sokugcina kuyoba khona abahleki bosulu, abalandela izifiso zabo zezinto zokungamhloniphi uNkulunkulu.” + 19  Laba yibo ababangela uqhekeko, + abantu abanjengezilwane,* abangaqondiswa umoya kaNkulunkulu.* 20  Kodwa nina, bathandekayo, zakheni okholweni lwenu olungcwele kakhulu, nithandaze ngomoya ongcwele, + 21  ukuze nizigcine nisothandweni lukaNkulunkulu, + nibe nilindele isihe seNkosi yethu uJesu Kristu esiholela ekuphileni okuphakade. + 22  Qhubekani nibonisa nesihe + kulabo abangabazayo; + 23  basindiseni + ngokubahlwitha emlilweni. Kodwa qhubekani nibonisa isihe kwabanye, nenza kanjalo ngokwesaba, kuyilapho nizonda ngisho nengubo enindwe inyama. + 24  Kulowo okwaziyo ukuniqapha ukuba ningakhubeki nokunimisa ningenasici + phambi kwenkazimulo yakhe* ngenjabulo enkulu, 25  kowukuphela kukaNkulunkulu uMsindisi wethu ngoJesu Kristu iNkosi yethu, makube inkazimulo, ubukhulu obubabazekayo, amandla negunya kulo lonke iphakade elidlule, namanje, nakulo lonke iphakade. Amen.

Imibhalo yaphansi

Noma, “zokuziphatha okuyichilo.” NgesiGreki, a·selʹgei·a. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
NgesiGreki, “emadilini enu othando.”
Noma, “ezife kabili.”
Noma, “bedumisa.”
Noma, “izinto ezabikezelwa.”
Noma, “abantu benyama.”
NgesiGreki, “abangenawo umoya.”
Noma, “ningenasici ekubeni khona kwakhe okukhazimulayo.”