Eyesibili YeziKronike 16:1-14
16 Ngonyaka ka-36 wokubusa kuka-Asa, uBhahasha + inkosi yakwa-Israyeli wakhuphuka wahlasela uJuda, waqala nokwakha* iRama + ukuze angavumeli muntu ukuba aphume noma angene ku-Asa inkosi yakwaJuda. +
2 U-Asa wabe esekhipha isiliva negolide engcebweni yendlu kaJehova + nendlu yenkosi* wakuthumela kuBheni-hadadi inkosi yaseSiriya, + owayehlala eDamaseku, wathi:
3 “Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo. Ngikuthumelela isiliva negolide. Woza uzophula isivumelwano sakho noBhahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuze angiyeke.”
4 UBheni-hadadi wayilalela iNkosi u-Asa wathumela izinduna zamabutho akhe ukuba ziyolwa namadolobha akwa-Israyeli, zanqoba i-Ijoni, + elakwaDani, + i-Abela-mayimi nazo zonke izindawo zokugcina izinto zamadolobha akwaNafetali. +
5 Lapho uBhahasha ezwa ngakho, wayeka ngokushesha ukwakha* iRama wayeka nomsebenzi ayewenza kulo.
6 INkosi u-Asa yabe isithatha wonke uJuda, bathatha amatshe nezingodo ezaziseRama + uBhahasha ayekade akha ngakho, + yakha* ngakho iGeba + neMispa. +
7 Ngaleso sikhathi uHanana + umboni wemibono weza ku-Asa inkosi yakwaJuda wathi kuye: “Ngenxa yokuthi uthembele* enkosini yaseSiriya wangathembela* kuJehova uNkulunkulu wakho, ibutho lenkosi yaseSiriya liphunyukile esandleni sakho. +
8 AmaTopiya nabaseLibhiya babengelona yini ibutho elikhulu elinezinqola eziningi nabagibeli bamahhashi? Kodwa ngenxa yokuthi wawethembele kuJehova, wabanikela esandleni sakho. +
9 Amehlo kaJehova aqalaza kuwo wonke umhlaba + ukuze abonise amandla* akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele* kuye. + Wenze ngobuwula kulokhu; kusukela manje kuqhubeke kuzoba khona izimpi ngokumelene nawe.” +
10 U-Asa wamcasukela umboni wemibono wayesemfaka ejele* ngoba wayemthukuthelele kakhulu ngenxa yalokho ayekushilo. U-Asa waqala ukuphatha kabi nabanye abantu ngesikhathi esifanayo.
11 Umlando ka-Asa, kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ulotshwe eNcwadini Yamakhosi AkwaJuda Nawakwa-Israyeli. +
12 Ngonyaka ka-39 wokubusa kwakhe, u-Asa waqalwa isifo sezinyawo waze wagula kakhulu; ngisho nasekuguleni kwakhe akamfunanga uJehova kodwa wafuna abaphulukisi.
13 Ngemva kwalokho u-Asa washona + ngonyaka ka-41 wokubusa kwakhe.
14 Ngakho bamngcwaba endaweni yokungcwaba yobukhosi ayezilungisele yona eDolobheni LikaDavide, + bambeka ohlakeni olwalugcwele amafutha ebhalsamu nezinhlobo ezihlukahlukene zezithako ezazixutshiwe ukuze kwenziwe umuthi wekhethelo. + Ngaphezu kwalokho, bamenzela umlilo omkhulu.*
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ukuqinisa; ukwakha kabusha.”
^ Noma, “nesigodlo.”
^ Noma, “ukuqinisa; ukwakha kabusha.”
^ Noma, “yaqinisa; yakha kabusha.”
^ NgesiHebheru, “uncike.”
^ NgesiHebheru, “wangancika.”
^ Noma, “izinikele ngokuphelele.”
^ Noma, “ukusekela.”
^ NgesiHebheru, “esitokisini.”
^ Ngokusobala, kwakungewona owokushisa isidumbu sika-Asa kodwa kwakungowokushisa izithako.