uJobe 10:1-22

  • Impendulo kaJobe iyaqhubeka (1-22)

    • ‘Kungani uNkulunkulu elwa nami?’ (2)

    • UNkulunkulu uqhathaniswa noJobe ofayo (4-12)

    • ‘Sengathi ngingakhululeka’ (20)

10  “Ngiyakwenyanya ukuphila kwami. + Ngizosho izikhalazo zami. Ngizokhuluma nginosizi!   Ngizothi kuNkulunkulu: ‘Ungasho ukuthi nginecala. Ngitshele ukuthi kungani ulwa nami.   Kuyakuzuzisa yini ukungicindezela,Ukuzonda umsebenzi wezandla zakho +Ube usekela iseluleko sababi?   Unamehlo enyama yini,Noma ubona ngendlela umuntu ofayo abona ngayo?   Izinsuku zakho ziyafana yini nezinsuku zabantu abafayo,Noma ingabe iminyaka yakho iyafana neyomuntu, +   Ukuba ungafuna isiphambeko samiUqhubeke ufuna isono sami? +   Uyazi ukuthi anginaphutha; +Futhi akekho ongangisindisa esandleni sakho. +   Izandla zakho zingibumbile zangenza, +Kodwa manje uzongibhubhisa ngokuphelele.   Ngicela ukhumbule ukuthi wangenza ngobumba, +Kodwa manje ungibuyisela othulini. + 10  Awuzange yini ungithulule njengobisiFuthi ungenze njengoshizi? 11  Wangigqokisa isikhumba nenyama,Wangenza ngamathambo nangemisipha. + 12  Unginike ukuphila nothando oluqotho;Uqaphe umoya wami* ngothando lwakho. + 13  Kodwa ubuhlose ukwenza lezi zinto ngasese.* Ngiyazi ukuthi lezi zinto zivela kuwe. 14  Ukube ngonile ubuyongibona, +Ubungeke ungikhulule esiphambekweni sami. 15  Maye kimi uma nginecala! Ngisho noma ngimsulwa, angikwazi ukuphakamisa ikhanda lami, +Ngoba kimi kugcwele ukuhlazeka nenhlupheko. + 16  Uma ngiphakamisa ikhanda, ungizingela njengoba kwenza ibhubesi +Uphinde ubonise amandla akho ngokumelene nami. 17  Ungilethela ofakazi abasha bamelane namiUngithukuthelele kakhulu,Njengoba ngehlelwa ubunzima bulandelana. 18  Kanti wangikhiphelani esibelethweni sikamama? + Kufanele ngabe ngafa ngaphambi kokuba kube neso elingibonayo. 19  Bekuyoba sengathi angikaze ngibe khona;Bengiyovele ngisuswe esibelethweni ngiyiswe ethuneni.’ 20  Azikho mbalwa yini izinsuku zami? + Makangiyeke;Makasuse amehlo akhe kimi, ukuze ngikhululeke *+ 21  Ngaphambi kokuba ngihambe—futhi ngeke ngibuye +Ngiye ezweni elimnyama bhuqe, *+ 22  Ezweni lobumnyama obukhulu,Izwe lethunzi elimnyama nesiyaluyalu,Lapho ngisho nokukhanya kufana nobumnyama.”

Imibhalo yaphansi

Noma, “ukuphila kwami.”
NgesiHebheru, “Lezi zinto uzithukuse enhliziyweni yakho.”
Noma, “ngithi ukujabula kancane.”
Noma, “lobumnyama nethunzi lokufa.”