uJobe 10:1-22
10 “Ngiyakwenyanya ukuphila kwami. +
Ngizosho izikhalazo zami.
Ngizokhuluma nginosizi!
2 Ngizothi kuNkulunkulu: ‘Ungasho ukuthi nginecala.
Ngitshele ukuthi kungani ulwa nami.
3 Kuyakuzuzisa yini ukungicindezela,Ukuzonda umsebenzi wezandla zakho +Ube usekela iseluleko sababi?
4 Unamehlo enyama yini,Noma ubona ngendlela umuntu ofayo abona ngayo?
5 Izinsuku zakho ziyafana yini nezinsuku zabantu abafayo,Noma ingabe iminyaka yakho iyafana neyomuntu, +
6 Ukuba ungafuna isiphambeko samiUqhubeke ufuna isono sami? +
7 Uyazi ukuthi anginaphutha; +Futhi akekho ongangisindisa esandleni sakho. +
8 Izandla zakho zingibumbile zangenza, +Kodwa manje uzongibhubhisa ngokuphelele.
9 Ngicela ukhumbule ukuthi wangenza ngobumba, +Kodwa manje ungibuyisela othulini. +
10 Awuzange yini ungithulule njengobisiFuthi ungenze njengoshizi?
11 Wangigqokisa isikhumba nenyama,Wangenza ngamathambo nangemisipha. +
12 Unginike ukuphila nothando oluqotho;Uqaphe umoya wami* ngothando lwakho. +
13 Kodwa ubuhlose ukwenza lezi zinto ngasese.*
Ngiyazi ukuthi lezi zinto zivela kuwe.
14 Ukube ngonile ubuyongibona, +Ubungeke ungikhulule esiphambekweni sami.
15 Maye kimi uma nginecala!
Ngisho noma ngimsulwa, angikwazi ukuphakamisa ikhanda lami, +Ngoba kimi kugcwele ukuhlazeka nenhlupheko. +
16 Uma ngiphakamisa ikhanda, ungizingela njengoba kwenza ibhubesi +Uphinde ubonise amandla akho ngokumelene nami.
17 Ungilethela ofakazi abasha bamelane namiUngithukuthelele kakhulu,Njengoba ngehlelwa ubunzima bulandelana.
18 Kanti wangikhiphelani esibelethweni sikamama? +
Kufanele ngabe ngafa ngaphambi kokuba kube neso elingibonayo.
19 Bekuyoba sengathi angikaze ngibe khona;Bengiyovele ngisuswe esibelethweni ngiyiswe ethuneni.’
20 Azikho mbalwa yini izinsuku zami? + Makangiyeke;Makasuse amehlo akhe kimi, ukuze ngikhululeke *+
21 Ngaphambi kokuba ngihambe—futhi ngeke ngibuye +—Ngiye ezweni elimnyama bhuqe, *+
22 Ezweni lobumnyama obukhulu,Izwe lethunzi elimnyama nesiyaluyalu,Lapho ngisho nokukhanya kufana nobumnyama.”
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ukuphila kwami.”
^ NgesiHebheru, “Lezi zinto uzithukuse enhliziyweni yakho.”
^ Noma, “ngithi ukujabula kancane.”
^ Noma, “lobumnyama nethunzi lokufa.”