Eyokuqala YaMakhosi 14:1-31

  • Isiprofetho sika-Ahiya ngokumelene noJerobowamu (1-20)

  • URehobowamu uyabusa kwaJuda (21-31)

    • Ukuhlasela kukaShishaki (25, 26)

14  Ngaleso sikhathi u-Abhiya indodana kaJerobowamu wagula.  Ngakho uJerobowamu wathi kumkakhe: “Ngicela usuke, uzishaye omunye umuntu ukuze kungabonakali ukuthi ungumkami, uye eShilo. U-Ahiya umprofethi ulapho. Nguye owayethe ngiyoba yinkosi phezu kwalesi sizwe. +  Thatha izinkwa eziyishumi, amakhekhe nesigubhu soju, bese uya kuye. Yena uzokutshela ukuthi kuzokwenzekani kulo mfana.”  UmkaJerobowamu wenza kanjalo. Wasuka wahamba waya eShilo + emzini ka-Ahiya. U-Ahiya wayengasaboni, ngoba wayesemdala.  Kodwa uJehova wayemtshelile u-Ahiya wathi: “Umfazi kaJerobowamu uza kuwe uzobuza ngokuphathelene nendodana yakhe, ngoba iyagula. Ngizokutshela lokho okufanele ukusho kuye.* Lapho efika, uzozishaya omunye umuntu.”  Kwathi nje lapho u-Ahiya ezwa izigi zakhe njengoba ayengena emnyango, wathi: “Ngena, mfazi kaJerobowamu. Kungani uzenza omunye umuntu? Ngiyalwe ukuba ngidlulisele izindaba ezibuhlungu kuwe.  Hamba, uthi kuJerobowamu, ‘Yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: “Ngakuphakamisa phakathi kwabantu bakini, ukuze ngikwenze umholi phezu kwesizwe sami u-Israyeli. +  Ngawuhlwitha umbuso endlini kaDavide ngawunika wena. + Kodwa awuzange ube njengenceku yami uDavide, owagcina imiyalo yami nowangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe, owenza okulungile kuphela emehlweni ami. +  Kodwa wena wenze okubi kakhulu kunabo bonke ababengaphambi kwakho, uzenzele omunye unkulunkulu nezithombe zensimbi* ukuze ungicasule, + ungifulathelile. + 10  Ngenxa yaleso sizathu, ngiletha inhlekelele endlini kaJerobowamu, ngizobaqeda* bonke abesilisa* kuJerobowamu, kuhlanganise nongakwazi ukuzisiza nobuthakathaka kwa-Israyeli, ngizoyishanela yome geqe indlu kaJerobowamu, + njengalapho nje umuntu esusa ubulongwe buze buphele! 11  Noma ubani ongokaJerobowamu ofela edolobheni, uyodliwa yizinja; noma ubani ofela endle uyodliwa yizinyoni zezulu, ngoba uJehova useshilo.” ’ 12  “Manje sukuma uhambe uye kwakho. Lapho nje ulubeka unyawo edolobheni, umntwana uzofa. 13  Wonke u-Israyeli uzomlilela amngcwabe, ngoba nguye yedwa emndenini kaJerobowamu ozongcwatshwa, ngenxa yokuthi nguye kuphela endlini kaJerobowamu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli athole kuye okuthile okuhle. 14  UJehova uyozimisela inkosi phezu kuka-Israyeli eyoqothula* indlu kaJerobowamu + lapho lolo suku lufika, uma ethanda angakwenza ngisho namanje. 15  UJehova uyomshaya u-Israyeli abe njengomhlanga ontengantenga emanzini, uyomsiphula u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika okhokho bakhe, + uyomhlakazela ngaphesheya koMfula, *+ ngenxa yokuthi wazenzela izigxobo ezingcwele, *+ ecasula uJehova. 16  Uyomlahla u-Israyeli ngenxa yezono uJerobowamu azenzile nabangele u-Israyeli ukuba azenze.” + 17  UmkaJerobowamu wasukuma wahamba waze wafika eTiriza. Lapho ebeka unyawo lwakhe emnyango, umfana wafa. 18  Ngakho bamngcwaba, wonke u-Israyeli wamlilela, ngokuvumelana nezwi likaJehova ayelikhulume ngenceku yakhe u-Ahiya umprofethi. 19  Wonke omunye umlando kaJerobowamu, indlela alwa + ngayo nendlela abusa ngayo, ulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli. 20  Isikhathi* uJerobowamu asibusa kwaba yiminyaka engu-22, ngemva kwalokho wangcwatshwa kanye nokhokho bakhe; + uNadabi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. + 21  Phakathi naleso sikhathi, uRehobowamu indodana kaSolomoni wayebe yinkosi kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engu-41 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-17 eJerusalema, idolobha uJehova ayelikhethile + kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli ukuba libe indawo azobeka kuyo igama lakhe. + Igama likamama kaRehobowamu kwakunguNahama umAmonikazi. + 22  UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, + futhi ngezono abazenza bamcasula ngaphezu kwalokho okwakwenziwe okhokho babo. + 23  Nabo bazakhela izindawo eziphakeme, izinsika ezingcwele nezigxobo ezingcwele *+ phezu kwawo wonke amagquma aphakeme + nangaphansi kwazo zonke izihlahla ezikhephuzelayo. + 24  Kwakukhona ngisho nezifebe zesilisa zasethempelini ezweni. + Benza zonke izinto ezinengekayo zezizwe uJehova ayezixoshile phambi kwama-Israyeli. 25  Ngonyaka wesihlanu weNkosi uRehobowamu, uShishaki + inkosi yaseGibhithe wakhuphuka wahlasela iJerusalema. + 26  Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu* yenkosi. + Wathatha yonke into kanye nawo wonke amahawu egolide uSolomoni ayewenzile. + 27  Ngakho iNkosi uRehobowamu yenza amahawu ethusi esikhundleni sawo, yawaphathisa izinduna zonogada,* ababegada emnyango wendlu yenkosi. 28  Kwakuthi njalo lapho inkosi iza endlini kaJehova, onogada bawaphathe, kamuva bawabuyisele egunjini lonogada. 29  Wonke omunye umlando kaRehobowamu, konke akwenza, ulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwaJuda. + 30  Kwakuhlale kunempi phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu. + 31  Ngemva kwalokho uRehobowamu washona wangcwatshwa nokhokho bakhe eDolobheni LikaDavide. + Igama likanina kwakunguNahama umAmonikazi. + U-Abhiyamu* indodana yakhe + waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Imibhalo yaphansi

Noma, “Uyokhuluma kanje nakanje kuye.”
Noma, “ezenziwe ngokuncibilikisiwe.”
NgesiHebheru, “ngizobanquma.”
NgesiHebheru, “bonke abachamela udonga.” Inkulumo yesiHebheru yokwedelela ebhekisela kwabesilisa.
NgesiHebheru, “eyonquma.”
Okuwukuthi, i-Ewufrathe.
NgesiHebheru, “Izinsuku.”
Noma, “yesigodlo.”
NgesiHebheru, “zabagijimi.”
Ubizwa nangokuthi u-Abhiya.