Eyokuqala YaMakhosi 6:1-38

  • USolomoni wakha ithempeli (1-38)

    • Ikamelo elingaphakathi (19-22)

    • Amakherubi (23-28)

    • Okuqoshiwe, izicabha, igceke elingaphakathi (29-36)

    • Ukwakhiwa kwethempeli kuyaphela ngemva kweminyaka engaba yisikhombisa (37, 38)

6  Ngonyaka ka-480 ngemva kokuba ama-Israyeli* ephume ezweni laseGibhithe, + ngonyaka wesine ngemva kokuba uSolomoni ebe yinkosi phezu kuka-Israyeli, ngenyanga kaZivi *+ (okungukuthi, inyanga yesibili), uSolomoni waqala ukwakha indlu kaJehova. *+  Indlu iNkosi uSolomoni eyayakhela uJehova yayiyizingalo ezingu-60* ubude, iyizingalo ezingu-20 ububanzi nezingalo ezingu-30 ukuphakama. +  Umpheme + ongaphambili ethempelini* wawuyizingalo ezingu-20 ubude,* ulingana nobubanzi bendlu.* Wawuyizingalo eziyishumi uma uwukala usuka phambi kwendlu.  Indlu wayenzela izikhala zamafasitela ezibanzi ngaphakathi bese ziya ngokuya zincipha ngaphandle. +  Ngaphezu kwalokho, wakha isakhiwo esiseceleni odongeni lwendlu; sasizungeza izindonga zendlu, ezethempeli* nezekamelo elingaphakathi, + wenza amagumbi aseceleni nxazonke. +  Isitezi esiphansi samagumbi aseceleni sasiyizingalo ezinhlanu ububanzi, isitezi esiphakathi nendawo siyizingalo eziyisithupha ububanzi, isitezi sesithathu siyizingalo eziyisikhombisa ububanzi, ngoba wenza udonga lwaba nezindawo okuzohlala kuzo amapulangwe ayezohlukanisa izitezi. Ngaleyo ndlela kwakungekho lutho oluncike ezindongeni zendlu. +  Indlu yakhiwa ngamatshe asenkwalini ayesesikiwe kakade, + okwenza kwangezwakala msindo wezando noma wezimbazo nowanoma yimaphi amathuluzi ensimbi ngesikhathi indlu yakhiwa.  Umnyango wesitezi esiphansi samagumbi aseceleni wawusohlangothini oluseningizimu* yendlu, + kwakunezitebhisi ezinyukela esitezi esiphakathi, bese zisuka esitezi esiphakathi ziye esitezi sesithathu.  Waqhubeka nokwakha indlu waze wayiqeda, + wafulela indlu ngezingodo zomsedari nangamapulangwe omsedari. + 10  Wakha amagumbi asemaceleni nxazonke zendlu, + igumbi ngalinye laliyizingalo ezinhlanu ukuphakama, ayexhumene nendlu ngezingodo zomsedari. 11  Phakathi naleso sikhathi, izwi likaJehova lafika kuSolomoni, lathi: 12  “Ngokuqondene nale ndlu oyakhayo, uma uhamba ngemithetho yami wenze ngokuvumelana nezahlulelo zami, ugcine yonke imiyalo yami ngokuhamba kuyo, + nami ngizosigcina isithembiso sami engasenza kuDavide uyihlo, + 13  ngizohlala phakathi kwama-Israyeli, + ngeke ngisishiye isizwe sami u-Israyeli.” + 14  USolomoni waqhubeka akha indlu ukuze ayiqede. 15  Wahlobisa izindonga zangaphakathi zendlu ngamapulangwe omsedari, kusukela phansi kuze kube sophahleni, phansi endlini wafaka amapulangwe omjunipha. + 16  Wenza igumbi eliyizingalo ezingu-20 engxenyeni engemuva yendlu ngamapulangwe omsedari, kusukela phansi kuze kube sophahleni, ngaphakathi kwalo wenza ikamelo elingaphakathi, + iNgcwelengcwele. + 17  Ithempeli *+—okuyingxenye yendlu engaphambi kweNgcwelengcwele—laliyizingalo ezingu-40. 18  Umsedari owawungaphakathi endlini wawuqoshwe imifanekiso yamaselwa + neyezimbali eziqhakazile. + Konke kwakuwumsedari; kwakungekho tshe. 19  Walungisa ikamelo elingaphakathi + endlini, ukuze abeke kulo umphongolo wesivumelwano sikaJehova. + 20  Ikamelo elingaphakathi laliyizingalo ezingu-20 ubude, liyizingalo ezingu-20 ububanzi, liyizingalo ezingu-20 ukuphakama; + walinameka ngegolide elihlanzekile; washayelela lonke i-altare + ngomsedari. 21  USolomoni wanameka ingaphakathi lendlu ngegolide elingaxutshiwe, + wabeka amaketanga egolide anqamula phambi kwekamelo elingaphakathi + elalinanyekwe ngegolide. 22  Yonke indlu wayinameka ngegolide, waze wayiqeda yonke indlu; wanameka nalo lonke i-altare + elalingasekamelweni elingaphakathi ngegolide. 23  Ekamelweni elingaphakathi wenza amakherubi amabili + ngokhuni lwesihlahla sonwele,* ngalinye liyizingalo eziyishumi ukuphakama. + 24  Iphiko elilodwa lekherubi laliyizingalo ezinhlanu nelinye iphiko liyizingalo ezinhlanu. Ukusuka kwesinye isihloko sephiko kuya kwesinye isihloko sephiko kwakuyizingalo eziyishumi. 25  Ikherubi lesibili nalo laliyizingalo eziyishumi. Womabili la makherubi ayelingana futhi efana. 26  Ukuphakama kwelinye ikherubi kwakuyizingalo eziyishumi, njengoba kwakunjalo nangelinye ikherubi. 27  Ngemva kwalokho wabeka la makherubi + ngaphakathi eNgcwelengcwele. Amaphiko amakherubi ayelulekile kangangokuba iphiko lelinye ikherubi lalifinyelela odongeni, nephiko lelinye ikherubi lifinyelele kolunye udonga; amaphiko awo ayeluleka afinyelele maphakathi nendlu okwakwenza ukuba amaphiko athintane. 28  La makherubi wawanameka ngegolide. 29  Kuzo zonke izindonga zendlu nxazonke ekamelweni elingaphakathi nelingaphandle,* waqopha imifanekiso yamakherubi, + imidwebo yezihlahla zesundu + nemifanekiso yezimbali eziqhakazile. + 30  Phansi endlini wanameka ngegolide, ekamelweni elingaphakathi nelingaphandle. 31  Umnyango wekamelo elingaphakathi wawenzela izicabha ezimbili zokhuni lwesihlahla sonwele, izinsika ezisemaceleni nezinsika zeminyango, okuyingxenye yesihlanu.* 32  Izicabha ezimbili zazenziwe ngokhuni lwesihlahla sonwele, waqopha kuzo imifanekiso yamakherubi, imidwebo yezihlahla zesundu, nemifanekiso yezimbali eziqhakazile, wakunameka ngegolide; washayelela igolide phezu kwamakherubi nemidwebo yezihlahla zesundu. 33  Wazenza kanjalo izinsika zomnyango zokhuni lwesihlahla sonwele enzela umnyango wethempeli,* ongowengxenye yesine.* 34  Wenza izicabha ezimbili ngokhuni lomjunipha. Esinye isicabha sasisongeka kabili nesinye isicabha sisongeka kabili. + 35  Waqopha imifanekiso yamakherubi, eyezihlahla zesundu neyezimbali eziqhakazile, wanameka igolide phezu kwayo. 36  Wakha igceke elingaphakathi + ngezinhlu ezintathu zamatshe asikiwe nangohlu lwezingodo zomsedari. + 37  Ngonyaka wesine, ngenyanga kaZivi,* isisekelo sendlu kaJehova sabekwa; + 38  ngonyaka weshumi nanye, ngenyanga kaBuli,* (okungukuthi, ngenyanga ka-8), kwaphela ukwakhiwa kwendlu ngokuvumelana nayo yonke imininingwane yokwakhiwa kwayo nomklamo wayo. + Ngakho kwamthatha iminyaka eyisikhombisa ukuyakha.

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “amadodana ka-Israyeli.”
Ingalo yayilingana no-44,5 cm. Bheka iSithasiselo B14.
NgesiHebheru, “ithempeli lendlu.”
Noma, “ububanzi.”
Noma, “wawuyizingalo ezingu-20 unqamula ububanzi bendlu.”
Lapha kukhulunywa ngeNgcwele.
NgesiHebheru, “olungakwesokudla.”
Okuwukuthi, iNgcwele, eyayiphambi kweNgcwelengcwele.
NgesiHebheru, “lwesihlahla sikawoyela,” okungenzeka ukuthi uhlobo lwesihlahla sonwele.
NgesiHebheru, “ngaphakathi nangaphandle.”
Kungenzeka kubhekisela ekwakhiweni kwezinsika zomnyango noma ubukhulu beminyango.
Lapha kukhulunywa ngeNgcwele.
Kungenzeka kubhekisela ekwakhiweni kwezinsika zomnyango noma ubukhulu beminyango.