Eyokuqala YaMakhosi 17:1-24

  • Umprofethi u-⁠Eliya ubikezela isomiso (1)

  • U-Eliya wondliwa amagwababa (2-7)

  • U-Eliya uvakashela umfelokazi waseZarefati (8-16)

  • Indodana yomfelokazi iyafa bese iyavuswa (17-24)

17  Manje u-Eliya *+ waseThishibi eGileyadi + wathi ku-Ahabi: “Ngifunga uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli engimkhonzayo,* ngeke abe khona amazolo noma imvula kule minyaka, ngaphandle kokuba kuphume izwi emlonyeni wami!” +  Izwi likaJehova lafika kuye, lathi:  “Suka lapha, uye empumalanga ufike ucashe eSigodini SaseKheriti,* empumalanga yeJordani.  Kufanele uphuze emfuleni, ngizoyala amagwababa ukuba akunike ukudla lapho.” +  Ngaso leso sikhathi wahamba wenza ngokwezwi likaJehova; wahamba wahlala ngaseSigodini SaseKheriti,* empumalanga yeJordani.  Amagwababa ayemlethela isinkwa nenyama ekuseni nesinkwa nenyama kusihlwa, amanzi wayewaphuza emfuleni. +  Kodwa ngemva kwezinsuku ezithile, umfula woma + ngoba kwakungekho mvula ezweni.  Izwi likaJehova lafika kuye, lathi:  “Suka uye eZarefati, eSidoni, uhlale khona. Ngizoyala umfelokazi lapho ukuba akunike ukudla.” + 10  Ngakho wasuka waya eZarefati. Lapho efika esangweni ledolobha, wathola umfelokazi etheza izinkuni. Ngakho wathi kuye: “Ngicela ungiphe amanzi okuphuza.” + 11  Lapho ehamba ethi uyowalanda, wathi kuye: “Ngicela ungiphathele nocezu lwesinkwa.” 12  Owesifazane waphendula wathi: “Ngifunga uJehova uNkulunkulu wakho, anginaso isinkwa, nginenkeshezana kafulawa kuphela embizeni enkulu namafutha amancane embizeni encane. + Manje ngitheza izinkuni ezimbalwa, ngizongena ngizenzele okuthile mina nendodana yami. Lokhu kuzoba ukudla kwethu kokugcina, ngemva kwalokho sizofa.” 13  U-Eliya wathi kuye: “Ungesabi. Ngena, wenze njengoba ushilo. Kodwa qala ngokwenzela mina isinkwa esiyindilinga ngalokho onakho usilethe kimi. Ngemva kwalokho ungazenzela okuthile wena nendodana yakho. 14  Ngoba yilokhu uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli akushoyo: ‘Imbiza enkulu kafulawa ngeke iphele, nembiza encane yamafutha ngeke iphele kuze kube usuku uJehova ayonisa ngalo imvula phezu komhlaba.’ ” + 15  Ngakho wahamba wenza ngokwezwi lika-Eliya, waqhubeka edla, yena nendodana yakhe no-Eliya, izinsuku eziningi. + 16  Imbiza enkulu kafulawa ayizange iphele nembiza encane yamafutha ayizange iphele, ngokwezwi likaJehova ayelikhulume ngo-Eliya. 17  Ngemva kwalezi zinto indodana yalona wesifazane owayengumninindlu, yagula kakhulu yaze yafa. + 18  Owesifazane wathi ku-Eliya: “Ngenzeni kuwe,* muntu kaNkulunkulu weqiniso? Ingabe uzele ukuzongikhumbuza izono zami nokuzobulala indodana yami?” + 19  Kodwa wathi kuye: “Yilethe lapha indodana yakho.” Ngakho wayithatha ezandleni zakhe wenyukela nayo egumbini elisophahleni, lapho ayehlala khona, wayibeka phezu kombhede wakhe. + 20  Wakhuleka kuJehova wathi: “O Jehova Nkulunkulu wami, + ingabe uletha usizi nakulo mfelokazi engihlala kwakhe ngokuvumela ukuba indodana yakhe ife?” 21  Ngemva kwalokho wazelulela phezu komntwana kathathu wabiza uJehova wathi: “O Jehova Nkulunkulu wami, ngiyacela, yenza ukuba lo mntwana aphinde aphile.” 22  UJehova wawulalela umkhuleko ka-Eliya, + umntwana wavuka ekufeni. + 23  U-Eliya wathatha umntwana wehla naye esuka egumbini elisophahleni wamyisa endlini wafike wamnika unina; u-Eliya wathi: “Bheka, indodana yakho iyaphila.” + 24  Lona wesifazane wathi ku-Eliya: “Manje sengiyazi ukuthi ngempela ungumuntu kaNkulunkulu + nokuthi izwi likaJehova olikhulumile liyiqiniso.”

Imibhalo yaphansi

Incazelo: “UNkulunkulu Wami NguJehova.”
NgesiHebheru, “engimi phambi kwakhe.”
Noma, “eMhosheni WaseKheriti.”
Noma, “ngaseMhosheni WaseKheriti.”
Noma, “Yini engihlanganisa nawe, . . . ?”