Eyesibili KwabaseKorinte 7:1-16

  • Masizihlanze ekungcoleni (1)

  • Injabulo kaPawulu ngabaseKorinte (2-4)

  • UThithu uletha umbiko omuhle (5-7)

  • Ukudabuka nokuphenduka ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu (8-16)

7  Ngakho-ke, njengoba sinalezi zithembiso, + bathandekayo, masizihlanze kukho konke ukungcola kwenyama nokomoya, + siphelelisa ubungcwele ekwesabeni uNkulunkulu.  Sivuleleni indawo ezinhliziyweni zenu. + Asonanga muntu, asonakalisanga muntu, asisizakalanga ngamuntu. +  Lokhu angikusho ukuze nginilahle. Ngoba ngishilo ngaphambili ukuthi nisezinhliziyweni zethu ukuze nife kanye nathi futhi niphile kanye nathi.  Nginenkululeko enkulu yokukhuluma kini. Ngiziqhayisa kakhulu ngani. Ngigcwele induduzo; ngichichima injabulo kukho konke ukuhlupheka kwethu. +  Eqinisweni, ngesikhathi sifika eMakedoniya, + imizimba yethu ayiyitholanga impumuzo, kodwa saqhubeka sihlupheka ngazo zonke izindlela—kwakukhona ukulwa ngaphandle, ukwesaba ngaphakathi.  Kodwa uNkulunkulu oduduza labo abadangele, + wasiduduza ngokuba khona kukaThithu;  hhayi ngokuba khona kwakhe kuphela, kodwa nangenduduzo ayeyithole ngenxa yenu, njengoba asibikela ngokuthi niyangilangazelela, ngokudabuka kwenu okukhulu, nangokungikhathalela kwenu okungenabuzenzisi;* ngakho ngajabula nakakhulu.  Ngakho ngisho noma nganidabukisa ngencwadi yami, + angizisoli ngakho. Ngisho noma ngazisola ngakho ekuqaleni (lapho ngibona ukuthi leya ncwadi yanidabukisa, nakuba kwaba okwesikhashana nje),  manje sengiyajabula, hhayi nje ngenxa yokuthi nadabuka, kodwa ngenxa yokuthi nadabuka naphenduka. Ngoba nadabuka ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu, kangangokuthi anilimalanga ngenxa yethu. 10  Ngoba ukudabuka ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu kuveza ukuphenduka okuholela ensindisweni, okwenza kungabi bikho ukuzisola; + kodwa ukudabuka kwezwe kuveza ukufa. 11  Ngoba bhekani ukuthi ukudabuka kwenu ngendlela yokuhlonipha uNkulunkulu kuveze inkuthalo enkulu kangakanani kini, yebo, ukuzihlangula kwenu, intukuthelo, ukwesaba, isifiso esijulile, intshiseko, ukulungisa okungalungile! + Kuzo zonke izici nazibonakalisa nimsulwa* kule ndaba. 12  Nakuba nganibhalela, anginibhalelanga ngenxa yalowo owonile, + noma ngenxa yalowo owoniwe, kodwa ukuze inkuthalo yenu ngathi ibe sobala phakathi kwenu emehlweni kaNkulunkulu. 13  Yingakho siye saduduzeka. Kodwa ngaphezu kwenduduzo yethu, sajabula ngisho nangokwengeziwe ngenxa yenjabulo kaThithu, ngoba nonke namkhuthaza. 14  Ngoba uma ngiziqhayisile ngani kuye, angihlazekanga; kodwa njengoba zonke izinto esanitshela zona ziyiqiniso, kanjalo nokuziqhayisa kwethu kuThithu kube yiqiniso. 15  Indlela anithanda ngayo nayo inkulu kakhulu njengoba ekhumbula ukulalela kwenu nonke, + indlela enamamukela ngayo ngokwesaba nangokuthuthumela. 16  Ngiyajabula ngoba kuzo zonke izinto enizenzayo ngiyakhuthazeka* ngenxa yenu.

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “nangentshiseko yenu.”
Noma, “nihlanzekile; ningenasici.”
Noma kungaba, “ngingaba nesibindi.”