Eyesibili KwabaseKorinte 13:1-14

  • Izixwayiso nezikhuthazo zokugcina (1-14)

    • “Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini” (5)

    • Qhubekani nilungiswa; cabangani ngokuvumelana (11)

13  Sekungokwesithathu ngiza kini. “Zonke izindaba kumelwe ziqinisekiswe* ngobufakazi* babantu ababili noma abathathu.” +  Nakuba ngingekho manje, kunjengokungathi ngikhona okwesibili, ngibaxwayisa kusengaphambili labo abona ngaphambili nabo bonke abanye, ngithi uma kwenzeka ngiphinda ngiza akekho oyosinda esiyalweni,  njengoba nifuna ubufakazi bokuthi uKristu, ongebuthakathaka kini kodwa onamandla phakathi kwenu, ukhuluma ngami ngempela.  Ngoba ngempela, wabulawelwa esigxotsheni ngenxa yobuthakathaka, kodwa uyaphila ngenxa yamandla kaNkulunkulu. + Yiqiniso, nathi sibuthakathaka kanye naye, kodwa siyophila kanye naye + ngenxa yamandla kaNkulunkulu kini. +  Qhubekani nihlola ukuthi nisokholweni yini; qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho. + Noma aniboni yini ukuthi uJesu Kristu umunye nani? Ngaphandle-ke uma ningamukeleki.  Ngempela nginethemba lokuthi nizobona ukuthi asibona abangamukeleki.  Sithandaza kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, hhayi ukuba thina sibonakale samukelekile, kodwa ukuba nenze okuhle, ngisho noma thina singase sibonakale singamukeleki.  Ngoba asinakwenza lutho olumelene neqiniso, kodwa sizothuthukisa iqiniso kuphela.  Ngokuqinisekile, siyajabula noma nini lapho thina sibuthakathaka kodwa nina ninamandla. Nakhu esikuthandazelayo, ukulungiswa kwenu. 10  Yingakho ngibhala lezi zinto lapho ngingekho, ukuze kuthi uma sengikhona, ngingalisebenzisi ngokhahlo igunya iNkosi eyanginika lona, + ukuba ngakhe hhayi ukuba ngidilize. 11  Okokugcina bazalwane, qhubekani nijabula, nilungiswa, niduduzwa, + nicabanga ngokuvumelana, + niphila ngokuthula; + khona-ke uNkulunkulu wothando nokuthula + uyoba nani. 12  Bingelelanani ngokuqabulana okungcwele. 13  Bonke abangcwele bayakhonza kini. 14  Umusa omkhulu weNkosi uJesu Kristu nothando lukaNkulunkulu nomoya ongcwele enizuza kuwo makube nani nonke.

Imibhalo yaphansi

Noma, “ziqiniswe.”
NgesiGreki, “ngomlomo wofakazi.”