Eyesibili KwabaseKorinte 3:1-18

  • Izincwadi zokwethula (1-3)

  • Izikhonzi zesivumelwano esisha (4-6)

  • Inkazimulo enkulu yesivumelwano esisha (7-18)

3  Ingabe kufanele sizethule futhi kini? Noma ingabe sidinga izincwadi ezisethula kini noma ezivela kini?  Nina ngokwenu niyincwadi yethu, + elotshwe ezinhliziyweni zethu eyaziwa futhi efundwa isintu sonke.  Ngoba niyincwadi kaKristu elotshwe yithi njengezikhonzi, + engalotshwanga ngoyinki kodwa ngomoya kaNkulunkulu ophilayo, hhayi ematsheni ayizicaba + kodwa ematsheni ayizicaba enyama, ezinhliziyweni. +  Sinalolu hlobo lokuqiniseka kuNkulunkulu ngoKristu.  Akukhona ukuthi thina ngokwethu sikufanelekela ngokwanele ukubheka noma yini njengevela kithi, kodwa ukufaneleka kwethu ngokwanele kuvela kuNkulunkulu, +  lowo ngempela osenze sakufanelekela ngokwanele ukuba izikhonzi zesivumelwano esisha, + esingesona esomthetho olotshiwe, + kodwa esomoya; ngoba umthetho olotshiwe ugwebela ekufeni, + kodwa umoya uyaphilisa. +  Uma umthetho oletha isigwebo sokufa nowawuqoshwe ematsheni + ngezinhlamvu waba khona ngenkazimulo enkulu, kangangokuthi abantwana bakwa-Israyeli abakwazanga ukubuka ubuso bukaMose ngenxa yenkazimulo yobuso bakhe, + inkazimulo eyayizoqedwa,  kungani umsebenzi womoya + ungenakuba nenkazimulo enkulu nakakhulu? +  Ngoba uma umthetho ogweba abantu ukuba bafe + unenkazimulo, + umsebenzi oholela ekulungeni unenkazimulo enkulu nakakhulu kangakanani-ke! + 10  Eqinisweni, ngisho nalokho okwake kwenziwa kwakhazimula akusenayo inkazimulo, ngenxa yenkazimulo ekudlulayo. + 11  Ngoba uma lokho okwakuzoqedwa kwalethwa ngenkazimulo, + iyoba nkulu kangakanani-ke inkazimulo yalokho okuhlalayo! + 12  Njengoba sinethemba elinjalo, + sisebenzisa inkululeko enkulu yokukhuluma, 13  asenzi lokhu uMose akwenza lapho emboza ubuso bakhe ngomgubuzelo, + ukuze abantwana bakwa-Israyeli bangabukisisi ekupheleni kwalokho okwakuzoqedwa. 14  Kodwa izingqondo zabo zathuntubezeka. + Ngoba kuze kube namuhla, wona lowo mgubuzelo usahleli ungasusiwe lapho kufundwa isivumelwano esidala, + ngoba ususwa ngoKristu kuphela. + 15  Eqinisweni, kuze kube namuhla noma nini lapho kufundwa izincwadi zikaMose, + umgubuzelo uphezu kwezinhliziyo zabo. + 16  Kodwa lapho umuntu ephendukela kuJehova,* umgubuzelo uyasuswa. + 17  UJehova* unguMoya, + lapho kunomoya kaJehova* khona, kukhona inkululeko. + 18  Futhi thina sonke, lapho sibonakalisa inkazimulo kaJehova* njengezibuko ngobuso obungagutshuzelwe, siguqulelwa emfanekisweni ofanayo kusuka enkazimulweni kuya kwenye inkazimulo,* njengoba nje kwenza uJehova* uMoya. *+

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “enkazimulweni kuya enkazimulweni.”
Noma kungaba, “kwenziwa ngomoya kaJehova.”