IsiZulu
Okushiwo YiBhayibheli NgoMesiya
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/102015046/univ/art/102015046_univ_sqr_xl.jpg

UMBONO WEBHAYIBHELI

UMesiya

UMesiya

IBhayibheli labikezela ukuthi uMesiya wayeyokuza emhlabeni futhi akhulule abantu ekuguleni, ekuhluphekeni nasekufeni. Ingabe uJesu Kristu wayenguye lowo Mesiya?

Abantu babeyombona kanjani uMesiya?

Ngokweziprofetho zeBhayibheli, uMesiya noma uKristu wayeyokuza ngezindlela ezimbili ezingefani ezihlukaniswe inkathi ende yesikhathi. * Okokuqala, wayeyokuza engumuntu. Ukuze abonakale ngokucacile, abalobi beBhayibheli babikezela izici eziningi zokuphila kwakhe nenkonzo yakhe. Eqinisweni, umgomo oyinhloko weziprofetho zeBhayibheli ‘uwukufakaza ngoJesu.’—IsAmbulo 19:10.

Ngesikhathi engumuntu, uJesu wakwenza ngezinga elincane lokho azokwenza emhlabeni wonke njengesidalwa somoya esinamandla

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

UMesiya . . .

UJesu wazigcwalisa zonke lezo ziprofetho kanye nezinye eziningi. Waphinde welapha abagulayo, wavusa nabafileyo. Ngakho akagcinanga ngokusinikeza ubufakazi obengeziwe bokuthi unguMesiya, kodwa wasinika nesisekelo esiqinile sokuba nokholo ezithembisweni zeBhayibheli zezinto ayozenza emhlabeni wonke esikhathini esizayo. (Luka 7:21-23; IsAmbulo 21:3, 4) Ngemva kokuvuswa kwakhe, wahlala “ngakwesokunene” sikaNkulunkulu, elinde isikhathi sokuqedela umsebenzi wakhe njengoMesiya.—IHubo 110:1-6.

“Lapho uKristu efika, ngeke enze izibonakaliso ezingaphezu kwalezi ezenziwe yilo muntu, akunjalo?”—Johane 7:31.

UMesiya uyowuqedela kanjani umsebenzi wakhe?

AmaJuda angosuku lukaJesu ayelindele ukuba uMesiya awakhulule ngaphansi koMbuso wamaRoma nokuba abuse embusweni ka-Israyeli obuyiselwe. (IzEnzo 1:6) Abalandeli bakaJesu abangamaJuda baze bakuqonda kamuva ukuthi wayeyoqedela indima yakhe esezulwini njengesidalwa esinamandla somoya esinikezwe igunya elikhulu.—Mathewu 28:18.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Endimeni yakhe yesibili, uMesiya . . .

UJesu wayifeza indima yakhe yokuqala njengoMesiya. Uyoyifeza neyesibili. Ngakho, abahlakaniphileyo bayafundisisa ngaye ngoba wathi: “Mina ngiyindlela neqiniso nokuphila.”—Johane 14:6.

“Ezinsukwini zayo olungile uyohluma, kanye nokuchichima kokuthula ize ingabe isaba khona inyanga. Iyoba nezikhonzi . . . kuze kube semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 72:7, 8.

^ isig. 5 Igama elithi, “Mesiya” livela olimini lwesiHebheru. Elithi, “Kristu” nalo kuseyigama elifanayo kodwa livela olimini lwesiGreki.—Johane 1:41.

^ isig. 7 UmBhalo wokuqala kulolu hlu ubhekisela esiprofethweni; owesibili ubhekisela ekugcwalisekeni kwaso.