U-Isaya 53:1-12

  • Ukuhlupheka, ukufa nokungcwatshwa kwenceku kaJehova (1-12)

    • Wadelelwa futhi wagwenywa (3)

    • Uthwala ukugula nezinhlungu (4)

    • ‘Njengemvu eyohlatshwa’ (7)

    • Wathwala isono sabaningi (12)

53  Ubani obe nokholo entweni ayizwe ngathi? *+ Ingalo kaJehova + yambulelwe bani? +   Inceku iyovela njengehlumela + phambi kwakhe,* nanjengempande ezweni elingenamanzi. Ayinaso isithunzi futhi ayikhazimuli; +Indlela ebukeka ngayo ayisenzi sisondele kuyo uma siyibona.*   Wadelelwa wagwenywa ngabantu, +Umuntu okwakumelwe ezwe* ubuhlungu, owayejwayelene nokugula. Kwakunjengokungathi ubuso bakhe babufihliwe kithi.* Wadelelwa, futhi sambheka njengongento yalutho. +   Ngempela yena wathwala ukugula kwethu, +Nezinhlungu zethu. + Kodwa sambheka njengoshaywe ngenhlupho, oshaywe uNkulunkulu nohlushwayo.   Wahlatshwa + ngenxa yesiphambeko sethu; +Wahlukunyezwa kakhulu ngenxa yezono zethu. + Wathwala isijeziso ukuze sibe nokuthula, +Ngenxa yamanxeba akhe selashwa. +   Sonke siye sanhlanhlatha njengezimvu, +Ngamunye wahamba endleleni yakhe,UJehova ubangele ukuba athwale sonke isono sethu. +   Wacindezelwa, + wavuma ukuba ahlushwe, +Kodwa wayengawuvuli umlomo wakhe. Walethwa njengemvu izohlatshwa, +Njengemvu ethule phambi kwabagundi bayo,Wayengathi vu ngomlomo wakhe. +   Ngenxa yokucindezelwa* nokwahlulelwa, ukuphila kwakhe kwasuswa;*Ubani oyozikhathaza ngemininingwane yesizukulwane sakhe?* Ngoba wanqunywa ezweni labaphilayo; +Wathola umvimbo* ngenxa yesono sabantu bakithi. +   Ingcwaba lakhe lalabelwe ukuba libe* kanye nababi, +Wangcwatshwa kanye nezicebi, +Nakuba ayengenzanga lutho olubi*Kungekho nkohliso emlonyeni wakhe. + 10  Kodwa kwakuyintando kaJehova ukuba* ahlukunyezwe, wamyeka wagula. Uma uyonikela ukuphila kwakhe njengomnikelo wecala, +Uyobona inzalo* yakhe, andise izinsuku zakhe, +Ngaye intando kaJehova iyogcwaliseka. *+ 11  Ngenxa yosizi analo, uyobona aneliseke. Ngolwazi lwakhe olungile, inceku yami, +Uyoholela abantu abaningi ekulungeni +Athwale nezono zabo. + 12  Ngaleso sizathu ngizomabela isabelo phakathi kwabaningi,Uyohlukanisa impango nabanamandla,Ngenxa yokuthi wathulula ukuphila kwakhe ngisho nasekufeni +Wabalwa kanye nezeqamthetho; +Wathwala isono sabantu abaningi, +Walamulela izeqamthetho. +

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “esiyizwile?”
Igama elithi “kwakhe” lingabhekisela kumuntu obukayo noma kuNkulunkulu.
Noma, “Ayinakho ukubonakala okukhethekile okungasenza siyifise.”
Noma kungaba, “Wayenjengomuntu abantu ababemfihlela ubuso babo.”
Noma, “owayebuqonda.”
Noma, “yokuvinjelwa.”
NgesiHebheru, “wasuswa.”
Noma, “yendlela yakhe yokuphila.”
Noma, “Wabulawa.”
Noma, “Othile uyonikela ngendawo yakhe yokungcwaba.”
Noma, “budlova.”
Noma, “injabulo kaJehova iyophumelela.”
NgesiHebheru, “imbewu.”
Noma, “Kodwa uJehova wajabula ngokuba.”