U-Isaya 53:1-12
53 Ubani obe nokholo entweni ayizwe ngathi? *+
Ingalo kaJehova + yambulelwe bani? +
2 Inceku iyovela njengehlumela + phambi kwakhe,* nanjengempande ezweni elingenamanzi.
Ayinaso isithunzi futhi ayikhazimuli; +Indlela ebukeka ngayo ayisenzi sisondele kuyo uma siyibona.*
3 Wadelelwa wagwenywa ngabantu, +Umuntu okwakumelwe ezwe* ubuhlungu, owayejwayelene nokugula.
Kwakunjengokungathi ubuso bakhe babufihliwe kithi.*
Wadelelwa, futhi sambheka njengongento yalutho. +
4 Ngempela yena wathwala ukugula kwethu, +Nezinhlungu zethu. +
Kodwa sambheka njengoshaywe ngenhlupho, oshaywe uNkulunkulu nohlushwayo.
5 Wahlatshwa + ngenxa yesiphambeko sethu; +Wahlukunyezwa kakhulu ngenxa yezono zethu. +
Wathwala isijeziso ukuze sibe nokuthula, +Ngenxa yamanxeba akhe selashwa. +
6 Sonke siye sanhlanhlatha njengezimvu, +Ngamunye wahamba endleleni yakhe,UJehova ubangele ukuba athwale sonke isono sethu. +
7 Wacindezelwa, + wavuma ukuba ahlushwe, +Kodwa wayengawuvuli umlomo wakhe.
Walethwa njengemvu izohlatshwa, +Njengemvu ethule phambi kwabagundi bayo,Wayengathi vu ngomlomo wakhe. +
8 Ngenxa yokucindezelwa* nokwahlulelwa, ukuphila kwakhe kwasuswa;*Ubani oyozikhathaza ngemininingwane yesizukulwane sakhe?*
Ngoba wanqunywa ezweni labaphilayo; +Wathola umvimbo* ngenxa yesono sabantu bakithi. +
9 Ingcwaba lakhe lalabelwe ukuba libe* kanye nababi, +Wangcwatshwa kanye nezicebi, +Nakuba ayengenzanga lutho olubi*Kungekho nkohliso emlonyeni wakhe. +
10 Kodwa kwakuyintando kaJehova ukuba* ahlukunyezwe, wamyeka wagula.
Uma uyonikela ukuphila kwakhe njengomnikelo wecala, +Uyobona inzalo* yakhe, andise izinsuku zakhe, +Ngaye intando kaJehova iyogcwaliseka. *+
11 Ngenxa yosizi analo, uyobona aneliseke.
Ngolwazi lwakhe olungile, inceku yami, +Uyoholela abantu abaningi ekulungeni +Athwale nezono zabo. +
12 Ngaleso sizathu ngizomabela isabelo phakathi kwabaningi,Uyohlukanisa impango nabanamandla,Ngenxa yokuthi wathulula ukuphila kwakhe ngisho nasekufeni +Wabalwa kanye nezeqamthetho; +Wathwala isono sabantu abaningi, +Walamulela izeqamthetho. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma kungaba, “esiyizwile?”
^ Igama elithi “kwakhe” lingabhekisela kumuntu obukayo noma kuNkulunkulu.
^ Noma, “Ayinakho ukubonakala okukhethekile okungasenza siyifise.”
^ Noma kungaba, “Wayenjengomuntu abantu ababemfihlela ubuso babo.”
^ Noma, “owayebuqonda.”
^ Noma, “yokuvinjelwa.”
^ NgesiHebheru, “wasuswa.”
^ Noma, “yendlela yakhe yokuphila.”
^ Noma, “Wabulawa.”
^ Noma, “Othile uyonikela ngendawo yakhe yokungcwaba.”
^ Noma, “budlova.”
^ Noma, “injabulo kaJehova iyophumelela.”
^ NgesiHebheru, “imbewu.”
^ Noma, “Kodwa uJehova wajabula ngokuba.”