Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ingabe IBhayibheli Lisasebenza Namuhla?

Ingabe IBhayibheli Lisasebenza Namuhla?

‘Ngangiqala ngqá ukuthola injabulo ekuphileni kwami.’

UHILTON wayesithanda isibhakela. Waqala ukulwa eneminyaka engu-7—elwa ngaphakathi nangaphandle kwenkundla yesibhakela! Lapho esesesikoleni samabanga aphakeme, wayezulazula isikole sonke nabangane, efuna azomshaya. Uthi, “Ngangintshontsha, ngigembula, ngibuka izithombe ezingcolile, ngihlukumeza abesifazane, ngithuka nabazali bami. Ukuziphatha kwami kwenza abazali bami bacabanga ukuthi ngeke ngisashintsha. Ngemva kokuphothula esikoleni samabanga aphakeme, ngahamba ekhaya.”

Lapho uHilton ebuyela ekhaya ngemva kweminyaka engu-12, abazali bakhe abakholwanga ukuthi kwakuyindodana yabo lena! Wayezolile, elalela futhi ehlonipha. Yini eyamenza wenza izinguquko ezinkulu kangaka? Phakathi nesikhathi asichitha engekho ekhaya, waqala ukucabangisisa ngokwakuzokwenzeka ngokuphila kwakhe. Wahlola nalokho okushiwo yiBhayibheli ukuze abone ukuthi lingamsiza yini ashintshe izindlela zakhe. Uthi, “Ngakusebenzisa lokho engangikufunda eBhayibhelini, lokho okwasho ukuthi kufanele ngilahle ubuntu bami obudala, futhi ngilalele nomyalo okweyabase-Efesu 6:2, 3 wokuhlonipha abazali bami. Kwakungokokuqala ngqá ngithola injabulo yangempela ekuphileni kwami, futhi ngijabulisa abazali bami, esikhundleni sokuqhubeka ngibazwisa ubuhlungu!”

Indaba kaHilton, igcizelela kokubili ukuba usizo kwezimiso zeBhayibheli kanye namandla azo okuguqula. (Hebheru 4:12) Ake sicabangele ezinye zalezo zimiso—okuwubuqotho, ukuzithiba, ukwethembeka kanye nothando—sibone indlela ezingakucebisa ngayo ukuphila kwethu.