ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI
Ingabe IBhayibheli Lisasebenza Namuhla?
‘Ngangiqala ngqá ukuthola injabulo ekuphileni kwami.’
UHILTON wayesithanda isibhakela. Waqala ukulwa eneminyaka engu-7
Lapho uHilton ebuyela ekhaya ngemva kweminyaka engu-12, abazali bakhe abakholwanga ukuthi kwakuyindodana yabo lena! Wayezolile, elalela futhi ehlonipha. Yini eyamenza wenza izinguquko ezinkulu kangaka? Phakathi nesikhathi asichitha engekho ekhaya, waqala ukucabangisisa ngokwakuzokwenzeka ngokuphila kwakhe. Wahlola nalokho okushiwo yiBhayibheli ukuze abone ukuthi lingamsiza yini ashintshe izindlela zakhe. Uthi, “Ngakusebenzisa lokho engangikufunda eBhayibhelini, lokho okwasho ukuthi kufanele ngilahle ubuntu bami obudala, futhi ngilalele nomyalo okweyabase-Efesu 6:
Indaba kaHilton, igcizelela kokubili ukuba usizo kwezimiso zeBhayibheli kanye namandla azo okuguqula. (Hebheru 4:12) Ake sicabangele ezinye zalezo zimiso