Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | LIKHULUMA NGANI IBHAYIBHELI?

“Simtholile UMesiya”!

“Simtholile UMesiya”!

Ngemva kweminyaka engaba ngu-400 kwalotshwa incwadi yokugcina yengxenye yeBhayibheli eyabhalwa ngesiHebheru, isiprofetho sikaMika ngoMesiya sagcwaliseka: UJesu wazalelwa eBhetlehema. Eminyakeni ecishe ibe ngu-30 kamuva, ngo-29 C.E., kwagcwaliseka ingxenye yokuqala yesiprofetho sikaDaniyeli sokuza kukaMesiya. UJesu wabhapathizwa futhi uNkulunkulu wamgcoba ngomoya ongcwele. Ngaso kanye isikhathi esasibikezelwe, uMesiya okwase kuyisikhathi eside elindelwe, iNzalo, wayesefikile!

Ngokushesha uJesu waqala inkonzo yakhe, “ememezela izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 8:1) Njengoba nje kwakuprofethiwe, uJesu wazibonakalisa enomusa, emnene, ebakhathalela ngempela abantu. Ayekufundisa kwakusebenza futhi kubonakalisa uthando, welapha “yonke inhlobo yesifo,” ebonisa ukuthi uNkulunkulu wayenaye. (Mathewu 4:23) Abantu bobudala obuhlukahlukene bathutheleka kuJesu futhi baphetha ngokuthi: “Simtholile uMesiya”!—Johane 1:41.

UJesu wabikezela ukuthi ngaphambi nje kokuba uMbuso wakhe uthathe izintambo, kwakuzoba khona izimpi, ukuzamazama komhlaba nezinye izinkathazo eziningi. Wanxusa bonke abantu ukuba ‘bahlale belindile.’—Marku 13:37.

UJesu wayengumuntu ophelele owalalela uNkulunkulu ngaso sonke isikhathi kodwa wayenezitha ezagcina zimbulele. Ngakho ukufa kwakhe kwaba umnikelo ophelele wokubuyisa lokho u-Adamu no-Eva ababekulahlile—ithemba lokuphila okungapheli ePharadesi.

Ukufa kukaJesu kwagcwalisa isiprofetho, njengoba kwaba njalo nangokuvuswa kwakhe uNkulunkulu njengesidalwa somoya esinamandla ngemva kwezinsuku ezintathu. UJesu wabe esebonakala kubafundi bakhe abangaphezu kuka-500. Ngaphambi kokwenyukela ezulwini, wathuma abalandeli bakhe ukuba bashumayele izindaba ezinhle ngaye nangoMbuso wakhe ‘kubantu bazo zonke izizwe.’ (Mathewu 28:19) Basifeza ngezinga elingakanani leso sabelo?

Isekelwe kuMathewu, kuMarku, kuLuka, kuJohane nakweyo-1 Korinte..