NgokukaMathewu 1:1-25

  • Uhlu lozalo lukaJesu Kristu (1-17)

  • Ukuzalwa kukaJesu (18-25)

1  Incwadi yomlando* kaJesu Kristu,* indodana kaDavide, + indodana ka-Abrahama: +   U-Abrahama wazala u-Isaka; +u-Isaka wazala uJakobe; +uJakobe wazala uJuda + nabafowabo;   uJuda wazala uPherezi noZera + kuThamari;uPherezi wazala uHezironi; +uHezironi wazala uRamu; +   uRamu wazala u-Aminadaba;u-Aminadaba wazala uNaheshoni; +uNaheshoni wazala uSalimoni;   uSalimoni wazala uBhowazi kuRahabi; +uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; +u-Obede wazala uJese; +   uJese wazala uDavide + inkosi. UDavide wazala uSolomoni + kumka-Uriya;   uSolomoni wazala uRehobowamu; +uRehobowamu wazala u-Abhiya;u-Abhiya wazala u-Asa; +   u-Asa wazala uJehoshafati; +uJehoshafati wazala uJehoramu; +uJehoramu wazala u-Uziya;   u-Uziya wazala uJothamu; +uJothamu wazala u-Ahazi; +u-Ahazi wazala uHezekiya; + 10  uHezekiya wazala uManase; +uManase wazala u-Amoni; +u-Amoni wazala uJosiya; + 11  uJosiya + wazala uJekoniya + nabafowabo ngesikhathi sokudingiselwa eBhabhiloni. + 12  Ngemva kokudingiselwa eBhabhiloni, uJekoniya wazala uSheyalitiyeli;uSheyalitiyeli wazala uZerubhabhele; + 13  uZerubhabhele wazala u-Abhiyudi;u-Abhiyudi wazala u-Eliyakimi;u-Eliyakimi wazala u-Azori; 14  u-Azori wazala uZadoki;uZadoki wazala u-Akimi;u-Akimi wazala u-Eliyudi; 15  u-Eliyudi wazala u-Eleyazare;u-Eleyazare wazala uMathani;uMathani wazala uJakobe; 16  uJakobe wazala uJosefa umyeni kaMariya, owazala uJesu, + obizwa ngokuthi uKristu. + 17  Zizonke izizukulwane, kusukela ku-Abrahama kuze kufike kuDavide kwakuyizizukulwane ezingu-14; kusukela kuDavide kuze kube sekudingiselweni eBhabhiloni kuyizizukulwane ezingu-14; kusukela ekudingiselweni eBhabhiloni kuze kufike kuKristu kuyizizukulwane ezingu-14. 18  Yile ndlela ukuzalwa kukaJesu Kristu okwenzeka ngayo. Phakathi nesikhathi unina uMariya ayethembisene ngaso umshado noJosefa, watholakala ekhulelwe ngomoya ongcwele *+ bengakashadi. 19  Nokho, ngenxa yokuthi uJosefa, indoda yakhe,* wayelungile futhi engafuni ukubukisa ngaye emphakathini, wayefuna ukuhlukana naye* ngasese. + 20  Kodwa ngemva kokuba esecabangile ngalezi zinto, ingelosi kaJehova* yabonakala kuye ephusheni, yathi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukuthatha uMariya ingoduso yakho* umyise ekhaya, ngoba lokhu akukhulelwe kungomoya ongcwele. + 21  Uzozala indodana, futhi kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu, *+ ngoba iyosindisa abantu bakubo ezonweni zabo.” + 22  Empeleni konke lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke lokho okwashiwo nguJehova* ngomprofethi wakhe, ethi: 23  “Bhekani! Intombi iyokhulelwa ibelethe indodana, abantu bayoyiqamba ngokuthi u-Imanuweli,” + uma kuhunyushwa okusho ukuthi, “UNkulunkulu Unathi.” + 24  UJosefa wavuka ebuthongweni wenza njengoba ingelosi kaJehova* yayimyalezile, walanda ingoduso yakhe* wayiletha ekhaya. 25  Kodwa akazange alale naye waze wabeletha indodana, + wayiqamba ngokuthi uJesu. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “kaMesiya; woGcotshiwe.”
Noma, “yohlu lozalo.”
Noma, “ngamandla kaNkulunkulu.”
Noma, “umyeni wakhe.”
NgesiGreki, “ukumdivosa.” Ngokwesiko lamaJuda, kwakudingeka idivosi uma kuqedwa isithembiso somshado.
NgesiGreki, “umkakho.”
Lena indawo yokuqala kwezingu-237 emiBhalweni YamaKristu YesiGreki, lapho igama likaNkulunkulu elithi Jehova livela khona emibhalweni yale nguqulo. Bheka iSithasiselo A5.
Lihambisana negama lesiHebheru elithi Jeshuwa noma Joshuwa, okusho ukuthi “UJehova Uyinsindiso.”
NgesiGreki, “umkakhe.”