NgokukaMathewu 1:1-25
1 Incwadi yomlando* kaJesu Kristu,* indodana kaDavide, + indodana ka-Abrahama: +
2 U-Abrahama wazala u-Isaka; +u-Isaka wazala uJakobe; +uJakobe wazala uJuda + nabafowabo;
3 uJuda wazala uPherezi noZera + kuThamari;uPherezi wazala uHezironi; +uHezironi wazala uRamu; +
4 uRamu wazala u-Aminadaba;u-Aminadaba wazala uNaheshoni; +uNaheshoni wazala uSalimoni;
5 uSalimoni wazala uBhowazi kuRahabi; +uBhowazi wazala u-Obede kuRuthe; +u-Obede wazala uJese; +
6 uJese wazala uDavide + inkosi.
UDavide wazala uSolomoni + kumka-Uriya;
7 uSolomoni wazala uRehobowamu; +uRehobowamu wazala u-Abhiya;u-Abhiya wazala u-Asa; +
8 u-Asa wazala uJehoshafati; +uJehoshafati wazala uJehoramu; +uJehoramu wazala u-Uziya;
9 u-Uziya wazala uJothamu; +uJothamu wazala u-Ahazi; +u-Ahazi wazala uHezekiya; +
10 uHezekiya wazala uManase; +uManase wazala u-Amoni; +u-Amoni wazala uJosiya; +
11 uJosiya + wazala uJekoniya + nabafowabo ngesikhathi sokudingiselwa eBhabhiloni. +
12 Ngemva kokudingiselwa eBhabhiloni, uJekoniya wazala uSheyalitiyeli;uSheyalitiyeli wazala uZerubhabhele; +
13 uZerubhabhele wazala u-Abhiyudi;u-Abhiyudi wazala u-Eliyakimi;u-Eliyakimi wazala u-Azori;
14 u-Azori wazala uZadoki;uZadoki wazala u-Akimi;u-Akimi wazala u-Eliyudi;
15 u-Eliyudi wazala u-Eleyazare;u-Eleyazare wazala uMathani;uMathani wazala uJakobe;
16 uJakobe wazala uJosefa umyeni kaMariya, owazala uJesu, + obizwa ngokuthi uKristu. +
17 Zizonke izizukulwane, kusukela ku-Abrahama kuze kufike kuDavide kwakuyizizukulwane ezingu-14; kusukela kuDavide kuze kube sekudingiselweni eBhabhiloni kuyizizukulwane ezingu-14; kusukela ekudingiselweni eBhabhiloni kuze kufike kuKristu kuyizizukulwane ezingu-14.
18 Yile ndlela ukuzalwa kukaJesu Kristu okwenzeka ngayo. Phakathi nesikhathi unina uMariya ayethembisene ngaso umshado noJosefa, watholakala ekhulelwe ngomoya ongcwele *+ bengakashadi.
19 Nokho, ngenxa yokuthi uJosefa, indoda yakhe,* wayelungile futhi engafuni ukubukisa ngaye emphakathini, wayefuna ukuhlukana naye* ngasese. +
20 Kodwa ngemva kokuba esecabangile ngalezi zinto, ingelosi kaJehova* yabonakala kuye ephusheni, yathi: “Josefa, ndodana kaDavide, ungesabi ukuthatha uMariya ingoduso yakho* umyise ekhaya, ngoba lokhu akukhulelwe kungomoya ongcwele. +
21 Uzozala indodana, futhi kumelwe uyiqambe ngokuthi uJesu, *+ ngoba iyosindisa abantu bakubo ezonweni zabo.” +
22 Empeleni konke lokhu kwenzeka ukuze kugcwaliseke lokho okwashiwo nguJehova* ngomprofethi wakhe, ethi:
23 “Bhekani! Intombi iyokhulelwa ibelethe indodana, abantu bayoyiqamba ngokuthi u-Imanuweli,” + uma kuhunyushwa okusho ukuthi, “UNkulunkulu Unathi.” +
24 UJosefa wavuka ebuthongweni wenza njengoba ingelosi kaJehova* yayimyalezile, walanda ingoduso yakhe* wayiletha ekhaya.
25 Kodwa akazange alale naye waze wabeletha indodana, + wayiqamba ngokuthi uJesu. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “kaMesiya; woGcotshiwe.”
^ Noma, “yohlu lozalo.”
^ Noma, “ngamandla kaNkulunkulu.”
^ Noma, “umyeni wakhe.”
^ NgesiGreki, “ukumdivosa.” Ngokwesiko lamaJuda, kwakudingeka idivosi uma kuqedwa isithembiso somshado.
^ NgesiGreki, “umkakho.”
^ Lena indawo yokuqala kwezingu-237 emiBhalweni YamaKristu YesiGreki, lapho igama likaNkulunkulu elithi Jehova livela khona emibhalweni yale nguqulo. Bheka iSithasiselo A5.
^ Lihambisana negama lesiHebheru elithi Jeshuwa noma Joshuwa, okusho ukuthi “UJehova Uyinsindiso.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ NgesiGreki, “umkakhe.”