Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Eyesibili YamaKhosi

Izahluko

Okuphakathi

  • 1

    • U-Eliya ubikezela ngokufa kuka-Ahaziya (1-18)

  • 2

    • U-Eliya unyukela phezulu ngesivunguvungu (1-18)

      • U-Elisha uthola isembatho sabaprofethi sika-Eliya (13, 14)

    • U-Elisha ukhipha ubuthi emanzini aseJeriko (19-22)

    • Amabhere abulala abafana abancane baseBhethele (23-25)

  • 3

    • UJehoramu uba yinkosi kwa-Israyeli (1-3)

    • UMowabi uvukela u-⁠Israyeli (4-25)

    • UMowabi uyanqotshwa (26, 27)

  • 4

    • U-Elisha wandisa amafutha omfelokazi (1-7)

    • Owesifazane waseShunemi ubonisa isihambi umusa (8-16)

    • Owesifazane uvuzwa ngendodana; iyafa (17-31)

    • U-Elisha uvusa indodana efile (32-37)

    • U-Elisha ukhipha ushevu esitshulwini (38-41)

    • U-Elisha wandisa izinkwa (42-44)

  • 5

    • U-Elisha welapha uNahamani ochokweni (1-19)

    • UGehazi oyigovu ushaywa ngochoko (20-27)

  • 6

    • U-Elisha untantisa imbazo (1-7)

    • U-Elisha namaSiriya (8-23)

      • Isikhonzi sika-Elisha sivulwa amehlo (16, 17)

      • AmaSiriya aphuphuthekiswa ingqondo (18, 19)

    • Indlala eSamariya elivinjezelwe (24-33)

  • 7

    • U-Elisha ubikezela ukuphela kwendlala (1, 2)

    • Kutholakala ukudla ekamu lamaSiriya elishiywe lingenamuntu (3-15)

    • Isiprofetho sika-Elisha siyagcwaliseka (16-20)

  • 8

    • Owesifazane waseShunemi ubuyiselwa indawo yakhe (1-6)

    • U-Elisha, uBheni-hadadi, noHazayeli (7-15)

    • UJehoramu uba yinkosi kwaJuda (16-24)

    • U-Ahaziya uba yinkosi kwaJuda (25-29)

  • 9

    • UJehu uyagcotshwa ukuba abe yinkosi kwa-Israyeli (1-13)

    • UJehu ubulala uJehoramu no-Ahaziya (14-29)

    • UJezebeli uyabulawa; izinja zidla inyama yakhe (30-37)

  • 10

    • UJehu ubulala abendlu ka-Ahabi (1-17)

      • UJehonadaba uhambisana noJehu (15-17)

    • UJehu ubulala izikhonzi zikaBhali (18-27)

    • Ukufingqwa komlando wokubusa kukaJehu (28-36)

  • 11

    • U-Athaliya uhlwitha ubukhosi (1-3)

    • UJehowashi ubekwa ukuba abe inkosi ngasese (4-12)

    • U-Athaliya uyabulawa (13-16)

    • UJehoyada wenza izinguquko ezweni (17-21)

  • 12

    • UJehowashi uba yinkosi kwaJuda (1-3)

    • UJehowashi ulungisa ithempeli (4-16)

    • Ukuhlasela kwamaSiriya (17, 18)

    • UJehowashi uyabulawa (19-21)

  • 13

    • UJehowahazi uba yinkosi kwa-Israyeli (1-9)

    • UJehowashi uba yinkosi kwa-Israyeli (10-13)

    • U-Elisha uvivinya intshiseko kaJehowashi (14-19)

    • Ukufa kuka-Elisha; amathambo akhe avusa umuntu (20, 21)

    • Isiprofetho sokugcina sika-Elisha siyagcwaliseka (22-25)

  • 14

    • U-Amaziya uba yinkosi kwaJuda (1-6)

    • Impi nabakwa-Edomi nabakwa-Israyeli (7-14)

    • Ukufa kukaJehowashi wakwa-Israyeli (15, 16)

    • Ukufa kuka-Amaziya (17-22)

    • UJerobowamu II uba yinkosi yakwa-Israyeli (23-29)

  • 15

    • U-Azariya uba yinkosi kwaJuda (1-7)

    • Amakhosi okugcina akwa-Israyeli: uZakariya (8-12), uShalumi (13-16), uMenahemu (17-22), uPhekaya (23-26), uPheka (27-31)

    • UJothamu uba yinkosi kwaJuda (32-38)

  • 16

    • U-Ahazi uba yinkosi kwaJuda (1-6)

    • U-Ahazi ufumbathisa ama-Asiriya (7-9)

    • U-Ahazi wakha i-⁠altare elifana nelezizwe ezikhonza izithixo (10-18)

    • U-Ahazi uyafa (19, 20)

  • 17

    • UHosheya uba yinkosi kwa-Israyeli (1-4)

    • Umbuso wakwa-Israyeli uyawa (5, 6)

    • U-Israyeli uyadingiswa ngenxa yokuhlubuka (7-23)

    • Abantu bezinye izizwe balethwa emadolobheni aseSamariya (24-26)

    • Izinkolo zaseSamariya ezihlukahlukene (27-41)

  • 18

    • UHezekiya uba yinkosi kwaJuda (1-8)

    • Kubukezwa ukuwa kombuso wakwa-Israyeli (9-12)

    • USaneheribi uhlasela uJuda (13-18)

    • URabishake uklolodela uJehova (19-37)

  • 19

    • UHezekiya ucela u-⁠Isaya ukuba abacelele usizo kuNkulunkulu (1-7)

    • USaneheribi usongela iJerusalema (8-13)

    • Umthandazo kaHezekiya (14-19)

    • U-Isaya udlulisela impendulo kaNkulunkulu (20-34)

    • Ingelosi ibulala ama-Asiriya angu-185 000 (35-37)

  • 20

    • UHezekiya uyagula aphinde alulame (1-11)

    • Izithunywa ezivela eBhabhiloni (12-19)

    • UHezekiya uyafa (20, 21)

  • 21

    • UManase uba yinkosi kwaJuda; ukuchitha kwakhe igazi (1-18)

      • IJerusalema lizobhujiswa (12-15)

    • U-Amoni uba yinkosi kwaJuda (19-26)

  • 22

    • UJosiya uba yinkosi kwaJuda (1, 2)

    • Iziyalezo zokulungisa ithempeli (3-7)

    • Ukutholakala kwencwadi yoMthetho (8-13)

    • Isiprofetho sikaHulida senhlekelele (14-20)

  • 23

    • UJosiya wenza izinguquko (1-20)

    • Kugujwa iPhasika (21-23)

    • UJosiya wenza ezinye izinguquko (24-27)

    • UJosiya uyafa (28-30)

    • UJehowahazi uba yinkosi kwaJuda (31-33)

    • UJehoyakimi uba yinkosi kwaJuda (34-37)

  • 24

    • UJehoyakimi uyavukela bese eyafa (1-7)

    • UJehoyakini uba yinkosi kwaJuda (8, 9)

    • Ukudingiselwa eBhabhiloni kokuqala (10-17)

    • UZedekiya uba yinkosi kwaJuda; uyavukela (18-20)

  • 25

    • UNebukhadinezari uvimbezela iJerusalema (1-7)

    • IJerusalema nethempeli lalo kuyabhujiswa; ukudingiswa kwesibili (8-21)

    • UGedaliya umiswa ukuba abe ngumbusi (22-24)

    • UGedaliya uyabulawa; abantu babalekela eGibhithe (25, 26)

    • UJehoyakini uyakhululwa eBhabhiloni (27-30)