Eyesibili YamaKhosi 24:1-20
24 Ezinsukwini zikaJehoyakimi uNebukhadinezari + inkosi yaseBhabhiloni weza wazomhlasela, uJehoyakimi waba inceku yakhe iminyaka emithathu. Nokho, wamjikela wadlubulunda.
2 UJehova waqala ukuthumela kuye amaviyo abaphangi amaKhaledi, + awamaSiriya, awakwaMowabi nawakwa-Amoni. Wayelokhu ewathumela ezweni lakwaJuda ukuze alibhubhise, ngokwezwi likaJehova + ayelikhulume ngezinceku zakhe abaprofethi.
3 Lokhu kwenzeka kuJuda ngomyalo kaJehova, ukuze amsuse emehlweni akhe + ngenxa yazo zonke izono uManase ayezenzile, +
4 nangenxa yegazi elingenacala ayelichithile, + ngoba wayegcwalise iJerusalema ngegazi elingenacala, futhi lokhu uJehova wayengazimisele ukukuthethelela. +
5 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaJehoyakimi, konke akwenza, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwaJuda. +
6 Ekugcineni uJehoyakimi walala nokhokho bakhe; + uJehoyakini indodana yakhe waba inkosi esikhundleni sakhe.
7 Inkosi yaseGibhithe ayizange iphinde iphume ezweni layo iyohlasela, ngoba inkosi yaseBhabhiloni yayithathe konke okwakungokwenkosi yaseGibhithe, + kusukela eMhosheni* WaseGibhithe + kuze kufike eMfuleni i-Ewufrathe. +
8 UJehoyakini + wayeneminyaka engu-18 lapho eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. + Igama likanina kwakunguNehushita indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema.
9 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova, ngokuvumelana nakho konke okwakwenziwe uyise.
10 Phakathi naleso sikhathi izinceku zikaNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni zakhuphuka zayohlasela iJerusalema, idolobha lavinjezelwa. +
11 UNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni wafika edolobheni ngesikhathi izinceku zakhe zilivimbezele.
12 UJehoyakini inkosi yakwaJuda waphuma waya enkosini yaseBhabhiloni, + yena nonina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu zakhe zegceke; + inkosi yaseBhabhiloni yamthumba ngonyaka ka-8 wokubusa kwayo. +
13 Ngemva kwalokho yathatha yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi. *+ Yaphihliza zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezenzile ethempelini likaJehova. + Lokhu kwenzeka njengoba nje uJehova ayebikezele.
14 Yaliyisa ekudingisweni lonke iJerusalema, zonke izikhulu, + wonke amadoda angamaqhawe nazo zonke izingcweti nabasebenza ngensimbi *+—yathatha abangu-10 000 yabayisa ekudingisweni. Akushiywanga muntu ngaphandle kwabantu bezwe abampofu kakhulu. +
15 Yamthatha kanjalo uJehoyakini + yamdingisela eBhabhiloni; + yathatha nonina wenkosi, abafazi benkosi, izikhulu zayo zegceke namadoda avelele ezwe yabayisa ekudingisweni eBhabhiloni ibasusa eJerusalema.
16 Inkosi yaseBhabhiloni yathatha namadoda angamaqhawe angu-7 000 yawadingisela eBhabhiloni, kanye nezingcweti ezingu-1 000 nabasebenza ngensimbi,* bonke bengamadoda anamandla naqeqeshelwe impi.
17 Inkosi yaseBhabhiloni yenza uMathaniya ubaba omncane kaJehoyakini + waba yinkosi esikhundleni sakhe, yashintsha igama lakhe laba uZedekiya. +
18 UZedekiya wayeneminyaka engu-21 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-11 eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali + indodakazi kaJeremiya waseLibhina.
19 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova, njengakho konke uJehoyakimi ayekwenzile. +
20 Lezi zinto zehlela iJerusalema noJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova kwaze kwaba yilapho esebasusile phambi kwakhe. + UZedekiya wadlubulunda enkosini yaseBhabhiloni. +
Imibhalo yaphansi
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “yesigodlo senkosi.”
^ Noma kungaba, “nabakha izindonga zokuvikela.”
^ Noma kungaba, “nabakha izindonga zokuvikela.”