Eyesibili YamaKhosi 24:1-20

  • UJehoyakimi uyavukela bese eyafa (1-7)

  • UJehoyakini uba yinkosi kwaJuda (8, 9)

  • Ukudingiselwa eBhabhiloni kokuqala (10-17)

  • UZedekiya uba yinkosi kwaJuda; uyavukela (18-20)

24  Ezinsukwini zikaJehoyakimi uNebukhadinezari + inkosi yaseBhabhiloni weza wazomhlasela, uJehoyakimi waba inceku yakhe iminyaka emithathu. Nokho, wamjikela wadlubulunda.  UJehova waqala ukuthumela kuye amaviyo abaphangi amaKhaledi, + awamaSiriya, awakwaMowabi nawakwa-Amoni. Wayelokhu ewathumela ezweni lakwaJuda ukuze alibhubhise, ngokwezwi likaJehova + ayelikhulume ngezinceku zakhe abaprofethi.  Lokhu kwenzeka kuJuda ngomyalo kaJehova, ukuze amsuse emehlweni akhe + ngenxa yazo zonke izono uManase ayezenzile, +  nangenxa yegazi elingenacala ayelichithile, + ngoba wayegcwalise iJerusalema ngegazi elingenacala, futhi lokhu uJehova wayengazimisele ukukuthethelela. +  Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaJehoyakimi, konke akwenza, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwaJuda. +  Ekugcineni uJehoyakimi walala nokhokho bakhe; + uJehoyakini indodana yakhe waba inkosi esikhundleni sakhe.  Inkosi yaseGibhithe ayizange iphinde iphume ezweni layo iyohlasela, ngoba inkosi yaseBhabhiloni yayithathe konke okwakungokwenkosi yaseGibhithe, + kusukela eMhosheni* WaseGibhithe + kuze kufike eMfuleni i-Ewufrathe. +  UJehoyakini + wayeneminyaka engu-18 lapho eba yinkosi, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema. + Igama likanina kwakunguNehushita indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema.  Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova, ngokuvumelana nakho konke okwakwenziwe uyise. 10  Phakathi naleso sikhathi izinceku zikaNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni zakhuphuka zayohlasela iJerusalema, idolobha lavinjezelwa. + 11  UNebukhadinezari inkosi yaseBhabhiloni wafika edolobheni ngesikhathi izinceku zakhe zilivimbezele. 12  UJehoyakini inkosi yakwaJuda waphuma waya enkosini yaseBhabhiloni, + yena nonina, izinceku zakhe, izikhulu zakhe nezikhulu zakhe zegceke; + inkosi yaseBhabhiloni yamthumba ngonyaka ka-8 wokubusa kwayo. + 13  Ngemva kwalokho yathatha yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi. *+ Yaphihliza zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezenzile ethempelini likaJehova. + Lokhu kwenzeka njengoba nje uJehova ayebikezele. 14  Yaliyisa ekudingisweni lonke iJerusalema, zonke izikhulu, + wonke amadoda angamaqhawe nazo zonke izingcweti nabasebenza ngensimbi *+—yathatha abangu-10 000 yabayisa ekudingisweni. Akushiywanga muntu ngaphandle kwabantu bezwe abampofu kakhulu. + 15  Yamthatha kanjalo uJehoyakini + yamdingisela eBhabhiloni; + yathatha nonina wenkosi, abafazi benkosi, izikhulu zayo zegceke namadoda avelele ezwe yabayisa ekudingisweni eBhabhiloni ibasusa eJerusalema. 16  Inkosi yaseBhabhiloni yathatha namadoda angamaqhawe angu-7 000 yawadingisela eBhabhiloni, kanye nezingcweti ezingu-1 000 nabasebenza ngensimbi,* bonke bengamadoda anamandla naqeqeshelwe impi. 17  Inkosi yaseBhabhiloni yenza uMathaniya ubaba omncane kaJehoyakini + waba yinkosi esikhundleni sakhe, yashintsha igama lakhe laba uZedekiya. + 18  UZedekiya wayeneminyaka engu-21 lapho eba inkosi, wabusa iminyaka engu-11 eJerusalema. Igama likanina kwakunguHamuthali + indodakazi kaJeremiya waseLibhina. 19  Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova, njengakho konke uJehoyakimi ayekwenzile. + 20  Lezi zinto zehlela iJerusalema noJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova kwaze kwaba yilapho esebasusile phambi kwakhe. + UZedekiya wadlubulunda enkosini yaseBhabhiloni. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “yesigodlo senkosi.”
Noma kungaba, “nabakha izindonga zokuvikela.”
Noma kungaba, “nabakha izindonga zokuvikela.”