Eyesibili YamaKhosi 7:1-20

  • U-Elisha ubikezela ukuphela kwendlala (1, 2)

  • Kutholakala ukudla ekamu lamaSiriya elishiywe lingenamuntu (3-15)

  • Isiprofetho sika-Elisha siyagcwaliseka (16-20)

7  U-Elisha wathi, “Lalelani izwi likaJehova. Yilokhu uJehova akushoyo, ‘Kusasa ngalezi zikhathi iseya* likafulawa ocolekile lizobe libiza ishekeli,* namaseya amabili ebhali azobe ebiza ishekeli esangweni* laseSamariya.’ ” +  Isekela lomlawuli wempi elaliyisethenjwa senkosi lathi kumuntu kaNkulunkulu weqiniso: “Ngisho noma uJehova engavula amasango ezikhukhula emazulwini, ingabe leyo nto ingenzeka?” *+ U-Elisha wathi: “Uzozibonela ngawakho amehlo, + kodwa ngeke udle kukho.” +  Kwakukhona amadoda amane anochoko esangweni ledolobha, + athi omunye komunye: “Sizoze sife silibele ukuhlala lapha.  Uma sithi, ‘Masingene edolobheni,’ njengoba idolobha lisakhungethwe indlala, + sizofela khona. Uma sihlala lapha, nakhona sizofa. Ngakho masiyeni ekamu lamaSiriya. Uma engasibulali, sizophila, kodwa uma esibulala, sizofa.”  Ngakho lapho sekuhlwile asuka angena ekamu lamaSiriya. Lapho efika emaphethelweni ekamu lamaSiriya, kwakungekho muntu.  UJehova wayebangele ukuba ikamu lamaSiriya lizwe umsindo wezinqola zempi namahhashi, umsindo webutho elikhulu. + Ngakho bathi omunye komunye: “Bheka! Inkosi yakwa-Israyeli isiqashele amakhosi amaHeti namakhosi aseGibhithe ukuba asihlasele!”  Masinyane basuka babaleka ngobumnyama bashiya amatende, amahhashi, izimbongolo nalo lonke ikamu linjengoba linjalo, babaleka besindisa ukuphila kwabo.*  Lapho laba abanochoko befika emaphethelweni ekamu, bangena kwelinye lamatende badla baphuza. Bathatha isiliva, igolide nezingubo bahamba bayokufihla. Ngemva kwalokho babuya bangena kwelinye itende bathatha izinto lapho bahamba bayozifihla.  Ekugcineni bathi omunye komunye: “Akulungile lokhu esikwenzayo. Lolu usuku lwezindaba ezimnandi! Uma sizindela, silinda kuze kube sekuseni, sizojeziswa. Manje masihambe siyobika lokhu endlini yenkosi.” 10  Ngakho beza bafike bamemeza abalindi besango ledolobha babika kubo, bathi: “Siye ekamu lamaSiriya, kodwa bekungekho muntu, namsindo wamuntu. Bekungamahhashi nje kuphela eboshiwe nezimbongolo ziboshiwe namatende eshiywe enjengoba enjalo.” 11  Abalindi besango bamemeza, kwabikwa endlini yenkosi. 12  Ngaso leso sikhathi inkosi yavuka ebusuku yathi ezincekwini zayo: “Ngicela ukunitshela lokho amaSiriya akwenzile kithi. Ayazi ukuthi silambile, + ngakho aphumile ekamu ayocasha esigangeni, ethi, ‘Bazophuma edolobheni, bese sibabamba bephila, singene edolobheni.’ ” + 13  Enye yezinceku zayo yathi: “Kusele amahhashi amahlanu edolobheni. Khetha amadoda uwathumele ukuze sibone ukuthi kwenzekeni ngempela. Kungakhathaliseki ukuthi ayahamba noma awahambi azofa vele njengawo wonke ama-Israyeli asele lapha.” 14  Ngakho athatha izinqola ezimbili kanye namahhashi, inkosi yawathuma ukuba aye ekamu lamaSiriya, yathi: “Hambani niyobheka.” 15  La madoda awalandela amaSiriya aze afika eJordani, yonke indlela yayigcwele izingubo nezinto amaSiriya ayezintshingile njengoba ayebaleka ethukile. Izithunywa zabuya zakubika lokhu enkosini. 16  Abantu baphuma baphanga ikamu lamaSiriya, okwenza iseya likafulawa ocolekile labiza ishekeli, amaseya amabili ebhali abiza ishekeli, ngokwezwi likaJehova. + 17  Inkosi yayimise isekela lomlawuli wempi eyayilethemba ukuba ligade esangweni, kodwa abantu balinyathela esangweni laze lafa, njengoba nje umuntu kaNkulunkulu weqiniso ayeyitshelile inkosi ngesikhathi inkosi ize kuye. 18  Kwenzeka njengoba nje umuntu kaNkulunkulu weqiniso ayeshilo enkosini, wathi: “Kusasa ngalesi sikhathi esangweni laseSamariya amaseya amabili ebhali azobiza ishekeli neseya elilodwa likafulawa ocolekile lizobiza ishekeli.” + 19  Kodwa isekela lomlawuli wempi lalithe kumuntu kaNkulunkulu weqiniso: “Ngisho noma uJehova engavula amasango ezikhukhula emazulwini, ingabe leyo nto ingenzeka?”* U-Elisha wayethe: “Uzozibonela ngawakho amehlo, kodwa ngeke udle kukho.” 20  Yilokho kanye okwenzeka kulo, abantu balinyathela esangweni laze lafa.

Imibhalo yaphansi

Iseya lalilingana no-7,33 L. Bheka iSithasiselo B14.
Ishekeli lalilingana no-11,4 g. Bheka iSithasiselo B14.
Noma, “emakethe.”
NgesiHebheru, “leli zwi belingagcwaliseka.”
Noma, “imiphefumulo yabo.”
NgesiHebheru, “izwi elinjengaleli belingagcwaliseka.”