Eyesibili YamaKhosi 13:1-25
13 Ngonyaka ka-23 kaJehowashi + indodana ka-Ahaziya + inkosi yakwaJuda, uJehowahazi indodana kaJehu + waba yinkosi phezu kuka-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka engu-17.
2 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova, waphikelela esonweni uJerobowamu indodana kaNebhati onisa ngaso u-Israyeli. + Akazange asiyeke.
3 Ngakho uJehova wamthukuthelela + u-Israyeli, + wamnikela esandleni sikaHazayeli inkosi + yaseSiriya nasesandleni sikaBheni-hadadi + indodana kaHazayeli zonke lezo zinsuku.
4 Ngokuhamba kwesikhathi uJehowahazi wancenga uJehova ukuba ambonise umusa, uJehova wamlalela, ngoba wayeyibonile indlela inkosi yaseSiriya eyayimcindezele ngayo u-Israyeli. +
5 Ngakho uJehova wanika u-Israyeli umsindisi + ozomkhulula esandleni seSiriya, ama-Israyeli aqhubeka ehlala emizini yawo njengasekuqaleni.*
6 (Nokho, awazange asuke esonweni sendlu kaJerobowamu onisa ngaso u-Israyeli. + Aqhubeka nalesi sono,* isigxobo esingcwele *+ sasilokhu simile eSamariya.)
7 UJehowahazi wasala nebutho elinabagibeli bamahhashi abangu-50, izinqola eziyishumi namasosha ahamba ngezinyawo angu-10 000, ngoba inkosi yaseSiriya yayibabhubhisile, + ibanyathele njengothuli lapho kubhulwa. +
8 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaJehowahazi, konke akwenza namandla akhe, kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli.
9 Ekugcineni uJehowahazi walala nokhokho bakhe, wangcwatshwa eSamariya; + uJehowashi indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.
10 Ngonyaka ka-37 kaJehowashi inkosi yakwaJuda, uJehowashi + indodana kaJehowahazi waba yinkosi phezu kuka-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka engu-16.
11 Waqhubeka enza okubi emehlweni kaJehova, akazange asuke kuzo zonke izono zikaJerobowamu indodana kaNebhati onisa ngazo u-Israyeli. + Waqhubeka nalezi* zono.
12 Ngokuqondene nawo wonke omunye umlando kaJehowashi, konke akwenza namandla akhe nendlela alwa ngayo no-Amaziya inkosi yakwaJuda, + kulotshiwe encwadini yomlando wamakhosi akwa-Israyeli.
13 Ekugcineni uJehowashi walala nokhokho bakhe, uJerobowamu *+ wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi. UJehowashi wangcwatshwa eSamariya kanye namakhosi akwa-Israyeli. +
14 Manje lapho u-Elisha + egula ephethwe yisifo esagcina simbulele, uJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wehlela kuye wafike wamkhalela wathi: “Baba, baba! Nqola yempi ka-Israyeli nabagibeli bakhe bamahhashi!” +
15 U-Elisha wathi kuye: “Thatha umnsalo nemicibisholo.” Ngakho wawuthatha umnsalo nemicibisholo.
16 Wabe esethi enkosini yakwa-Israyeli: “Beka isandla sakho emnsalweni.” Ngakho yabeka isandla sayo kuwo, okwathi ngemva kwalokho u-Elisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi.
17 Ngemva kwalokho wathi: “Vula ifasitela elingasempumalanga.” Ngakho yalivula. U-Elisha wathi: “Cibishela!” Ngakho yacibishela. Wabe esethi: “Umcibisholo kaJehova wokunqoba,* umcibisholo wokunqoba iSiriya!* Uzolishaya iSiriya e-Afeki + uze ulinqobe.”
18 Waqhubeka wathi: “Thatha imicibisholo,” yayithatha. Ngemva kwalokho wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Cibishela emhlabathini.” Yacibishela kathathu yayeka.
19 Umuntu kaNkulunkulu weqiniso wayithukuthelela wathi: “Bekufanele ucibishele kahlanu noma kasithupha! Khona-ke ubuzolishaya iSiriya uze ulinqobe, kodwa manje uzolishaya kathathu kuphela iSiriya.” +
20 Ngemva kwalokho u-Elisha wafa wangcwatshwa. Kwakukhona amaviyo abaphangi akwaMowabi + ayevame ukuthelekela izwe ekuqaleni konyaka.*
21 Kwathi lapho abantu abathile bengcwaba umuntu, babona iviyo labaphangi, ngaso leso sikhathi baphonsa lo muntu ethuneni lika-Elisha babaleka. Lapho lo muntu ethintana namathambo ka-Elisha, wavuka ekufeni + wama ngezinyawo.
22 UHazayeli inkosi + yaseSiriya wawacindezela ama-Israyeli + zonke izinsuku zikaJehowahazi.
23 Nokho, uJehova wawabonisa umusa nesihe, + ewakhathalela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama, + u-Isaka + noJakobe. + Akafunanga ukuwachitha, futhi akazange awasuse phambi kwakhe kuze kube namuhla.
24 Lapho uHazayeli inkosi yaseSiriya efa, uBheni-hadadi indodana yakhe wabusa esikhundleni sakhe.
25 UJehowashi indodana kaJehowahazi waphinde wawathatha kuBheni-hadadi indodana kaHazayeli amadolobha uHazayeli ayewathathe kuyise uJehowahazi. UJehowashi wamnqoba* izikhathi ezintathu, + wawathatha amadolobha akwa-Israyeli.
Imibhalo yaphansi
^ Okuwukuthi, ngokuthula nangokuphepha.
^ NgesiHebheru, “Ahamba kuso.”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiHebheru, “Wahamba kulezi.”
^ Okuwukuthi, uJerobowamu II.
^ Noma, “wensindiso.”
^ Noma, “wokusindiswa kwabaseSiriya.”
^ Cishe entwasahlobo.
^ Noma, “wamshaya.”