Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesibili YamaHubo

Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesibili YamaHubo

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele ENcwadi Yesibili YamaHubo

NJENGEZINCEKU zikaJehova, sikulindele ukubhekana nezinhlupheko novivinyo. Umphostoli uPawulu wabhala: “Bonke labo abafisa ukuphila ngokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu kanye noKristu Jesu nabo futhi bayoshushiswa.” (2 Thimothewu 3:12) Yini eyosisiza ukuba sikhuthazelele izinhlupheko nokushushiswa, kanjalo sibonise ukuthi siqotho kuNkulunkulu?

Iqoqo lamahubo lesibili kwamahlanu linikeza lolo sizo. AmaHubo 42 kuya ku-72 asibonisa ukuthi uma sifuna ukukhuthazelela izinhlupheko ngempumelelo, kumelwe sithembele kuJehova ngokuphelele, sifunde ukulindela yena ukuze sithole ukukhululwa. Yeka ukuthi leso yisifundo esibaluleke kanjani kithi! Njengalo lonke iZwi likaNkulunkulu, umyalezo weNcwadi Yesibili YamaHubo ‘uyaphila futhi unamandla’ ngempela ngisho nanamuhla.—Hebheru 4:12.

UJEHOVA “UYISIPHEPHELO NAMANDLA” ETHU

(IHubo 42:1–50:23)

UmLevi othile usekudingisweni. Edabukiswe ukuthi akakwazi ukuyokhulekela uJehova endlini yaKhe engcwele, uyaziduduza: “O mphefumulo wami, kungani uphelelwa yithemba, futhi kungani uyaluza ngaphakathi kimi? Linda uNkulunkulu.” (IHubo 42:5, 11; 43:5) La mazwi aphindaphindwayo ahlanganisa izigaba ezintathu zeHubo 42 no-43 zibe inkondlo eyodwa. IHubo 44 linamazwi okunxusela uJuda—isizwe esisosizini, mhlawumbe ngezinsuku zeNkosi uHezekiya ngesikhathi abase-Asiriya besongela ukusihlasela.

IHubo 45, eliyingoma yomshado wenkosi, liyisiprofetho esiphathelene neNkosi enguMesiya. Amahubo amathathu alandelayo aveza uJehova ‘njengoyisiphephelo namandla,’ “iNkosi enkulu phezu kwawo wonke umhlaba” ‘noyindawo ephakeme elondekile.’ (IHubo 46:1; 47:2; 48:3) Yeka indlela iHubo 49 elibonisa kahle ngayo ukuthi akukho muntu “ongahlenga ngisho nomfowabo nganoma iyiphi indlela”! (IHubo 49:7) Amahubo angu-8 okuqala eqoqweni lesibili kuthiwa aqanjwa amadodana kaKhora. Elesi-9, iHubo 50, laqanjwa u-Asafa.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

44:19—Kwakuyini ‘indawo yezimpungushe’? Mhlawumbe umhubi wayebhekisele enkundleni yempi, lapho ababebulewe babedliwa khona izimpungushe.

45:13, 14a—Ubani “indodakazi yenkosi” ‘eyolethwa enkosini’? Yindodakazi ‘yeNkosi yaphakade,’ uJehova uNkulunkulu. (IsAmbulo 15:3) Imelela ibandla elikhazinyulisiwe lamaKristu angu-144 000, uJehova awamukela njengabantwana bakhe ngokuwagcoba ngomoya wakhe. (Roma 8:16) Le “ndodakazi” kaJehova, ‘elungisiwe njengomlobokazi ehlotshiselwe umyeni wakhe,’ iyolethwa kumyeni wayo—iNkosi enguMesiya.—IsAmbulo 21:2.

45:14b, 15—Zimelela bani “izintombi”? ‘Ziyisixuku esikhulu’ sabakhulekeli beqiniso abazibandakanya nensali egcotshiwe bayisekele. Njengoba ‘bephuma osizini olukhulu’ bephila, bayobe belapha emhlabeni lapho umshado weNkosi enguMesiya uphothulwa ezulwini. (IsAmbulo 7:9, 13, 14) Ngaleso sikhathi, ‘bayothokoza bajabule’ kakhulu.

45:16—Kuyokwenzeka kanjani ukuba kube khona amadodana esikhundleni sokhokho benkosi? Lapho uJesu ezalwa emhlabeni, wayenokhokho basemhlabeni. Bayoba ngamadodana akhe lapho ebavusa kwabafileyo phakathi nokuBusa kwakhe Kweminyaka Eyinkulungwane. Abanye babo bayoba phakathi kwalabo abayomiswa “njengezikhulu emhlabeni wonke.”

50:2—Kungani iJerusalema libizwa ngokuthi “ukuphelela kobuhle”? Lokhu kwakungengenxa yokubukeka kwalo muzi. Kodwa kwakungenxa yokusetshenziswa uJehova nangenxa yenkazimulo alinika yona lapho elenza indawo yethempeli lakhe nomuzi wamakhosi akhe agcotshiwe.

Izifundo Esizitholayo:

42:1-3. UmLevi othile wayelangazelela uJehova njengendluzelekazi, noma inyamazane yensikazi, inxanele amanzi endaweni eyomile. Le ndoda yayidabuke kakhulu ngenxa yokungakwazi ukukhulekela uJehova endlini yakhe engcwele kangangokuthi ‘izinyembezi zayo zaba ukudla kwayo imini nobusuku’—yaba nenhliziyo emnyama. Akufanele yini sihlakulele ukukwazisa ngokujulile ukukhulekela uJehova kanye nesikholwa nabo?

42:4, 5, 11; 43:3-5. Uma ngesizathu esithile esingenakusilawula sizithola sihlukene nebandla lobuKristu isikhashana, ukukhumbula injabulo esasinayo kulobo budlelwane kungasiqinisa. Nakuba lokhu ekuqaleni kungase kusenze sibe nesizungu ngokwengeziwe, kungasikhumbuza nokuthi uNkulunkulu uyisiphephelo sethu nokuthi kudingeka silindele yena ukuze sithole impumuzo.

46:1-3. Kungakhathaliseki ukuthi sibhekana nayiphi inhlekelele, kumelwe siqiniseke ngokuphelele ukuthi “kithi uNkulunkulu uyisiphephelo namandla.”

50:16-19. Noma ubani okhohlisayo nozenza umkhuba izinto ezimbi akanalungelo lokumelela uNkulunkulu.

50:20. Kunokuba sibe magange ukuqhakambisa amaphutha abanye, kufanele siwashalazele.—Kolose 3:13.

“O MPHEFUMULO WAMI, . . . LINDA UNKULUNKULU UTHULE”

(IHubo 51:1–71:24)

Le ngxenye yamahubo iqala ngomthandazo kaDavide osuka enhliziyweni ngemva kwesono sakhe noBhati-sheba. AmaHubo 52 kuya ku-57 abonisa ukuthi uJehova uyobakhulula labo abaphonsa umthwalo wabo kuye futhi balindele yena ukuze bathole insindiso. Njengoba kuvezwe kumaHubo 58-64, uDavide wenza uJehova isiphephelo sakhe kuzo zonke izinsizi zakhe. Uyahlabelela: “O mphefumulo wami, impela linda uNkulunkulu uthule, ngoba ithemba lami livela kuye.”—IHubo 62:5.

Ukusondelana noMkhululi wethu kufanele kusenze ‘sihubele inkazimulo yegama lakhe.’ (IHubo 66:2) IHubo 65 lidumisa uJehova njengomondli ophanayo, amaHubo 67 no-68 amdumise njengoNkulunkulu wezenzo zokusindisa. AmaHubo 70 no-71 wona amdumisa njengoMenzi wendlela yokuphunyuka.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

51:12—Okabani ‘umoya ovumayo’ uDavide ayecela ukusekelwa ngawo? Lapha akubhekiselwe ekuzimiseleni kukaNkulunkulu ukusiza uDavide noma emoyeni ongcwele kaJehova, kunalokho kubhekiselwe emoyeni kaDavide uqobo—esimweni sakhe sengqondo. Ucela uNkulunkulu ukuba amenze abe nesifiso sokwenza okulungile.

53:1—Umuntu ophika ukuthi uNkulunkulu ukhona ‘akanangqondo’ ngamuphi umqondo? Ukungabi nangqondo lapha akusho ukuntula ukuhlakanipha. Ukuthi ukungabi nangqondo kwalo muntu kuphathelene nokuziphatha kubonakala ngemiphumela yokuntula isimilo echazwe kumaHubo 53:1-4.

58:3-5—Ababi banjengenyoka ngayiphi indlela? Amanga abawakhuluma ngabanye abantu anjengesihlungu senyoka. Balifaka ubuthi idumela elihle labanye. “Njengemfezi evala indlebe yayo,” ababi abalaleli lapho beqondiswa noma belungiswa.

58:7—Ababi ‘bancibilika kanjani njengasemanzini ahamba indlela yawo’? Kungenzeka ukuthi uDavide wayecabanga ngamanzi ezigodi ezithile zezikhukhula zaseZweni Lesithembiso. Isikhukhula esikhulu esisheshayo singenza amanzi agcwale esigodini esinjalo. Kodwa lawo manzi ageleza aphele ngokushesha. UDavide wayethandazela ukuba ababi banyamalale ngokushesha.

68:13—Umhubi wayesho ngamuphi umqondo ukuthi “amaphiko ejuba ambozwé ngesiliva nezimpaphe zalo ngegolide eliluhlaza ngokuphuzi”? Amajuba athile ampunga ngokuluhlaza anezinsiba ezibenyezela sengathi zishintshashintsha imibala. Izimpaphe zawo ziba njengesiliva ekukhanyeni kwelanga okuphuzi. Mhlawumbe uDavide wayefanisa amabutho akwa-Israyeli avela ekunqobeni nejuba elinjalo—elindiza ngamaphiko anamandla nabenyezelayo. Njengoba ezinye izazi zisikisela, kungenzeka futhi ukuthi la mazwi achaza into eyenziwe ngobuciko, indondo, eyimpango. Kunoma ikuphi, uDavide wayebhekisele ekusizeni kukaJehova abantu bakhe ukuba banqobe izitha zabo.

68:18—Zazingobani “izipho ezingabantu”? Zazingamadoda athile ayephakathi kwalawo athunjwa ngenkathi kunqotshwa iZwe Lesithembiso. Kamuva, lawo madoda abelwa ukusiza amaLevi emsebenzini wawo.—Ezra 8:20.

68:30—Sisho ukuthini isicelo sokuba ‘kukhalinywe isilo sasendle sasemhlangeni’? Efanisa izitha zabantu bakaJehova nezilo zasendle, uDavide wacela uNkulunkulu ukuba azikhalime, noma anqinde amandla azo okulimaza.

69:23—Kusho ukuthini ‘ukuxegezelisa izinqulu’ zezitha? Imisipha yezinqulu ibalulekile ekwenzeni imisebenzi edinga amandla, njengokufukula nokuthwala imithwalo esindayo. Ukuba nezinqulu ezingaqinile kusikisela ukuphelelwa amandla. UDavide wayethandazela ukuba izitha zakhe ziphucwe amandla azo.

Izifundo Esizitholayo:

51:1-4, 17. Akudingeki sizihlukanise noJehova uNkulunkulu lapho siye sona. Uma siphenduka, singaqiniseka ukuthi uyoba nesihe kithi.

51:5, 7-10. Uma sonile, singanxusa uJehova ukuba asithethelele ngenxa yesono sethu esasithola ngofuzo. Kufanele sithandazele nokuba asihlanze, asivuselele, asisize sikususe ezinhliziyweni zethu ukuthambekela esonweni, asinike nomoya ogxilile.

51:18. Izono zikaDavide zafaka engozini inhlalakahle yaso sonke isizwe. Ngakho, wathandazela ukuba uNkulunkulu alithakazelele iZiyoni. Lapho senza isono esingathí sina, ngokuvamile kuletha isihlamba egameni likaJehova nasebandleni. Kudingeka sithandazele ukuba uNkulunkulu alungise umonakalo okungenzeka siye sawubangela.

52:8. Singaba “njengomnqumo okhephuzelayo endlini kaNkulunkulu”—sisondelane noJehova futhi sithele enkonzweni yakhe—ngokumlalela nangokwamukela isiyalo sakhe ngomoya omuhle.—Hebheru 12:5, 6.

55:4, 5, 12-14, 16-18. Ukwakhelwa uzungu yindodana yakhe uqobo u-Absalomu nokwambukwa umeluleki wakhe ayemethemba u-Ahithofeli kwabangela uDavide ubuhlungu obukhulu obungokomzwelo. Nokho, lokho akulinciphisanga izinga ayethembele ngalo kuJehova. Nathi akufanele sivumele usizi olungokomzwelo lunciphise ukwethembela kwethu kuNkulunkulu.

55:22. Siwuphonsa kanjani umthwalo wethu kuJehova? Lokhu sikwenza (1) ngokukhuluma naye ngomthandazo ngento esikhathazayo, (2) ngokuncika eZwini lakhe nasenhlanganweni yakhe ukuze sithole isiqondiso nokusekelwa (3) nangokwenza lokho okusemandleni ethu ukuze silungise isimo.—IzAga 3:5, 6; 11:14; 15:22; Filipi 4:6, 7.

56:8. UJehova akaboni nje kuphela isimo sethu kodwa futhi nendlela leso simo esisithinta ngayo ngokomzwelo.

62:11. UNkulunkulu akudingeki athembele emandleni avela ndawana-thile. Nguye uqobo onguMthombo wamandla. ‘Izikhwepha zingezakhe.’

63:3. ‘Umusa wothando kaNkulunkulu ungcono kunokuphila’ ngoba ngaphandle kwawo, ukuphila akunanjongo. Senza ngokuhlakanipha lapho sihlakulela ubungane noJehova.

63:6. Ebusuku—lapho kuthule futhi kungenaziphazamiso—kungaba isikhathi esihle kakhulu sokuzindla.

64:2-4. Inhlebo elimazayo ingonakalisa igama elihle lomuntu ongenacala. Akufanele siyilalele noma siyisakaze.

69:4. Ukuze sigcine ukuthula, ngezinye izikhathi kungaba ukuhlakanipha ukuba ‘sibuyisele emuva esingakuthathanga’ ngokuba sixolise, ngisho noma singagculisekile ukuthi sonile.

70:1-5. UJehova uyazizwa izicelo zethu zosizo eziphuthumayo. (1 Thesalonika 5:17; Jakobe 1:13; 2 Petru 2:9) UNkulunkulu angase avumele ukulingwa ukuba kuqhubeke, kodwa uyosinika ukuhlakanipha kokubhekana naleso simo namandla okusikhuthazelela. Ngeke asivumele ukuba silingwe ngaphezu kwalokho esingakuthwala.—1 Korinte 10:13; Hebheru 10:36; Jakobe 1:5-8.

71:5, 17. UDavide waba nesibindi namandla ngokuthembela kuJehova esemncane—ngisho nangaphambi kokuba alwe nomdondoshiya ongumFilisti, uGoliyati. (1 Samuweli 17:34-37) Intsha yenza kahle lapho ifunda ukuncika kuJehova kukho konke ekwenzayo.

“Inkazimulo Yakhe Mayigcwalise Umhlaba Wonke”

Ingoma yokugcina eqoqweni lesibili lamahubo, okuwukuthi iHubo 72, iphathelene nokubusa kukaSolomoni, okwakufanekisela izimo eziyoba khona lapho sekubusa uMesiya. Yeka ubuhle bezibusiso ezichazwa kuyo—ukuthula okukhulu, ukuphela kwengcindezelo nobudlova, inala yokusanhlamvu emhlabeni! Ingabe siyoba phakathi kwalabo abayojabulela lezi zibusiso zoMbuso nezinye? Singaba phakathi kwabo, uma njengomhubi saneliswa ukulindela uJehova, simenze abe isiphephelo namandla ethu.

‘Imithandazo kaDavide iphetha’ ngala mazwi: “Makatuswe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguye yedwa owenza imisebenzi emangalisayo. Futhi malituswe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube nini nanini, inkazimulo yakhe mayigcwalise umhlaba wonke. Amen, Amen.” (IHubo 72:18-20) Nathi masimtuse ngenhliziyo yonke uJehova, sidumise igama lakhe elikhazimulayo.

[Isithombe ekhasini 9]

Uyazi yini ukuthi “indodakazi yenkosi” ifanekisela bani?

[Isithombe ekhasini 10, 11]

IJerusalema libizwa ngokuthi “ukuphelela kobuhle.” Uyazi ukuthi kungani?