Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ubani Ongumthombo WeBhayibheli?

Ubani Ongumthombo WeBhayibheli?

Umbono WeBhayibheli

Ubani Ongumthombo WeBhayibheli?

IBHAYIBHELI aligunci ngokuthi obani abaloba elikuqukethe. Izingxenye ezihlukahlukene zale ncwadi ziqala ngezinkulumo ezinjengezithi “amazwi kaNehemiya,” “umbono ka-Isaya,” nethi “leli yizwi likaJehova elafika kuJoweli.” (Nehemiya 1:1; Isaya 1:1; Joweli 1:1) Imilando ethile ichazwa njengezincwadi zikaGadi, uNathani noma uSamuweli. (1 IziKronike 29:29) Imibhalo eyisandulela yamahubo amaningi ichaza abaqambi bawo.—AmaHubo 79, 88, 89, 90, 103, no-127.

Ngenxa yokuthi kwasetshenziswa abantu ekulobeni iBhayibheli, abagxeki bathi iBhayibheli limane nje liwumkhiqizo wokuhlakanipha kwabantu, njenganoma iyiphi enye incwadi. Kodwa ingabe lowo mbono unesisekelo esiqinile?

Abalobi Abangamashumi Amane, UMthombo Owodwa

Iningi labalobi beBhayibheli lávuma ukuthi laloba egameni likaJehova, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nokuthi wayeliqondisa noma liqondiswa abameleli abayizingelosi. (Zakariya 1:7, 9) Abaprofethi abaloba imiBhalo YesiHebheru basho izikhathi ezingaphezu kuka-300 bethi “Yilokhu uJehova akushilo.” (Amose 1:3; Mika 2:3; Nahume 1:12) Eminingi yemibhalo yabo iqala ngemishwana enjengokuthi “leli yizwi likaJehova elafika kuHoseya.” (Hoseya 1:1; Jona 1:1) Ekhuluma ngabaprofethi bakaNkulunkulu, umphostoli uPetru wathi: “Abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu ngoba babeqhutshwa umoya ongcwele.”—2 Petru 1:21.

Ngakho-ke, iBhayibheli liyincwadi enezingxenye ezihlukahlukene kodwa ezivumelanayo ezalotshwa abantu abaningi abavuma ukuthi abakuloba babekuthunywe nguNkulunkulu. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu wasebenzisa onobhala abangabantu ukuze balobe imicabango yakhe. Wakwenza kanjani lokhu?

“Iphefumulelwe UNkulunkulu”

“Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu,” kuchaza umphostoli uPawulu. (2 Thimothewu 3:16) Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “iphefumulelwe uNkulunkulu” ngokwezwi nezwi isho “ukuphefumulelwa uNkulunkulu.” Lokhu kusho ukuthi uNkulunkulu wasebenzisa amandla angabonakali ukuze athonye izingqondo zabalobi abangabantu, edlulisela kubo isigijimi sakhe. Kodwa uma kuziwa eMiyalweni Eyishumi, uJehova uqobo wabhala amazwi ayesezibhebheni zamatshe. (Eksodusi 31:18) Ngezinye izikhathi uNkulunkulu wayezitshela ngokuqondile izinceku zakhe ezingabantu isigijimi sakhe. U-Eksodusi 34:17 uthi: “UJehova waqhubeka wathi kuMose: ‘Zilobele phansi la mazwi . . . ’”

Ngezinye izikhathi, uNkulunkulu wenza ukuba abantu babone imibono yalokho ayefuna bakubhale. Ngakho, uHezekeli wathi: “Ngaqala ukubona imibono kaNkulunkulu.” (Hezekeli 1:1) Ngokufanayo, “uDaniyeli wabona iphupho nemibono yekhanda lakhe esembhedeni wakhe. Ngaleso sikhathi waliloba phansi leli phupho.” (Daniyeli 7:1) Incwadi yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo, yadluliselwa kumphostoli uJohane ngendlela efanayo. UJohane wabhala: “Ngokuphefumulelwa ngaba sosukwini lweNkosi, futhi ngezwa ngemva kwami izwi elinamandla elinjengelecilongo, lithi: ‘Lokho okubonayo kulobe emqulwini.’”—IsAmbulo 1:10, 11.

Ukuvela Kobuntu Babalobi

Ukuphefumulelwa uNkulunkulu akuzange kubushintshe ubuntu bomlobi. Empeleni, kwakudingeka ukuba abantu benze umzamo ukuze babhale isigijimi sikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, umlobi wencwadi yeBhayibheli kamShumayeli uthi “wafuna ukuthola amazwi ajabulisayo nokuloba amazwi eqiniso okuyiwonawona.” (UmShumayeli 12:10) Ukuze ahlanganise umlando wakhe, u-Ezra wahlola imithombo okungenani engu-14, ‘njengomlando wezindaba zezinsuku zeNkosi uDavide’ ‘neNcwadi Yamakhosi akwaJuda nawakwa-Israyeli.’ (1 IziKronike 27:24; 2 IziKronike 16:11) Umlobi weVangeli uLuka ‘wazilandela ngokunembile zonke izinto kusukela ekuqaleni, ukuze azilobe ngokuhleleka okunengqondo.’—Luka 1:3.

Ezinye izincwadi zeBhayibheli zembula izinhlangothi ezithile zobuntu bomlobi. Ngokwesibonelo, uMathewu Levi, owayengumthelisi ngaphambi kokuba abe ngomunye wabafundi bakaJesu, wayegxila kakhulu ezinombolweni. Nguye kuphela umlobi weVangeli owaloba ukuthi inani uJesu akhashelwa ngalo ‘laliyizinhlamvu zesiliva ezingamashumi amathathu.’ (Mathewu 27:3; Marku 2:14) ULuka, owayengudokotela, wayiloba ngokunembile imininingwane yezokwelapha. Ngokwesibonelo, lapho echaza isimo sabanye uJesu abaphulukisa, wasebenzisa izinkulumo ezinjengethi “umkhuhlane onzima” nethi “ogcwele uchoko.” (Luka 4:38; 5:12; Kolose 4:14) Ngakho uJehova wavumela abalobi ukuba bachaze izinto ngamazwi nangendlela yabo; kodwa, ngesikhathi esifanayo, waqondisa izingqondo zabo ukuze umbhalo unembe futhi udlulisele isigijimi sakhe.—IzAga 16:9.

Umphumela Wokugcina

Ingabe akuyona into emangalisayo ukuthi abantu abangaba ngu-40, ababhala besemazweni ahlukene iminyaka engaphezu kuka-1 600, bakhiqiza incwadi evumelana ngokuphelele kuzo zonke izici futhi enesihloko esihle esivumelanayo? (Bheka esithi “Liphathelene Nani IBhayibheli?” ekhasini 19.) Lokhu kwakungenakwenzeka ukube bonke babengaqondiswa uMthombo owodwa.

Ingabe uJehova wayephoqekile ukuba asebenzise abantu ekulobeni iZwi lakhe? Cha. Kodwa ngokwenza kanjalo wayebonisa ukuhlakanipha kwakhe. Empeleni, esinye sezizathu ezenza iBhayibheli lithandwe kangaka emhlabeni wonke ukuthi abalobi balo baveza yonke imizwa abantu abanayo—kanti endabeni yeNkosi uDavide, kuvela ngisho nomuzwa wecala wesoni esiphendukayo esicela isihe sikaNkulunkulu.—IHubo 51:2-4, 13, 17, umbhalo oyisandulela.

Nakuba uJehova asebenzisa abalobi abangabantu, singawethemba ngendlela efanayo umsebenzi wabo njengoba kwenza amaKristu okuqala, amukela imiBhalo Engcwele, hhayi “njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu.”—1 Thesalonika 2:13.

WAKE WAZIBUZA?

◼ Ngubani uMthombo wayo “yonke imiBhalo”?—2 Thimothewu 3:16.

◼ UJehova uNkulunkulu wasebenzisa ziphi izindlela ukuze adlulisele imicabango yakhe?—Eksodusi 31:18; 34:27; Hezekeli 1:1; Daniyeli 7:1.

◼ Ubuntu nezithakazelo zabalobi abaphefumulelwe kuvela kanjani kulokho abakuloba?—Mathewu 27:3; Luka 4:38.