U-Isaya 1:1-31
1 Umbono owabonwa u-Isaya *+ indodana ka-Amozi ngokuphathelene noJuda neJerusalema ezinsukwini zika-Uziya, + uJothamu, + u-Ahazi + noHezekiya, + amakhosi akwaJuda: +
2 O mazulu yizwani, ulalele nawe mhlaba, +Ngoba uJehova ukhulumile wathi:
“Ngikhulise amadodana, +Kodwa wona angivukele. +
3 Inkunzi imazi kahle umniniyo,Nembongolo iwazi kahle umkhombe* womnikazi wayo;Kodwa u-Israyeli akangazi, *+Abantu bami abaziphathi ngokuqonda.”
4 Maye esizweni esinesono, +Abantu abasindwa yisiphambeko,Inzalo yabantu ababi, izingane ezonakele!
Zimshiyile uJehova; +Zimdelelile oNgcwele ka-Israyeli;Zimfulathele.
5 Kukuphi lapho ungaphinde ushaywe khona, njengoba uqhubeka nokuvukela? +
Ikhanda liyagula,Nenhliziyo inesifo. +
6 Akukho ndawo ephilile kusukela ematheni onyawo kuze kufike ekhanda.
Kunamanxeba, imivimbo nezilonda—Akuzange kwelashwe* noma kuboshwe noma kugcotshwe ngamafutha. +
7 Izwe lenu liyincithakalo.
Amadolobha enu ashiswe ngomlilo.
Abantu bezizwe badla izwe lenu khona kanye phambi kwenu. +
Linjengezwe eliyincithakalo eligumbuqelwe yizitha. +
8 Indodakazi yaseZiyoni isele njengompheme* ensimini yamagilebhisi,Njengendlwana ensimini yamakhukhamba,Njengedolobha elivinjezelwe. +
9 Ukube uJehova wamabutho akasishiyelanga abambalwa abasindile,Besiyoba njengeSodoma,Besiyofana neGomora. +
10 Yizwani izwi likaJehova, nina bomashiqela* baseSodoma. +
Lalelani umthetho* kaNkulunkulu wethu, nina bantu baseGomora. +
11 “Ingizuzisa ngani imihlatshelo yenu eminingi?” + kusho uJehova.
“Isingicikile iminikelo yenu eshiswayo yezinqama + namanoni ezilwane ezikhuluphele, +Angijabuli ngegazi + lezinkunzi + nelamawundlu nelezimbuzi. +
12 Lapho ningena phambi kwami, +Ubani onicele ukuba nenze lokhu,Ukuba ninyathele amagceke ami? +
13 Ningabe nisaletha eminye iminikelo yokudla okusanhlamvu engasizi ngalutho.
Impepho yenu ngiyayenyanya. +
Ukwethwasa kwenyanga, + amasabatha, + ukubizwa kwemihlangano +
—Angikwazi ukukubekezelela ukusetshenziswa kwemilingo + kanye nomhlangano onesizotha.
14 Ngikuzondile ukwethwasa kwenyanga nemikhosi yenu.
Sekuwumthwalo osindayo kimi;Ngikhathele ukukuthwala.
15 Lapho nelula izandla zenu,Ngiyanifihlela amehlo ami. +
Nakuba nithandaza ngokuphindaphindiwe, +Angilalele; +Izandla zenu zigcwele igazi. +
16 Gezani, zihlanzeni; +Yekani ukwenza izenzo ezimbi phambi kwami;Yekani ukwenza okubi. +
17 Fundani ukwenza okuhle, funani ubulungisa, +Khuzani umcindezeli,Lwelani amalungelo entandane,Melani udaba lomfelokazi.” +
18 “Wozani, manje, masilungise izindaba phakathi kwethu,” kusho uJehova. +
“Nakuba izono zenu zibomvu klebhu,Zizokwenziwa zibe mhlophe njengeqhwa; +Nakuba zibomvu njengendwangu ebomvu okwegazi,Zizoba njengoboya bezimvu.
19 Uma nivuma futhi nilalela,Nizodla okuhle kwezwe. +
20 Kodwa uma nenqaba futhi nidlubulunda,Nizodliwa yinkemba, +Ngoba umlomo kaJehova ukhulumile.”
21 Yeka indlela idolobha elalithembekile + eseliyisifebe ngayo! +
Laligcwele ubulungisa; +Kwakuhlala ukulunga kulo, +Kodwa manje sekuhlala ababulali. +
22 Isiliva lakho selibe amanyela, +Utshwala bakho* buhlanjululwe ngamanzi.
23 Izikhulu zakho zinenkani futhi zingabangane bamasela. +
Yileso naleso kuzo sithanda isifumbathiso nezipho. +
Aziyenzeli ubulungisa intandane,Azinandaba nokusingatha icala lomfelokazi. +
24 Ngakho-ke iNkosi yeqiniso, uJehova wamabutho,OnaMandla ka-Israyeli, uthi:
“Ngizozisusa eduze kwami izitha zami,Ngizoziphindiselela ezitheni zami. +
25 Ngizokujezisa,Ngizowancibilikisa aphele amanyela akho njengokungathi ngensipho yokuhlanza,Ngizokususa konke ukungcola kwakho. +
26 Ngizobuyisela abahluleli bakho njengasekuqaleni,Nabeluleki bakho njengasekuqaleni +
Ngemva kwalokho uyobizwa ngokuthi iDolobha Lokulunga, iDolobhana Elithembekile. +
27 IZiyoni liyokhululwa ngobulungisa, +Abantu balo ababuyayo bakhululwe ngokulunga.
28 Izihlubuki nezoni ziyobhujiswa kanyekanye, +Labo abashiya uJehova bayophela. +
29 Ngoba bayoba namahloni ngezihlahla ezinkulu enanizifisa, +Niyohlazeka ngenxa yamasimu* eniwakhethile. +
30 Ngoba niyoba njengesihlahla esikhulu esinamaqabunga abunayo, +Nanjengensimu engenamanzi.
31 Indoda enamandla iyoba utshani obomile,*Nomsebenzi wayo ube yinhlansi yomlilo;Kokubili kuyogqamuka amalangabi kanyekanye,Kungekho muntu ozokucisha.”
Imibhalo yaphansi
^ Incazelo: “Insindiso KaJehova.”
^ Isitsha esimise okogqoko okuthelwa kuso ukudla kwezilwane ezifuyiwe.
^ Noma, “akayazi inkosi yakhe.”
^ NgesiHebheru, “kukhanywe.”
^ Noma, “njengedokodo.”
^ Noma, “babusi.”
^ Noma, “isiqondiso.”
^ Noma, “Utshwala bakho bukakolweni.”
^ Ngokusobala izihlahla namasimu ahlobene nokukhonza izithombe.
^ Noma, “yifilakisi.” Into esantambo eyokheleka kalula.