Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Kufanele Ulethembe Noma Cha?

Ingabe Kufanele Ulethembe Noma Cha?

“Ungawethembi amapulangwe abolile,” yilokho okwabhalwa umlobi wemidlalo yaseshashalazini oyiNgisi uWilliam Shakespeare. Yebo, ngaphambi kokuba ugibele isikebhe esenziwe ngamapulangwe, uyofuna ukuqiniseka ukuthi lawo mapulangwe awabolile yini.

AMAZWI kaShakespeare afakazela okwashiwo inkosi ehlakaniphile uSolomoni yakwa-Israyeli wasendulo, eyabhala eminyakeni engaba ngu-3 000 edlule: “Isiwula sikholelwa yinoma yini; abantu abahlakaniphile baqaphela izinyathelo zabo.” (IzAga 14:15, Today’s English Version) Ngempela, isiwula kuphela esingamukela noma yini esiyizwayo ekuphileni ngaphandle kokungabaza, sisekele izinqumo nezenzo zaso eselulekweni esingenangqondo noma ezimfundisweni ezingenasisekelo. Ukuthembela kwethu entweni engafanele—njengokunyathela emapulangweni abolile—kungaholela enhlekeleleni. Ungase uzibuze, ‘Ingabe ukhona umthombo wesiqondiso okufanelekele ukwethenjwa?’

Izigidi zabantu emhlabeni kabanzi zithembela ngokuphelele encwadini yasendulo okuthiwa iBhayibheli Elingcwele. Zithembele kule ncwadi ukuze iqondise izinyathelo zazo. Zisekela izinqumo zazo eselulekweni sayo futhi zivumelanise izenzo zazo nezimfundiso zayo. Ingabe labo bantu banyathela emapulangweni abolile ngomqondo ongokomfanekiso? Impendulo yalowo mbuzo ixhomeke empendulweni yomunye umbuzo, Ingabe zikhona izizathu ezinengqondo zokuthemba iBhayibheli? Le Phaphama! ekhethekile ihlola ubufakazi.

Injongo yale Phaphama! akukona ukukuphoqelela ukuba wamukele izinkolelo noma imibono engokwenkolo. Kunalokho, ihloselwe ukuveza nje ubufakazi obunamandla obuye baqinisekisa izigidi ngokuthi kufanele zilethembe iBhayibheli. Ngemva kokufunda izihloko ezilandelayo, ungazinqumela wena ukuthi iBhayibheli liyakufanelekela yini ukuba ulethembe.

Lena akuyona nje indaba ongayikha phezulu. Phela, uma ngempela iBhayibheli liwumthombo onokwethenjelwa wesiqondiso esivela kuMdali wethu, khona-ke kuyoba inzuzo kuwe nakwabathandekayo bakho ukucabangela lokho elikushoyo.

Kodwa ake siqale siveze amanye amaqiniso avelele ngeBhayibheli. Akungatshazwa ukuthi liyincwadi eyingqayizivele ngempela.