Eyesibili KaPetru 1:1-21

  • Ukubingelela (1)

  • Qinisekisani ukubizwa kwenu (2-15)

    • Izimfanelo ezinezelwa okholweni (5-9)

  • Izwi lesiprofetho eliqinisekiswe ngokwengeziwe (16-21)

1  USimoni Petru, inceku nomphostoli kaJesu Kristu, kulabo abazuze ukholo oluyigugu njengolwethu,* ngokulunga kukaNkulunkulu wethu noMsindisi uJesu Kristu:  Kwangathi ningandiselwa umusa omkhulu nokuthula ngolwazi olunembile + ngoNkulunkulu nangoJesu iNkosi yethu,  ngoba amandla akhe aphezulu asinike zonke izinto ezinezela ekuphileni nasekuzinikeleni kuNkulunkulu ngolwazi olunembile ngaLowo owasibiza + ngenkazimulo yakhe nobuhle.  Ngalezi zinto usinike* izithembiso eziyigugu nezinhle kakhulu, + ukuze ngazo nibe abahlanganyeli benkazimulo kaNkulunkulu njengezidalwa zomoya, + njengoba niphunyukile ekonakaleni okusezweni okubangelwa yisifiso esingafanele.*  Ngenxa yalesi sizathu, yenzani konke eningakwenza + ukuba okholweni lwenu nenezele ubuhle, + ebuhleni benu ulwazi, +  olwazini lwenu ukuzithiba, ekuzithibeni + kwenu ukukhuthazela, ekukhuthazeleni kwenu ukuzinikela kuNkulunkulu, +  ekuzinikeleni kwenu kuNkulunkulu ukuthanda abazalwane, ekuthandeni kwenu abazalwane uthando. +  Ngoba uma lezi zinto zikhona kini futhi zichichima, ziyonivimbela ukuba ningabi abangasebenzi noma abangatheli *+ ngokuqondene nolwazi olunembile ngeNkosi yethu uJesu Kristu.  Ngoba noma ubani ongenazo lezi zinto uyimpumputhe, uvala amehlo akhe ukuze angakuboni ukukhanya, *+ futhi usekukhohliwe ukuhlanzwa kwakhe ezonweni + zakhe zakudala. 10  Ngakho-ke, bazalwane, yenzani konke okusemandleni enu ukuze niziqinisekisele ukubizwa + nokukhethwa kwenu, ngoba uma niqhubeka nenza lezi zinto, anisoze nahluleka nanini. + 11  Eqinisweni, ngale ndlela niyobusiswa ngokucebile* ningene eMbusweni waphakade + weNkosi noMsindisi wethu uJesu Kristu. + 12  Ngenxa yalesi sizathu ngiyohlale ngikulungele ukunikhumbuza ngalezi zinto, nakuba nizazi futhi nimi niqinile eqinisweni elikhona kini. 13  Kodwa ngikubheka njengokufanele, uma nje ngisekuleli tabernakele, *+ ukunikhumbuza, + 14  njengoba ngazi ukuthi itabernakele lami lizosuswa maduzane, njengoba nje neNkosi yethu uJesu Kristu yangibonisa ngokucacile. + 15  Ngiyohlale ngenza konke okusemandleni ami ukuze lapho sengihambile, nikwazi ukuzikhumbula* lezi zinto. 16  Asinazisanga ngamandla nangokuba khona kweNkosi yethu uJesu Kristu ngokulandela izindaba ezingamanga eziqanjwe abantu, kunalokho sazibonela mathupha ubukhazikhazi bakhe. + 17  Ngoba wamukela udumo nenkazimulo kuNkulunkulu uBaba, lapho inkazimulo enhle kakhulu iletha kuye amazwi anjengalawa:* “Le yiNdodana yami, othandekayo wami, mina ngokwami engimamukele.” + 18  Yebo, la mazwi sawezwa evela ezulwini ngesikhathi sinaye entabeni engcwele. 19  Ngakho sinezwi lesiprofetho eliqinisekiswe ngokwengeziwe, futhi nenza kahle ngokulinaka ngokungathi isibani + esikhanya endaweni emnyama, ezinhliziyweni zenu, kuze kuse futhi ikhwezi + liphume. 20  Ngoba okokuqala niyakwazi lokhu, ukuthi asikho isiprofetho semiBhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe. 21  Ngoba isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, + kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa* umoya ongcwele. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ukholo oluyilungelo elilingana nelethu.”
Noma, “usinike ngesihle.”
Noma, “yinkanuko.”
Noma, “abangakhiqizi.”
Noma kungaba, “ubona kalufifi.”
Noma, “niyophiwa ngokuchichimayo ukuba.”
Noma, “tende,” okuwukuthi, umzimba wakhe wenyama.
Noma, “ukuzisho.”
NgesiGreki, “anjengaleli zwi.”
Noma, “babeshukunyiswa.”