NgokukaMarku 2:1-28

  • UJesu welapha okhubazekile (1-12)

  • UJesu ubiza uLevi (13-17)

  • Umbuzo ngokuzila ukudla (18-22)

  • UJesu, ‘iNkosi yeSabatha’ (23-28)

2  Ngemva kwezinsuku ezithile waphinde wangena eKapernawume, abantu bezwa ukuthi ukhona ekhaya. +  Ngakho abantu abaningi babuthana kwaze kwaphela indawo, ngisho nangasemnyango, waqala ukukhuluma nabo. +  Kwalethwa kuye okhubazekile ethwelwe amadoda amane. +  Kodwa ayengakwazi ukumngenisa kuJesu ngenxa yesixuku, ngakho avula imbobo ophahleni lwalapho uJesu ayekhona, ehlisa uhlaka okwakulele kulo okhubazekile.  Lapho uJesu ebona ukholo lwawo, + wathi kokhubazekile: “Mntwana, izono zakho zithethelelwe.” +  Kwakukhona abanye bababhali lapho, behlezi futhi becabanga: *+  “Kungani lo muntu ekhuluma kanje? Uyahlambalaza. Ubani ongathethelela izono ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu?” +  Kodwa ngokushesha uJesu waqonda ngomoya wakhe ukuthi yini ababeyicabanga, wathi kubo: “Kungani nicabanga lezi zinto? +  Yikuphi okulula, ukuthi kokhubazekile, ‘Izono zakho zithethelelwe,’ noma ukuthi, ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho uhambe’? 10  Kodwa ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu + inegunya lokuthethelela izono emhlabeni—” + wathi kokhubazekile: 11  “Ngithi kuwe, Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe uye ekhaya.”* 12  Nangempela wavuka, waluthatha masinyane uhlaka lwakhe waphuma phambi kwabo bonke. Bonke bamangala, bakhazimulisa uNkulunkulu, bethi: “Asikaze siyibone into enje.” + 13  Waphinde waphuma waya ngasolwandle, sonke isixuku sasilokhu siya kuye, wasifundisa. 14  Njengoba edlula, wabona uLevi indodana ka-Alfewu ehlezi ehhovisi lentela, wathi kuye: “Yiba umlandeli wami.” Nangempela wasukuma wamlandela. + 15  Kamuva lapho edla* endlini kaLevi, abaqoqi bentela abaningi nezoni babedla* noJesu nabafundi bakhe, ngoba babebaningi ababemlandela. + 16  Kodwa lapho ababhali babaFarisi bebona ukuthi wayedla nezoni nabaqoqi bentela, bathi kubafundi bakhe: “Ingabe udla nabaqoqi bentela nezoni?” 17  Lapho ezwa lokhu, uJesu wathi kubo: “Abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo. Ngizele ukuzobiza izoni, hhayi abantu abalungile.” + 18  Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla. Ngakho beza bathi kuye: “Kungani abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bezila ukudla kodwa abafundi bakho bona bengakuzili ukudla?” + 19  UJesu wathi kubo: “Lapho umkhwenyana + esenabo, abangane bomkhwenyana abanaso isizathu sokuzila ukudla, akunjalo? Uma nje besekanye naye umkhwenyana, abakwazi ukuzila ukudla. 20  Kodwa kuyofika izinsuku lapho umkhwenyana eyosuswa kubo, + khona-ke bayokuzila ukudla ngalolo suku. 21  Akekho umuntu othungela isichibi sendwangu entsha engutsheni yangaphandle endala. Uma enza kanjalo, isichibi esisha siyayidonsa ingubo endala, idabuke kakhulu. + 22  Akekho futhi umuntu ofaka iwayini elisha ezigujini* ezindala zewayini. Uma enza kanjalo, iwayini lizoziqhumisa izigubhu, alahlekelwe iwayini kanye nezigubhu. Kodwa iwayini elisha lifakwa ezigujini ezintsha zewayini.” 23  Njengoba ayedabula emasimini ngeSabatha, abafundi bakhe babehamba bekha izikhwebu. + 24  Ngakho abaFarisi bathi kuye: “Buka nje! Kungani abafundi bakho benza okungavunyelwe umthetho ngeSabatha?” 25  Kodwa wathi kubo: “Anikufundanga yini lokho uDavide akwenza lapho eswele, ngesikhathi yena namadoda ayenawo belambile? + 26  Endabeni ephathelene no-Abhiyathara + umpristi omkhulu, anifundanga yini ngendlela angena ngayo endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa, umthetho ongavumeli noma ubani ukuba azidle ngaphandle kwabapristi, + ezinye wazinika amadoda ayenaye?” 27  Wabe esethi kubo: “ISabatha laba khona ngenxa yomuntu, + umuntu akabanga khona ngenxa yeSabatha. 28  Ngakho iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho yeSabatha.” +

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “bezindla ezinhliziyweni zabo.”
Noma, “ugoduke.”
Noma, “ehlezi etafuleni.”
Noma, “babehlezi etafuleni.”
Lezi zigubhu zazenziwe ngesikhumba.