NgokukaMarku 2:1-28
2 Ngemva kwezinsuku ezithile waphinde wangena eKapernawume, abantu bezwa ukuthi ukhona ekhaya. +
2 Ngakho abantu abaningi babuthana kwaze kwaphela indawo, ngisho nangasemnyango, waqala ukukhuluma nabo. +
3 Kwalethwa kuye okhubazekile ethwelwe amadoda amane. +
4 Kodwa ayengakwazi ukumngenisa kuJesu ngenxa yesixuku, ngakho avula imbobo ophahleni lwalapho uJesu ayekhona, ehlisa uhlaka okwakulele kulo okhubazekile.
5 Lapho uJesu ebona ukholo lwawo, + wathi kokhubazekile: “Mntwana, izono zakho zithethelelwe.” +
6 Kwakukhona abanye bababhali lapho, behlezi futhi becabanga: *+
7 “Kungani lo muntu ekhuluma kanje? Uyahlambalaza. Ubani ongathethelela izono ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu?” +
8 Kodwa ngokushesha uJesu waqonda ngomoya wakhe ukuthi yini ababeyicabanga, wathi kubo: “Kungani nicabanga lezi zinto? +
9 Yikuphi okulula, ukuthi kokhubazekile, ‘Izono zakho zithethelelwe,’ noma ukuthi, ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho uhambe’?
10 Kodwa ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu + inegunya lokuthethelela izono emhlabeni—” + wathi kokhubazekile:
11 “Ngithi kuwe, Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uhambe uye ekhaya.”*
12 Nangempela wavuka, waluthatha masinyane uhlaka lwakhe waphuma phambi kwabo bonke. Bonke bamangala, bakhazimulisa uNkulunkulu, bethi: “Asikaze siyibone into enje.” +
13 Waphinde waphuma waya ngasolwandle, sonke isixuku sasilokhu siya kuye, wasifundisa.
14 Njengoba edlula, wabona uLevi indodana ka-Alfewu ehlezi ehhovisi lentela, wathi kuye: “Yiba umlandeli wami.” Nangempela wasukuma wamlandela. +
15 Kamuva lapho edla* endlini kaLevi, abaqoqi bentela abaningi nezoni babedla* noJesu nabafundi bakhe, ngoba babebaningi ababemlandela. +
16 Kodwa lapho ababhali babaFarisi bebona ukuthi wayedla nezoni nabaqoqi bentela, bathi kubafundi bakhe: “Ingabe udla nabaqoqi bentela nezoni?”
17 Lapho ezwa lokhu, uJesu wathi kubo: “Abayimiqemane abamdingi udokotela, kodwa ngabagulayo abamdingayo. Ngizele ukuzobiza izoni, hhayi abantu abalungile.” +
18 Abafundi bakaJohane nabaFarisi babezila ukudla. Ngakho beza bathi kuye: “Kungani abafundi bakaJohane nabafundi babaFarisi bezila ukudla kodwa abafundi bakho bona bengakuzili ukudla?” +
19 UJesu wathi kubo: “Lapho umkhwenyana + esenabo, abangane bomkhwenyana abanaso isizathu sokuzila ukudla, akunjalo? Uma nje besekanye naye umkhwenyana, abakwazi ukuzila ukudla.
20 Kodwa kuyofika izinsuku lapho umkhwenyana eyosuswa kubo, + khona-ke bayokuzila ukudla ngalolo suku.
21 Akekho umuntu othungela isichibi sendwangu entsha engutsheni yangaphandle endala. Uma enza kanjalo, isichibi esisha siyayidonsa ingubo endala, idabuke kakhulu. +
22 Akekho futhi umuntu ofaka iwayini elisha ezigujini* ezindala zewayini. Uma enza kanjalo, iwayini lizoziqhumisa izigubhu, alahlekelwe iwayini kanye nezigubhu. Kodwa iwayini elisha lifakwa ezigujini ezintsha zewayini.”
23 Njengoba ayedabula emasimini ngeSabatha, abafundi bakhe babehamba bekha izikhwebu. +
24 Ngakho abaFarisi bathi kuye: “Buka nje! Kungani abafundi bakho benza okungavunyelwe umthetho ngeSabatha?”
25 Kodwa wathi kubo: “Anikufundanga yini lokho uDavide akwenza lapho eswele, ngesikhathi yena namadoda ayenawo belambile? +
26 Endabeni ephathelene no-Abhiyathara + umpristi omkhulu, anifundanga yini ngendlela angena ngayo endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa, umthetho ongavumeli noma ubani ukuba azidle ngaphandle kwabapristi, + ezinye wazinika amadoda ayenaye?”
27 Wabe esethi kubo: “ISabatha laba khona ngenxa yomuntu, + umuntu akabanga khona ngenxa yeSabatha.
28 Ngakho iNdodana yomuntu iyiNkosi ngisho yeSabatha.” +
Imibhalo yaphansi
^ NgesiGreki, “bezindla ezinhliziyweni zabo.”
^ Noma, “ugoduke.”
^ Noma, “ehlezi etafuleni.”
^ Noma, “babehlezi etafuleni.”
^ Lezi zigubhu zazenziwe ngesikhumba.