UMika 2:1-13
2 “Maye kulabo abaceba okulimazayo,Abenza okubi emibhedeni yabo!
Lapho kusa, bayakwenzaNgoba kusemandleni esandla sabo. +
2 Bafisa amasimu futhi bawaqhwage; +Bafise nezindlu, bazithathe;Baphamba umuntu umuzi wakhe, +Baphambe umuntu ifa lakhe.
3 Ngakho yilokhu uJehova akushoyo:
‘Nginihlelela inhlekelele + eningeke nikwazi ukuphunyuka kuyo. +
Ngeke nisahamba ngokuziphakamisa + ngoba yisikhathi senhlekelele. +
4 Ngalolo suku abantu bayosho isaga ngani,Bayonikhalela kamunyu. +
Bayothi: “Siphundlwe ngokuphelele! +
Isabelo sabantu bakithi usithathile kithi wasinika abanye! +
Amasimu ethu uwanika ongathembekile.”
5 Ngakho ngeke ube naye ozokwelula intambo yokukala,Ozokwaba izwe ebandleni likaJehova.
6 “Yekani ukushumayela!” bayashumayela,“Akufanele bashumayele lezi zinto;Ukululazeka ngeke kusifice!”
7 Kuyashiwo yini nina ndlu kaJakobe ukuthi:
“Ingabe umoya kaJehova awusenaso isineke?
Ingabe yizenzo zakhe lezi?”
Amazwi ami awabaletheli yini okuhle labo abahamba ngobuqotho?
8 Kodwa muva nje abantu bami baphenduke isitha.
Nisusa umhlobiso omuhle ezingutsheni zabo,Ezingutsheni zalabo abadlulayo behamba ngokuzethemba, njengabantu ababuya empini.
9 Abesifazane babantu bami niyabaxosha ezindlini zabo ezibajabulisayo;Izingane zabo niziphuca izinto ezinhle engizibusise ngazo ningaphinde nizibuyise.
10 Sukumani nihambe, ngoba lena akuyona indawo yokuphumula.
Ngenxa yokungcola, + kunembubhiso, imbubhiso ebanga usizi. +
11 Uma umuntu elandela umoya namanga futhi ekhuluma la manga:
“Ngiyonishumayeza ngewayini nangotshwala,”
Uma esho kanje uyobe engumshumayeli walesi sizwe. +
12 Nakanjani ngiyoniqoqa nonke Jakobe;Nakanjani ngiyobaqoqela ndawonye abasele baka-Israyeli. +
Ngiyobenza babe nobunye njengomhlambi esibayeni,Njengomhlambi emadlelweni awo; +Kuyoba nomsindo wabantu.’ +
13 Ofohlayo uyohamba phambi kwabo;Bayofohla badlule esangweni, baphume ngalo. +
Inkosi yabo iyodlula phambi kwabo,UJehova ephambi kwabo.” +