UNahume 1:1-15

  • Impindiselo kaNkulunkulu ezitheni zakhe (1-7)

    • UNkulunkulu ufuna abantu bazinikele kuye kuphela (2)

    • UJehova uyabazi labo abafuna isiphephelo kuye (7)

  • INineve liyoqothulwa (8-14)

    • Usizi ngeke luvuke okwesibili (9)

  • Izindaba ezinhle ngoJuda (15)

1  Isimemezelo ngeNineve: + Incwadi yombono kaNahume* umElikoshi:  2  UJehova unguNkulunkulu ofuna abantu bazinikele kuye kuphela + futhi uyaphindisela;UJehova uyaphindisela, ukulungele ukuveza ulaka lwakhe. + UJehova uyaziphindiselela ezitheni zakhe,Akayeki ukuthukuthelela izitha zakhe.  3  UJehova uyephuza ukuthukuthela, + unamandla amakhulu, +Kodwa uJehova akasoze asigodla isijeziso esifanele. + Indlela yakhe isemoyeni obhubhisayo nasesivunguvungwini,Amafu ayizintuli zezinyawo zakhe. +  4  Ukhuza ulwandle, + alomise;Wenza yonke imifula yome. + IBhashani neKarmeli kuyabuna, +Izimbali zaseLebhanoni ziyabuna.  5  Izintaba ziyazamazama ngenxa yakhe,Amagquma ancibilike. + Umhlaba uyophithana ngenxa yobuso bakhe,Kanye nezwe nabo bonke abahlala kulo. +  6  Ubani ongama phambi kolaka lwakhe? + Ubani ongamelana nokuvutha kwentukuthelo yakhe? + Ulaka lwakhe luyothululwa njengomlilo,Amadwala ayodilika ngenxa yakhe.  7  UJehova muhle, + uyisiphephelo ngosuku lokucindezeleka. + Uyabazi* labo abafuna isiphephelo kuye. +  8  Uyoyiqothula ngokuphelele indawo yalo* ngesikhukhula esinamandla,Izitha zakhe ziyoxoshwa ubumnyama.  9  Yiliphi itulo eniyolakhela uJehova? Uqothula kungasali lutho. Usizi ngeke luvuke okwesibili. + 10  Ngoba abantu baseNineve bathandelene njengameva,Bafana nabantu abadakwe ubhiya;Kodwa bayoshwabadelwa njengezinhlanga ezomile. 11  Kuwe kuyophuma umuntu oceba okubi ngoJehova,Okhipha iseluleko esingelusizo lwalutho. 12  Yilokhu uJehova akushoyo: “Nakuba babenawo wonke amandla futhi bebaningi,Bayohlaselwa banqunywe. Ngikuhluphile,* kodwa ngeke ngisakuhlupha. 13  Manje ngizokwethula ijoka lakhe phezu kwakho, +Ngiyogqabula izibopho zakho. 14  Ngokuphathelene nawe* uJehova ukhiphe umyalo,‘Igama lakho ngeke lisaqhutshekiselwa phambili. Ngizoziqeda izithombe ezibaziwe nezithombe zensimbi* endlini* yonkulunkulu bakho. Ngizokwenzela ithuna ngoba uyinto enyanyekayo.’ 15  Bheka! Ezintabeni kunezinyawo zalowo oletha izindaba ezinhle,Lowo omemezela ukuthula. + O Juda, gubha imikhosi yakho, + ufeze izifungo zakho,Ngoba umuntu ongelusizo lwalutho ngeke aphinde adabule kuwe. Uyobhujiswa ngokuphelele.”

Imibhalo yaphansi

^ Incazelo: “Umduduzi.”
^ Noma, “Uyabanakekela.”
^ Okuwukuthi, yeNineve.
^ Okuwukuthi, uJuda.
^ Okuwukuthi, i-Asiriya.
^ Noma, “ezenziwe ngokuncibilikisiwe.”
^ Noma, “ethempelini.”