Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izizathu Zokwethemba IBhayibheli

4. Ukunemba Kwalo Kwezesayensi

4. Ukunemba Kwalo Kwezesayensi

Isayensi iye yathuthuka kakhulu ezikhathini zanamuhla. Ngenxa yalokho, imibono yakudala iye yathathelwa indawo yimibono emisha. Izinto kuqala ezazamukelwa njengeqiniso manje zingase zibhekwe njengenganekwane. Izincwadi zesayensi ngokuvamile kudingeka zibukezwe.

IBHAYIBHELI aliyona incwadi yesayensi. Kodwa lapho likhuluma ngezindaba zesayensi, iBhayibheli aliphawuleki nje ngalokho elikushoyo kodwa futhi nangalokho elingakusho.

Alinayo imibono engqubuzana nesayensi.

Izinkolelo eziningi eziyiphutha zamukelwa kabanzi ezikhathini zasendulo. Imibono ngokuphathelene nomhlaba yayisukela embonweni wokuthi uyisicaba kuya embonweni wokuthi usekelwe yizinto ezibonakalayo. Esikhathini eside ngaphambi kokuba isayensi yazi ngokusakazeka nokuvinjelwa kwezifo, odokotela babesebenzisa ezinye zezindlela ezingaphumeleli, futhi ezazibulala abantu. Kodwa akukho ndawo ezahlukweni zalo ezingaphezu kuka-1 100 lapho iBhayibheli lisekela khona noma imiphi imibono noma imikhuba engqubuzana nesayensi.

Ukulandisa okunengqondo ngokwesayensi.

Eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule, iBhayibheli lathi umhlaba ulenga “phezu kweze.” (Jobe 26:7) Ekhulwini lesi-8 B.C.E., u-Isaya wabhekisela ngokucacile ‘esiyingini somhlaba [noma, indilinga].’ (Isaya 40:22) Umhlaba oyindilinga olenga phezu kweze ngaphandle kwesisekelo esibonakalayo noma esingokoqobo—ingabe leyo ncazelo ayizwakali ihambisana nezikhathi zanamuhla ngokumangalisayo?

Nakuba walotshwa cishe ngo-1500 B.C.E., uMthetho KaMose (otholakala ezincwadini zokuqala ezinhlanu zeBhayibheli) wawunemithetho enengqondo ngokuphathelene nokuhlukaniswa kwabagulayo, ukuphathwa kwezidumbu nokulahlwa kwendle.—Levitikusi 13:1-5; Numeri 19:1-13; Duteronomi 23:13, 14.

Ngokwengxenye ngenxa yokusebenzisa izibonakude ezinamandla ukuze bahlole amazulu, ososayensi baye baphetha ngokuthi umkhathi “wavela” kungazelelwe. Akubona bonke ososayensi abavumelana nale ncazelo. Uprofesa othile waphawula: “Ukuba khona kwendawo yonke kubonakala kudinga ukuba kube nembangela; ngoba ubani ongalindela umphumela onjalo ngaphandle kwembangela ezwakalayo?” Kodwa esikhathini eside ngaphambi kwezibonakude, lona kanye ivesi lokuqala eBhayibhelini lathi: “Ekuqaleni uNkulunkulu wadala amazulu nomhlaba.”—Genesise 1:1.

Esikhathini eside esidlule, iBhayibheli lasho ngokunembile ukuthi umhlaba uyisiyingi futhi ulenga “phezu kweze”

Nakuba liyincwadi yasendulo futhi likhuluma ngezindaba eziningi, iBhayibheli alinawo amazwi angqubuzana nesayensi. Ingabe incwadi enjalo ayikufanelekeli okungenani ukuba siyihlole? *

^ par. 6 Ukuze uthole izibonelo ezengeziwe zokunemba kweBhayibheli kwezesayensi, bheka amakhasi 18-21 encwajana ethi Incwadi Yabo Bonke Abantu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.