uJobe 26:1-14
26 UJobe waphendula wathi:
2 “Yeka indlela enimsize ngayo ongenamandla!
Yeka indlela enisindise ngayo ingalo engenamandla! +
3 Yeka iseluleko esihle eneluleke ngaso ontula ukuhlakanipha! +
Indlela enikuveze ngayo ngokukhululekile* ukuhlakanipha* kwenu!
4 Ubani lo enizama ukukhuluma naye,Futhi ubani onenze nasho lezo zinto?
5 Labo abangenamandla ekufeni bayathuthumela;Bangaphansi ngisho kolwandle nezinto ezihlala kulo.
6 Akukho lutho eThuneni* olufihlakele kuNkulunkulu, +Ubona yonke into endaweni yokubhubha.*
7 Welulela isibhakabhaka* endaweni engenalutho, +Alengise umhlaba phezu kweze;
8 Asonge amanzi emafwini akhe, +Ukuze amafu angaqhumi ngenxa yokusindwa amanzi;
9 Usitha isihlalo sakhe sobukhosi,Elulele ifu lakhe phezu kwaso. +
10 Ubeka uphawu oluhlukanisa isibhakabhaka namanzi; +Wenza umngcele ohlukanisa ukukhanya nobumnyama.
11 Izinsika zezulu ziyandindizela;Ziyathuthumela lapho ephakamisa izwi lakhe.
12 Unyakazisa ulwandle ngamandla akhe, +Nangokuqonda kwakhe uphihliza isilwane esesabekayo sasolwandle* sibe izicucu. +
13 Ngomoya wakhe wenza isibhakabhaka sicwathe;Isandla sakhe sihlaba inyoka eshesha njengonyazi.*
14 Bheka! Lokhu kumane kuyingxenye encane nje yemisebenzi yakhe; +Yeka ukuthi kuncane kangakanani esikuzwayo ngaye ngezindlebe zethu!
Ngakho ubani ongaqonda indlela enza ngayo izulu lidume ngamandla?” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “ngobuningi.”
^ Noma, “ukuqonda.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “e-Abhadoni.”
^ NgesiHebheru, “inyakatho.”
^ NgesiHebheru, “uRahabi.”
^ Noma, “eshibilikayo.”