IsiLilo 5:1-22

  • Isizwe sithandazela ukuba sibuyiselwe endaweni yaso

    • “Khumbula lokho okusehlele” (1)

    • ‘Maye kithi; sonile’ (16)

    • “O Jehova, sibuyisele kuwe” (21)

    • “Yenza izinsuku zethu zibe njengakuqala” (21)

5  O Jehova, khumbula lokho okusehlele. Bheka ubone ihlazo lethu. +  2  Ifa lethu linikwe izihambi, izindlu zethu zanikwa izifiki. +  3  Sesiyizintandane ezingenababa; omama bethu banjengabafelokazi. +  4  Kumelwe sikhokhe ukuze siphuze amanzi ethu, + nezinkuni zethu siyazithenga.  5  Abasijahayo basezithendeni zethu;Sikhathele, kodwa asikutholi ukuphumula. +  6  Sincike eGibhithe + nase-Asiriya, + ukuze sithole ukudla okwanele.  7  Okhokho bethu abona abasekho, kodwa thina kumelwe sithwale iziphambeko zabo.  8  Sesibuswa yizinceku; akekho ongasikhulula esandleni sazo.  9  Sibeka ukuphila kwethu engozini ukuze sithole ukudla, + ngenxa yalabo abasehlane abaphethe izinkemba. 10  Isikhumba sethu sesishisa njengesithando somlilo ngenxa yendlala. + 11  Babahlazile* abafazi baseZiyoni, izintombi zasemadolobheni akwaJuda. + 12  Izikhulu zilengiswe ngesandla sazo, + namadoda amadala awazange ahlonishwe. + 13  Izinsizwa zithwele itshe lokugaya, nabafana bayawa ngenxa yokusindwa yizinkuni. 14  Amadoda amadala awasekho esangweni ledolobha; + izinsizwa azisawudlali umculo wazo. + 15  Injabulo ayisekho ezinhliziyweni zethu; ukudansa kwethu sekuphenduke ukukhala. + 16  Umqhele uwile ekhanda lethu. Maye kithi, ngoba sonile! 17  Ngenxa yalokhu inhliziyo yethu isezinhlungwini, +Nangenxa yalezi zinto amehlo ethu awasaboni kahle, + 18  Ngenxa yeNtaba iZiyoni eyenziwe incithakalo; + izimpungushe sezihamba kuyo. 19  Kepha wena Jehova, uhleli esihlalweni sakho sobukhosi kuze kube phakade. Ubukhosi bakho bungobaphakade. + 20  Kungani usikhohlwa kuze kube phakade, usishiya isikhathi eside kangaka? + 21  O Jehova, sibuyisele kuwe, sizobuya ngokushesha. + Yenza izinsuku zethu zibe njengakuqala. + 22  Nokho, usilahle ngokuphelele. Usasithukuthelele kakhulu. +

Imibhalo yaphansi

^ Noma, “Badlwengule.”