Eyesibili KaSamuweli 21:1-22

  • AbaseGibheyoni bayaphindiselelwa kwabendlu kaSawule (1-14)

  • Izimpi namaFilisti (15-22)

21  Kwaba khona indlala + ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ilandelana, ngakho uDavide wabuza kuJehova, uJehova wathi: “Kunecala legazi kuSawule nasendlini yakhe, ngoba wabulala abaseGibheyoni.” +  Ngakho inkosi yabiza abaseGibheyoni + yakhuluma nabo. (AbaseGibheyoni babengewona ama-Israyeli, kodwa babengama-Amori + ayesele, ama-Israyeli ayefungile ukuthi ngeke ababulale, + kodwa uSawule wafuna ukubabulala lapho eshisekela abantu bakwa-Israyeli noJuda.)  UDavide wathi kwabaseGibheyoni: “Nginenzeleni, yini engingahlawula ngayo, ukuze nibusise ifa likaJehova?”  AbaseGibheyoni bathi kuye: “Ngokuphathelene noSawule nendlu yakhe, akuyona indaba yesiliva noma yegolide + kithi; asikwazi nokubulala muntu kwa-Israyeli.” Waphendula wathi: “Noma yini eniyishoyo ngizonenzela yona.”  Bona bathi enkosini: “Umuntu owasiqothula, waceba ukusibhuqa ukuze singahlali nomaphi endaweni yakwa-Israyeli +  masinikwe amadodana akhe ayisikhombisa. Sizolengisa izidumbu zawo *+ phambi kukaJehova eGibheya + likaSawule, owakhethwa uJehova ukuba abe yinkosi.” + Inkosi yathi: “Ngizoninika wona.”  Nokho, inkosi yaba nozwela ngoMefibhosheti + indodana kaJonathani indodana kaSawule, ngenxa yesifungo uDavide noJonathani + indodana kaSawule ababesenze phambi kukaJehova.  Ngakho inkosi yathatha u-Arimoni noMefibhosheti, amadodana amabili kaRizpa, + indodakazi ka-Aya, awazalela uSawule, namadodana amahlanu kaMikhali *+ indodakazi kaSawule, awazalela u-Adriyeli + indodana kaBharizilayi waseMehola.  Wawanikela kwabaseGibheyoni, balengisa izidumbu zawo entabeni phambi kukaJehova. + Wonke lawa ayisikhombisa afa ndawonye; abulawa ngezinsuku zokuqala zokuvuna, ekuqaleni kokuvunwa kwebhali. 10  URizpa + indodakazi ka-Aya wabe esethatha indwangu yesaka wazendlalela yona phezu kwedwala kusukela ekuqaleni kokuvuna kwaze kwana imvula; akazivumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwawo emini, nezilo zasendle ukuba zisondele ebusuku. 11  UDavide watshelwa ngalokho okwakwenziwe uRizpa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule. 12  Ngakho uDavide wahamba wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubaholi* baseJabeshi-gileyadi, + ababewebe esigcawini saseBheti-shani, lapho amaFilisti ayebalengise khona ngosuku amaFilisti ambulala ngalo uSawule eGilibowa. + 13  Wawakhuphula lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe, babutha namathambo amadoda ayebulewe. *+ 14  Bawangcwaba amathambo kaSawule nakaJonathani indodana yakhe ezweni lakwaBhenjamini eZela + ethuneni likaKishi + uyise. Ngemva kokuba benze konke inkosi eyayikuyalile, uNkulunkulu wakulalela ukunxusela kwabo izwe. + 15  Kwaphinde kwaba nempi phakathi kwamaFilisti nama-Israyeli. + Ngakho uDavide nezinceku zakhe behla bayolwa namaFilisti, kodwa uDavide wakhathala. 16  U-Ishibi-bhenobi, owayezalwa amaRefa, + owayenomkhonto wethusi onesisindo esingamashekeli angu-300, *+ futhi ehlome ngenkemba entsha, wayehlose ukubulala uDavide. 17  Ngaso leso sikhathi u-Abhishayi + indodana kaZeruya wamsiza + wamshaya lo mFilisti wambulala. Ngaleso sikhathi amadoda kaDavide afunga kuye, athi: “Akumelwe uphinde uphume kanye nathi uye empini! + Akumelwe usicime isibani sika-Israyeli!” + 18  Ngemva kwalokhu kwaphinde kwaba nempi kulwa ama-Israyeli namaFilisti + eGobi. Ngaleso sikhathi uSibhekayi + umHusha wabulala uSafi, owayezalwa amaRefa. + 19  Kwaphinde kwaba nenye impi namaFilisti + eGobi, u-Elihanani indodana kaJahare-oregimi waseBhetlehema wabulala uGoliyati umGiti, owayenomkhonto onomphini onjengogodo lohlaka lokweluka indwangu. + 20  Kwaphinde kwaba nenye impi eGati, lapho kwakunendoda ende ngendlela engavamile, eneminwe eyisithupha esandleni ngasinye nezinzwane eziyisithupha onyaweni ngalunye, sekukonke kungu-24; nayo futhi yayizalwa amaRefa. + 21  Yayilokhu ichukuluza u-Israyeli. + Ngenxa yalokho uJonathani indodana kaShimeyi, + umfowabo kaDavide, wayibulala. 22  Laba abane babezalwa amaRefa eGati, uDavide nezinceku zakhe bababulala. +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “Sizowabeka obala,” okuwukuthi, esephulwe izingalo nemilenze.
Noma kungaba, “kaMerabi.”
Noma kungaba, “kubanikazi bendawo.”
NgesiHebheru, “ayebekwe obala.”
Cishe u-3,42 kg. Bheka iSithasiselo B14.