Eyokuqala KaSamuweli 24:1-22

  • UDavide usindisa ukuphila kukaSawule (1-22)

    • UDavide uyamhlonipha ogcotshiwe kaJehova (6)

24  Kwathi nje lapho uSawule esebuyile ukuyojaha amaFilisti, bambikela bathi: “UDavide usehlane lase-Eni-gedi.” +  Ngakho uSawule wathatha amadoda ekhethelo angu-3 000 ku-Israyeli wonke, wahamba wayofuna uDavide namadoda ayekanye naye emaweni okuhlala kuwo izimbuzi zezintaba.  USawule wafika ezibayeni zezimvu ezenziwe ngamatshe eceleni kwendlela, lapho kwakukhona khona umhume. Wangena kuwo eyozikhulula,* kuyilapho uDavide namadoda ayekanye naye behlezi emuva impela kulowo mhume. +  Amadoda ayekanye noDavide athi kuye: “Lolu usuku uJehova athi ngalo kuwe, ‘Nginikela isitha sakho esandleni sakho, + ungenza noma yini ebonakala ilungile emehlweni akho.’ ” Ngakho uDavide wasukuma wasika ngokunyenya umphetho wejazi likaSawule elingenamikhono.  Kodwa ngemva kwalokho inhliziyo* kaDavide yayilokhu imshaya + ngenxa yokuthi wayesike umphetho wejazi likaSawule elingenamikhono.  Wathi emadodeni ayekanye naye: “Kuyinto engacabangeki emehlweni kaJehova, ukuba ngenze into enjalo enkosini yami, ogcotshiwe kaJehova, ngokwelulela isandla sami kuyo, ngoba nguJehova oyigcobile.” +  Ngakho uDavide wawanqanda* amadoda ayekanye naye ngala mazwi, akawavumelanga ukuba ahlasele uSawule. USawule yena waphuma emhumeni waqhubeka nendlela yakhe.  Kamuva uDavide wasukuma waphuma emhumeni wamemeza uSawule, wathi: “Nkosi yami!” + Lapho uSawule ebheka emuva, uDavide waguqa, wakhothama ubuso bakhe bubheke phansi.  UDavide wathi kuSawule: “Kungani ulalela abantu lapho bethi, ‘Qaphela! UDavide ufuna ukukulimaza’? + 10  Namuhla uzibonele ngawakho indlela uJehova akunikele ngayo esandleni sami emhumeni. Kodwa lapho omunye ethi angikubulale, + ngikuhawukele ngathi, ‘Ngeke ngelulele isandla sami enkosini yami, ngoba nguJehova oyigcobile.’ + 11  Bheka baba, nawu umphetho wejazi lakho elingenamikhono esandleni sami; angikubulalanga lapho ngisika umphetho wejazi lakho elingenamikhono. Manje uyazibonela futhi uyaqonda ukuthi angihlosile ukukulimaza noma ukumelana nawe, angikonanga ngalutho, + kuyilapho wena uzingela ukuphila kwami ukuze ungibulale. + 12  Kwangathi uJehova angahlulela phakathi kwami nawe, + futhi kwangathi uJehova angangiphindiselela kuwe, + kodwa esami isandla ngeke simelane nawe. + 13  Kunjengoba nje isaga sasendulo sisho, ‘Okubi kuvela kwababi,’ ngakho esami isandla ngeke simelane nawe. 14  Inkosi yakwa-Israyeli izingela bani? Ngingubani nje mina? Ngiyafana nje nenja efile. Ngiyafana nje nezeze. + 15  Kwangathi uJehova angaba umahluleli, uzokwahlulela phakathi kwami nawe, uzobona angimele kule ndaba, + angahlulele bese engikhulula esandleni sakho.” 16  Kwathi lapho uDavide eqeda ukusho la mazwi kuSawule, uSawule wathi: “Yizwi lakho yini lelo Davide ndodana yami?” + USawule wakhala kakhulu. 17  Wathi kuDavide: “Wena ulunge ngaphezu kwami, ngoba ungiphathe kahle kodwa mina ngikubuyisele ngokubi. + 18  Namuhla uzibonisile izenzo zakho ezinhle kimi ngokungangibulali lapho uJehova enginikela esandleni sakho. + 19  Yimuphi umuntu okungathi ethola isitha sakhe asidedele sihambe engasilimazanga? UJehova uyokuvuza ngokuhle + ngenxa yalokho okwenze kimi namuhla. 20  Manje ngiyazi ukuthi nakanjani uzobusa njengenkosi, + nokuthi umbuso wakwa-Israyeli uyoqhubeka usesandleni sakho. 21  Manje funga uJehova kimi + ukuthi ngeke uyiqothule inzalo* yami ngemva kokufa kwami nokuthi ngeke ulesule igama lami endlini kababa.” + 22  Ngakho uDavide wafunga kuSawule, ngemva kwalokho uSawule wahamba waya ekhaya. + Kodwa uDavide namadoda ayekanye naye, bakhuphukela endaweni okunzima ukuyifinyelela. +

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “eyombesa izinyawo zakhe.”
Noma, “unembeza.”
Noma kungaba, “wawahlakaza.”
NgesiHebheru, “imbewu.”