Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Isimiso Sokuqondisa Sokufeza Injongo KaNkulunkulu

Isimiso Sokuqondisa Sokufeza Injongo KaNkulunkulu

Isimiso Sokuqondisa Sokufeza Injongo KaNkulunkulu

‘UNkulunkulu wenza zonke izinto ngokwendlela intando yakhe ecebisa ngayo.’—EFESU 1:11.

1. Kungani wonke amabandla oFakazi BakaJehova ezohlangana ngo-April 12, 2006?

NGOLWESITHATHU kusihlwa, ngo-April 12, 2006, abantu abangaba izigidi ezingu-16 bazohlangana ukuze bagubhe iSidlo SeNkosi Sakusihlwa. Endaweni ngayinye abazohlangana kuyo, kuzobe kukhona itafula elinesinkwa esingenamvubelo, esimelela umzimba kaKristu, kanye newayini elibomvu, elimelela igazi lakhe elachitheka. Ngasekupheleni kwenkulumo ezobe ichaza lokho okushiwo iSikhumbuzo sokufa kukaJesu, lezi zifanekiselo zizodluliswa kubo bonke abazobe bekhona, kuqalwe ngesinkwa bese kulandela iwayini. Emabandleni ambalwa oFakazi BakaJehova, lezi zifanekiselo zizodliwa oyedwa noma abengeziwe kwabazobe bekhona. Nokho, emabandleni amaningi akekho ozodla. Kungani kudla kuphela amaKristu ambalwa anethemba lokuphila ezulwini, kuyilapho iningi, elinethemba lokuphila phakade emhlabeni, lona lingadli?

2, 3. (a) UJehova wadala kanjani ngokuvumelana nenjongo yakhe? (b) UJehova wadala umhlaba nesintu ngayiphi injongo?

2 UJehova unguNkulunkulu wenjongo. Lapho efeza injongo yakhe, “wenza zonke izinto ngokwendlela intando yakhe ecebisa ngayo.” (Efesu 1:11) Waqale wadala iNdodana yakhe ezelwe yodwa. (Johane 1:1, 14; IsAmbulo 3:14) Ngale Ndodana, wabe esedala umkhaya wamadodana omoya, ekugcineni wadala indawo yonke, kuhlanganise nomhlaba nabantu abakuwo.—Jobe 38:4, 7; IHubo 103:19-21; Johane 1:2, 3; Kolose 1:15, 16.

3 UJehova akazange adale umhlaba ukuze ube indawo azoqale avivinye kuyo izidalwa zakhe ngaphambi kokuba azenezele emkhayeni wakhe wamadodana omoya asezulwini, njengoba kufundisa amasonto amaningi eLobukholwa. Wawudala enenjongo eqondile, yokuba “uhlalwe.” (Isaya 45:18) Umhlaba wadalelwa umuntu nomuntu wadalelwa umhlaba. (IHubo 115:16) Umhlaba wonke wawuzoba ipharadesi, ugcwale abantu abalungile, ababeyowulima bawunakekele. Akazange nanini athembise umbhangqwana wokuqala ukuthi uyogcina uye ezulwini.—Genesise 1:26-28; 2:7, 8, 15.

Injongo KaJehova Ibekelwa Inselele

4. Indlela kaJehova yokubusa yabekelwa kanjani inselele ekuqaleni komlando wesintu?

4 Enye indodana kaNkulunkulu yomoya yavukela yafuna ukubhuntshisa injongo kaJehova, isebenzisa kabi isipho sikaNkulunkulu senkululeko yokuzikhethela. Yaphazamisa ukuthula okutholwa yibo bonke abazithoba ebukhosini bukaJehova ngoba bemthanda. USathane waholela umbhangqwana wokuqala enkambweni yokuzibusa ngaphandle kukaNkulunkulu. (Genesise 3:1-6) Akazange aphike amandla kaJehova, kodwa wabekela inselele indlela yaKhe yokubusa, kanjalo nelungelo laKhe lokubusa. Ngakho, ekuqaleni nje komlando wesintu, kwaphakama impikiswano ebalulekile yobukhosi bukaJehova lapha emhlabeni.

5. Iyiphi impikiswano yesibili eyaphakanyiswa, futhi ihilela obani?

5 Ezinsukwini zikaJobe, uSathane waphakamisa impikiswano yesibili ehlobene kakhulu neyokuqala eyinhloko ephathelene nobukhosi bendawo yonke. USathane wasenza sangabazeka isisusa sezidalwa zikaJehova sokuzithoba kuYe nokumkhonza. USathane wasikisela ukuthi lokhu zikwenza ngenxa yobugovu nokuthi uma zingase zivivinywe, zingamfulathela uNkulunkulu. (Jobe 1:7-11; 2:4, 5) Nakuba le mpikiswano yaphakanyiswa ngokuqondene nenceku kaJehova engumuntu, yayihilela namadodana kaNkulunkulu omoya, ngisho neNdodana kaJehova ezelwe yodwa.

6. UJehova wanamathela kanjani enjongweni yakhe nasencazelweni yegama lakhe?

6 Enamathela enjongweni yakhe nasencazelweni yegama lakhe, uJehova wazibangela ukuba abe uMprofethi noMsindisi. * Watshela uSathane: “Ngizobeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyokulimaza ekhanda wena uyoyilimaza esithendeni.” (Genesise 3:15) Esebenzisa iNzalo ‘yowesifazane’ wakhe, noma ingxenye yasezulwini yenhlangano yaKhe, uJehova wayeyophendula inselele kaSathane futhi anikeze abantwana baka-Adamu ithemba lokukhululwa nokuphila.—Roma 5:21; Galathiya 4:26, 31.

“Imfihlo Engcwele Yentando Yakhe”

7. Iyiphi injongo uJehova ayambula ngomphostoli uPawulu?

7 Encwadini ayeyibhalele amaKristu ase-Efesu, umphostoli uPawulu uyichaza kahle kakhulu indlela uJehova aqondisa ngayo izinto ukuze afeze injongo yakhe. Uthi: “Wasazisa imfihlo engcwele yentando yakhe. Kuvumelana nentando yakhe ayeyijongile kuye ngokwakhe, ukuba kube nesimiso sokuqondisa lapho kugcwala isilinganiso sezikhathi ezimisiwe, okuwukuthi, ukuphinde abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, izinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni.” (Efesu 1:9, 10) Injongo kaJehova ekhazimulayo iwukwenza kube nobunye ezulwini nasemhlabeni futhi kuhlale izidalwa ezizithoba ebukhosini bakhe ngoba zimthanda. (IsAmbulo 4:11) Kanjalo, igama lakhe liyongcweliswa, uSathane abonakale ukuthi ungumqambimanga futhi intando kaNkulunkulu ifezeke “nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.

8. Lisho ukuthini igama elihunyushwe ngokuthi ‘isimiso sokuqondisa’?

8 ‘Intando,’ noma injongo, kaJehova yayiyofezwa ‘ngesimiso sokuqondisa.’ UPawulu wasebenzisa igama ngokwezwi nezwi elisho “ukuphathwa kwekhaya.” Leli gama libhekisela endleleni yokusingatha izinto. * Indlela emangalisayo uJehova ayeyoqondisa ngayo izinto ukuze afeze injongo yakhe yayihilela “imfihlo engcwele,” eyayiyokwambulwa kancane kancane phakathi namakhulu eminyaka.—Efesu 1:10; 3:9, imibhalo yaphansi ye-Reference Bible.

9. UJehova wayambula kanjani kancane kancane imfihlo engcwele yentando yakhe?

9 UJehova wembula kancane kancane ngezivumelwano eziningana indlela eyayiyofezeka ngayo injongo yakhe mayelana neNzalo ayithembisa e-Edene. Isithembiso sesivumelwano asenza no-Abrahama saveza ukuthi iNzalo ethenjisiwe yayiyofika emhlabeni ivela ohlwini lozalo luka-Abrahama futhi yayiyoba yindlela yokuba “zonke izizwe zomhlaba” zizibusise. Leso sivumelwano sasikisela nokuthi kwakuyoba nabanye ababeyoba kanye nengxenye eyinhloko yenzalo. (Genesise 22:17, 18) Isivumelwano soMthetho esenziwa no-Israyeli wenyama sembula injongo kaJehova yokuba abe ‘nombuso wabapristi.’ (Eksodusi 19:5, 6) Isivumelwano esenziwa noDavide sabonisa ukuthi le Nzalo yayiyoba iNhloko yoMbuso kuze kube nini nanini. (2 Samuweli 7:12, 13; IHubo 89:3, 4) Ngemva kokuba isivumelwano soMthetho siholele amaJuda kuMesiya, uJehova waveza izici ezengeziwe zokufezeka kwenjongo yakhe. (Galathiya 3:19, 24) Abantu ababeyohlanganiswa nengxenye eyinhloko yenzalo babeyokwakha “umbuso wabapristi” futhi bafakwe ‘esivumelwaneni esisha’ babe “u-Israyeli” omusha, ongokomoya.—Jeremiya 31:31-34; Hebheru 8:7-9. *

10, 11. (a) UJehova wayambula kanjani iNzalo ebikezelwe? (b) Kungani iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa yeza emhlabeni?

10 Ngokuvumelana nesimiso sokuqondisa injongo kaNkulunkulu, kwafika isikhathi sokuba iNzalo eyayithenjisiwe ivele emhlabeni. UJehova wathumela ingelosi uGabriyeli ukuba iyotshela uMariya ukuthi uzobeletha indodana okufanele ibizwe ngokuthi uJesu. Ingelosi yathi kuye: “Iyoba umuntu omkhulu ibizwe ngokuthi yiNdodana YoPhezukonke; uJehova uNkulunkulu uyoyinika isihlalo sobukhosi sikaDavide uyise, futhi iyobusa njengenkosi phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wayo ngeke uphele.” (Luka 1:32, 33) Ngakho kwacaca ukuthi ngubani oyiNzalo ethenjisiwe.—Galathiya 3:16; 4:4.

11 INdodana kaJehova ezelwe yodwa yayizofika emhlabeni ivivinywe ngokugcwele. Kwakuyoba semahlombe kaJesu ukunikeza impendulo ephelele enseleleni kaSathane. Ingabe yayiyohlala ithembekile kuYise? Lokhu kwakuhilela imfihlo engcwele. Kamuva, umphostoli uPawulu wachaza indima kaJesu: “Kuyavunywa ukuthi inkulu imfihlo engcwele yalokhu kuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu ewukuthi: ‘Wabonakaliswa enyameni, kwathiwa ulungile emoyeni, wabonakala ezingelosini, washunyayelwa phakathi kwezizwe, izwe lakholwa nguye, wamukelwa phezulu ngenkazimulo.’” (1 Thimothewu 3:16) Yebo, ngokugcina ubuqotho kuze kube sekufeni, uJesu wanikeza impendulo ecacile enseleleni kaSathane. Kodwa eminye imininingwane yemfihlo engcwele yayisazokwambulwa.

“Imfihlo Engcwele Yombuso KaNkulunkulu”

12, 13. (a) Isiphi esinye sezici ‘zemfihlo engcwele yombuso kaNkulunkulu’? (b) Yini eyayihilelekile ekukhetheni kukaJehova abantu abayinani elilinganiselwe ukuba baye ezulwini?

12 Kolunye uhambo lwakhe lokushumayela eGalile, uJesu wabonisa ukuthi imfihlo engcwele ihlobene eduze nohulumeni wakhe woMbuso KaMesiya. Watshela abafundi bakhe: “Nina nikunikiwe ukuqonda izimfihlo ezingcwele zombuso wamazulu [‘zombuso kaNkulunkulu,’ Marku 4:11].” (Mathewu 13:11) Esinye sezici zaleyo mfihlo kwakuwukukhetha kukaJehova ‘umhlambi omncane’ wabantu abangu-144 000 abayohlanganiswa neNdodana yakhe njengengxenye yenzalo, babuse nayo ezulwini.—Luka 12:32; IsAmbulo 14:1, 4.

13 Njengoba abantu babedalelwe ukuphila emhlabeni, kwakudingeka uJehova adale “indalo entsha” ukuze kube nabantu abathile abaya ezulwini. (2 Korinte 5:17) Ekhuluma njengomunye wabakhethelwe leli themba elingavamile lasezulwini, umphostoli uPetru wabhala: “Makabongwe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, ngoba ngokwesihe sakhe esikhulu wasipha ukuzalwa okusha ethembeni eliphilayo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo, efeni elingenakonakala nelingangcolile nelingabuni. Ligcinelwe nina ezulwini.”—1 Petru 1:3, 4.

14. (a) Labo abangewona amaJuda bangena kanjani ‘emfihlweni engcwele yombuso kaNkulunkulu’? (b) Kungani sikwazi ukuziqonda lezi ‘zinto ezijulile zikaNkulunkulu’?

14 Esinye isici semfihlo engcwele ngokuqondene nohulumeni woMbuso wesikhathi esizayo saba yintando kaNkulunkulu yokufaka nabangewona amaJuda enanini elincane labantu ababeyobizelwa ukubusa noKristu ezulwini. UPawulu wasichaza lesi sici ‘sesimiso sikaJehova sokuqondisa,’ noma indlela yakhe yokusingatha ukufezeka kwenjongo yakhe: “Kwezinye izizukulwane le mfihlo ayizange yaziswe kubantwana babantu njengoba manje yambuliwe ngomoya kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi, ewukuthi, ukuba abantu bezizwe babe yizindlalifa kanye nathi namalungu omzimba akanye nathi nabahlanganyeli kanye nathi esithembisweni, simunye noKristu Jesu ngezindaba ezinhle.” (Efesu 3:5, 6) ‘Abaphostoli abangcwele’ bembulelwa lesi sici semfihlo engcwele basiqonda. Ngokufanayo namuhla, ukube bekungengenxa yosizo lomoya ongcwele, besingeke sikwazi ukuziqonda lezi ‘zinto ezijulile zikaNkulunkulu.’—1 Korinte 2:10; 4:1; Kolose 1:26, 27.

15, 16. Kungani uJehova abakhetha esintwini labo ababeyobusa noKristu?

15 “Abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi amane nane” ababonakala bemi ‘neWundlu’ eNtabeni iZiyoni yasezulwini kuthiwa “bathengwé emhlabeni,” “[bathengwe] kubantu njengolibo kuNkulunkulu neWundlu,” uKristu Jesu. (IsAmbulo 14:1-4) UJehova wakhetha iZibulo lamadodana akhe asezulwini ukuba libe ingxenye eyinhloko yeNzalo eyathenjiswa e-Edene. Kodwa kungani labo abayohlanganiswa noKristu bona abakhetha esintwini? Umphostoli uPawulu uyachaza ukuthi laba abayinani elilinganiselwe “bangababiziweyo ngokwenjongo [kaJehova],” “ngokwentando yakhe.”—Roma 8:17, 28-30; Efesu 1:5, 11; 2 Thimothewu 1:9.

16 Injongo kaJehova iwukungcwelisa igama lakhe elikhulu nelingcwele futhi alwele ubukhosi bakhe bendawo yonke. ‘Ngesimiso sakhe sokuqondisa,’ noma indlela yokusingatha izinto, ebonisa ukuhlakanipha okungenakuqhathaniswa, uJehova wathumela iNdodana yakhe eyizibulo emhlabeni, lapho yavivinywa khona kwaze kwaba sekufeni. Ngaphezu kwalokho, uJehova walungiselela ukuba uhulumeni woMbuso KaMesiya weNdodana yakhe uhlanganise nabantu nabo ababesekele ubukhosi bakhe kwaze kwaba sekufeni.—Efesu 1:8-12; IsAmbulo 2:10, 11.

17. Kungani singajabula ngokuthi uKristu nababusi abakanye naye bake baphila njengabantu emhlabeni?

17 UJehova wabonisa uthando lwakhe olukhulu ngenzalo ka-Adamu ngokwenza ukuba iNdodana yakhe ize emhlabeni nangokubakhetha esintwini labo ababeyoba izindlalifa kanye neNdodana kuhulumeni woMbuso. Lokho kwakungabazuzisa kanjani abanye abaye bazibonakalisa bethembekile kuJehova, kusukela ku-Abela kuze neno? Njengoba abantu abangaphelele bezalwa beyizigqila zesono nokufa, kwakuyodingeka baphulukiswe ngokomoya nangokwenyama benziwe baphelele, ngokuvumelana nenjongo kaJehova yokuqala ngesintu. (Roma 5:12) Yeka ukuthi kududuza kanjani kubo bonke abalangazelela ukuphila phakade emhlabeni ukwazi ukuthi iNkosi yabo iyobabonisa uthando nokubaqonda njengoba nje yenza kubafundi bayo phakathi nenkonzo yayo yasemhlabeni! (Mathewu 11:28, 29; Hebheru 2:17, 18; 4:15; 7:25, 26) Yeka indlela okubamisa idolo ngayo nokwazi ukuthi labo abayoba abapristi abangamakhosi kanye noKristu ezulwini kuyoba amadoda nabesifazane bokholo, kwabona abake baba buthakathaka futhi babhekana nezinselele zokuphila, njengathi!—Roma 7:21-25.

Injongo KaJehova Engabhuntshi

18, 19. Kungani amazwi kaPawulu akweyabase-Efesu 1:8-11 esicacela kakhudlwana, futhi yini esizoxoxa ngayo esihlokweni esilandelayo?

18 Manje sesiwaqonda kangcono amazwi uPawulu awasho kumaKristu agcotshiwe, akweyabase-Efesu 1:8-11. Wathi uJehova wayewazise “imfihlo engcwele yentando yakhe,” wathi “abelwa njengezindlalifa” kanye noKristu, wathi futhi “amiselwa kusengaphambili ngokwenjongo yakhe lowo owenza zonke izinto ngokwendlela intando yakhe ecebisa ngayo.” Siyaqonda ukuthi lokhu kuyavumelana ‘nesimiso sikaJehova sokuqondisa’ izinto esimangalisayo sokufeza injongo yakhe. Lokhu kuyasisiza futhi ukuba siqonde ukuthi kungani kungamaKristu ambalwa kuphela adla izifanekiselo kulawo asuke eseSidlweni SeNkosi Sakusihlwa.

19 Esihlokweni esilandelayo, sizobona lokho okushiwo yiSikhumbuzo sokufa kukaKristu kumaKristu anethemba lasezulwini. Sizobona nokuthi kungani izigidi ezinethemba lokuphila phakade emhlabeni kufanele zibe nesithakazelo esikhulu kulokho okufanekiselwa yiSikhumbuzo.

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 6 Ngokwezwi nezwi, igama likaNkulunkulu lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” UJehova angaba yinoma yini edingekayo ukuze afeze injongo yakhe.—Eksodusi 3:14, umbhalo waphansi we-Reference Bible.

^ par. 8 Amazwi kaPawulu abonisa ukuthi lesi “simiso sokuqondisa” sase sisebenza osukwini lwakhe. ImiBhalo ibonisa ukuthi uMbuso KaMesiya wona waze wamiswa ngo-1914.

^ par. 9 Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe yalezi zivumelwano ezihileleke ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu, bheka INqabayokulinda ka-February 1, 1989, amakhasi 10-15.

Ake Sibukeze

• Kungani uJehova adala umhlaba wayesebeka umuntu kuwo?

• Kungani kwakudingeka ukuba iNdodana kaJehova ezelwe yodwa ivivinywe emhlabeni?

• Kungani uJehova abakhetha esintwini ababusi abakanye noKristu?

[Imibuzo Yesifundo]