Eyokuqala KaPetru 1:1-25
1 UPetru, umphostoli + kaJesu Kristu, kwabayizakhamuzi zesikhashana ezihlakazekele ePhontu, eGalathiya, eKhaphadosiya, + e-Asiya naseBhithiniya, kulabo abakhethwe
2 ngokokwazi kusengaphambili kukaNkulunkulu uBaba, + nangokungcweliswa ngomoya, + ngenjongo yokuba balalele futhi bafafazwe ngegazi likaJesu Kristu: +
Kwangathi ningandiselwa umusa omkhulu nokuthula.
3 Makadunyiswe uNkulunkulu noYise weNkosi yethu uJesu Kristu, ngoba ngesihe sakhe esikhulu wasipha ukuzalwa okusha + ethembeni eliphilayo + ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafile, +
4 efeni elingenakonakala nelingangcolile nelingabuni. + Ligcinelwe nina ezulwini, +
5 nina enilondwa ngamandla kaNkulunkulu ngenxa yokholo ngenjongo yensindiso elungele ukwambulwa esikhathini sokuphela.
6 Nijabula kakhulu ngalokhu, nakuba okwamanje kudingekile ukuba nibhekane nosizi ngenxa yezilingo ezihlukahlukene, +
7 ukuze ukholo lwenu oluvivinyiwe + lwenani elikhulu kakhulu kunegolide elishabalalayo naphezu kokuvivinywa* kwalo ngomlilo, lutholakale luyisizathu sendumiso nenkazimulo nodumo ekwambulweni kukaJesu Kristu. +
8 Nakuba ningakaze nimbone, niyamthanda. Nakuba ningamboni manje, nibonisa ukholo kuye futhi nijabula kakhulu ngenjabulo engachazeki nekhazimulayo,
9 njengoba nifinyelela umgomo wokholo lwenu, insindiso* yenu. +
10 Abaprofethi abaprofetha ngomusa omkhulu ohloselwe nina, baphenya ngenkuthalo ngale nsindiso futhi bahlola ngokucophelela. +
11 Baqhubeka behlola ukuthi umoya okubo ukhomba kusiphi isikhathi ngokukhethekile noma kuyiphi inkathi ngokuphathelene noKristu + njengoba wafakaza kusengaphambili ngezinhlupheko uKristu ayezobhekana nazo + nangenkazimulo eyayizolandela.
12 Bambulelwa ukuthi babengazikhonzi bona, kodwa babekhonza nina, ngezinto manje eniye nazaziswa kusetshenziswa labo abaye bamemezela kini izindaba ezinhle ngomoya ongcwele othunywe uvela ezulwini. + Izingelosi zifisa ukubona zona lezi zinto.
13 Ngakho lungisani izingqondo zenu ngenjongo yokusebenza; + hlalani nisanguluke ngokuphelele; + bekani ithemba lenu emseni omkhulu oyolethwa kini ekwambulweni kukaJesu Kristu.
14 Njengabantwana abalalelayo, yekani ukulolongwa* yizifiso enaninazo ngaphambili ekungazini kwenu,
15 kodwa njengoNgcwele owanibiza, nani yibani ngcwele kukho konke ukuziphatha kwenu, +
16 ngoba kulotshiwe ukuthi: “Kumelwe nibe ngcwele, ngoba mina ngingcwele.” +
17 Uma nibiza uBaba owahlulela umsebenzi womuntu ngamunye ngokungakhethi, + ziphatheni ngokwesaba + phakathi nesikhathi sokuba kwenu yizakhamuzi zesikhashana.
18 Ngoba niyazi ukuthi anikhululwanga *+ ngezinto ezonakalayo, ngesiliva noma ngegolide, endleleni yenu yokuphila engenanzuzo eyadluliselwa kini okhokho* benu.
19 Kodwa nakhululwa ngegazi eliyigugu, + njengalelo lewundlu elingenasici nelingenabala, + lelo likaKristu. +
20 Yiqiniso, waziwa kusengaphambili ngaphambi kokusungulwa kwezwe, + kodwa wabonakaliswa ekupheleni kwezikhathi ngenxa yenu. +
21 Ngenxa yakhe nikholwa kuNkulunkulu, + yena owamvusa kwabafile + futhi wamnika inkazimulo, + ukuze ukholo lwenu nethemba kube kuNkulunkulu.
22 Njengoba senizihlanzile ngokulalela kwenu iqiniso, umphumela waba uthando lobuzalwane lokungazenzisi, + thandanani kakhulu ngokusuka enhliziyweni. +
23 Ngoba nizalwe kabusha, + hhayi ngembewu enokonakala, kodwa ngembewu* engenakonakala, + ngezwi likaNkulunkulu ophilayo nohlala njalo. +
24 Ngoba “bonke abantu* banjengotshani, futhi yonke inkazimulo yabo injengembali yasendle; utshani buyabuna, imbali iwe,
25 kodwa izwi likaJehova* lihlala phakade.” + Futhi leli “zwi” liyizindaba ezinhle ezamenyezelwa kini. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “kokucwengisiswa.”
^ Noma, “insindiso yemiphefumulo.”
^ Noma, “ukubunjwa.”
^ NgesiGreki, “anihlengwanga.”
^ Noma, “ngesiko lokhokho.”
^ Okuwukuthi, imbewu ekwazi ukukhiqiza noma ukuthela isithelo.
^ Noma, “inyama.”
^ Bheka iSithasiselo A5.