KwabaseRoma 7:1-25

  • Isibonelo sokukhululwa eMthethweni (1-6)

  • Isono saziwe ngenxa yoMthetho (7-12)

  • Umshikashika wokulwa nesono (13-25)

7  Kungenzeka yini bafowethu ukuthi anazi, (ngoba ngikhuluma nalabo abawaziyo umthetho) ukuthi uMthetho uyinkosi phezu komuntu uma nje esaphila?  Ngokwesibonelo, owesifazane oshadile uboshelwe ngumthetho kumyeni wakhe lapho esaphila; kodwa uma umyeni wakhe efa, uyakhululwa emthethweni womyeni wakhe. +  Ngakho-ke, lapho umyeni wakhe esaphila, kungathiwa uyisiphingi uma eba ngowenye indoda. + Kodwa uma umyeni wakhe efa, ukhululekile emthethweni wakhe, kangangokuthi akabi isiphingi uma eba ngowenye indoda. +  Ngakho bafowethu, nani, ngomzimba kaKristu nenziwa naba abafile ngokuqondene noMthetho, ukuze nibe ngabomunye, + lowo owavuswa kwabafile, + ukuze sithele izithelo ezinhle kuNkulunkulu. +  Ngoba lapho sisaphila ngokuvumelana nenyama, izinkanuko zesono ezazivuswa uMthetho zazisebenza emizimbeni* yethu ukuze sikhiqize isithelo sokufa. +  Kodwa manje sikhululiwe eMthethweni, + ngoba siye safa kulokho okusivimbayo, ukuze sibe izigqila ngomqondo omusha ngomoya, + hhayi ngomqondo omdala ngomthetho olotshiwe. +  Pho sizothini? Ingabe uMthetho uyisono? Akunjalo neze! Ngempela, ngabe angisazanga isono ukube kwakungengenxa yoMthetho. + Ngokwesibonelo, ngabe angikwazanga ukuhaha ukube uMthetho wawungashongo ukuthi: “Ungahahi.” +  Kodwa isono, sithola ithuba ngomyalo, saveza kimi ukuhaha kwazo zonke izinhlobo, ngoba ngaphandle komthetho isono sasifile. +  Eqinisweni, ngake ngaphila ngaphandle komthetho. Kodwa lapho kufika umyalo, isono sabuye saphila, kodwa mina ngafa. + 10  Umyalo okwakumelwe uholele ekuphileni, + ngawuthola uholela ekufeni. 11  Ngoba isono, sithola ithuba ngomyalo, sangiyenga futhi sangibulala ngawo. 12  Ngakho uMthetho ngokwawo ungcwele, nomyalo ungcwele, ulungile futhi muhle. + 13  Ngakho, ingabe okuhle kwabangela ukufa kwami? Akunjalo neze! Kodwa yisono esenza lokho, ukuze sibonakale ukuthi siyisono, esangivezela ukufa ngokuhle, + ukuze ngomyalo isono sibe yisono nakakhulu. + 14  Ngoba siyazi ukuthi uMthetho uvela kuNkulunkulu, kodwa mina ngingowenyama, ngithengiswe ngaphansi kwesono. + 15  Angikuqondi engikwenzayo. Angikwenzi engikufisayo, kodwa ngenza engikuzondayo. 16  Nokho, uma ngenza engingakufisi, ngiyavuma ukuthi uMthetho muhle. 17  Kodwa manje akusemina okwenzayo, kodwa yisono esihlala kimi. + 18  Ngoba ngiyazi ukuthi kimi, okungukuthi, enyameni yami, akuhlali lutho oluhle; ngoba nginesifiso sokwenza okuhle, kodwa anginawo amandla okukwenza. + 19  Ngoba angikwenzi okuhle engikufisayo, kodwa okubi engingakufisi yikho engikwenzayo. 20  Uma-ke engingakufisi kuyikho engikwenzayo, akusemina okwenzayo, kodwa yisono esihlezi kimi. 21  Ngithola lo mthetho kimi: Lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi. + 22  Ngempela, umuntu enginguye ngaphakathi uyajabula ngomthetho kaNkulunkulu, + 23  kodwa emzimbeni* wami ngibona omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami + futhi ongithumbela emthethweni wesono + osemzimbeni* wami. 24  Yeka mina muntu wosizi! Ubani oyongisindisa kulo mzimba ofayo?* 25  Makabongwe uNkulunkulu ngoJesu Kristu iNkosi yethu! Ngakho-ke, ngengqondo yami mina ngokwami ngiyisigqila somthetho kaNkulunkulu, kodwa ngenyama yami ngiyisigqila somthetho wesono. +

Imibhalo yaphansi

NgesiGreki, “emalungeni.”
NgesiGreki, “emalungeni.”
NgesiGreki, “osemalungeni.”
Kubhekiselwa ekufeni okubangelwa yisono esisizuze njengefa.