Numeri 11:1-35

  • Ukukhononda kuletha umlilo ovela kuNkulunkulu (1-3)

  • Abantu bakhalela inyama (4-9)

  • Imizwa kaMose yokungafaneleki (10-15)

  • UJehova unika amadoda amadala angu-70 umoya wakhe (16-25)

  • U-Elidadi noMedadi; uJoshuwa unesikhwele ngoMose (26-30)

  • Kuthunyelwa izagwaca; abantu bajeziselwa ubugovu (31-35)

11  Manje abantu baqala ukukhononda phambi kukaJehova. Lapho uJehova ekuzwa lokho, intukuthelo yakhe yavutha, umlilo kaJehova wabavuthela, waqothula abanye emaphethelweni ekamu.  Lapho abantu bekhala kuMose, wabanxusela kuJehova, + umlilo wacisha.  Ngakho leyo ndawo yabizwa ngokuthi iThabehera* ngoba umlilo ovela kuJehova wawubavuthele. +  Isixuku esiyingxubevange *+ esasiphakathi kwabo sabe sesiveza izifiso zaso zobugovu, + ama-Israyeli nawo aphinde akhala futhi athi: “Ubani ozosinika inyama esizoyidla? +  Yeka ukuthi sizikhumbula kanjani izinhlanzi esasizidla eGibhithe mahhala, okhukhamba, amakhabe, amalikhi, u-anyanisi nogalikhi! +  Kodwa manje sibuthakathaka. Asiboni lutho nhlobo ngaphandle kwaleli mana.” +  Imana + lalinjengembewu yekoriyanderi, + libukeka njengenomfi yebhedola.  Abantu babethi chithi saka balibuthe, baligaye ematsheni okugaya noma baligqule esigqulweni. Ngemva kwalokho babelibilisa emabhodweni okupheka noma benze ngalo izinkwa eziyizindilinga, + lalinambitheka njengekhekhe elinoshukela namafutha.  Lapho amazolo ehlela ekamu ebusuku, imana nalo lalehlela kulo. + 10  UMose wezwa abantu bekhala, umndeni nomndeni, umuntu ngamunye emnyango wetende lakhe. UJehova wathukuthela kakhulu, + uMose naye wacasuka kakhulu. 11  UMose wathi kuJehova: “Uyihlupheleni inceku yakho? Kungani ngingazange ngithole umusa kuwe, wabeka umthwalo waso sonke lesi sizwe phezu kwami? + 12  Ingabe yimi owakhulelwa sonke lesi sizwe? Yimi yini osizele, ukuba uthi kimi, ‘Sithwale esifubeni sakho, njengoba nje inceku* iphatha umntwana osancela,’ usiyise ezweni owafunga ukulinika okhokho baso? + 13  Ngizoyithathaphi inyama engizoyinika sonke lesi sizwe? Ngoba silokhu singikhalela, sithi, ‘Sinike inyama, sidle!’ 14  Angikwazi ukusithwala ngedwa sonke lesi sizwe; siyangisinda kakhulu. + 15  Uma kuyile ndlela ozongiphatha ngayo, ngicela ungibulale khona manje. + Uma ngithole umusa kuwe, ungangenzi ngibone enye inhlekelele.” 16  UJehova waphendula uMose wathi: “Ngiqoqele amadoda angu-70 emadodeni amadala akwa-Israyeli, amadoda owaqaphelayo* ukuthi angamadoda amadala nezikhulu zabantu, + uwayise etendeni lokuhlangana, ame lapho kanye nawe. 17  Ngizokwehla + ngikhulume nawe lapho, + ngithathe omunye umoya + okuwe ngiwubeke kuwo, azokusiza ekuthwaleni umthwalo wabantu ukuze ungawuthwali wedwa. + 18  Kufanele uthi kubantu, ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa + ngoba nakanjani nizodla inyama, ngoba niye nakhala ezindlebeni zikaJehova, + nathi: “Ubani ozosinika inyama esizoyidla? Kwakungcono kithi eGibhithe.” + Nakanjani uJehova uzoninika inyama futhi nizoyidla. + 19  Nizoyidla, hhayi usuku olulodwa noma izinsuku ezimbili noma izinsuku ezinhlanu noma izinsuku eziyishumi noma izinsuku ezingu-20, 20  kodwa nizoyidla inyanga yonke, ize iphume ngamakhala futhi ibe yinto enyanyekayo kini, + ngoba nimlahlile uJehova ophakathi kwenu futhi benikhala phambi kwakhe nithi: “Siphumeleni eGibhithe?”’” + 21  UMose wayesethi: “Abantu engiphakathi kwabo bangamadoda angu-600 000 + ahamba ngezinyawo, kodwa wena uthe, ‘Ngizobanika inyama, bazoyidla badele inyanga yonke’! 22  Uma bekungahlatshwa imihlambi yezimvu neyezinkomo, ibizobanela yini? Noma uma bekungadotshwa zonke izinhlanzi ezisolwandle, bezizobanela yini?” 23  UJehova wabe esethi kuMose: “Sifushane yini isandla sikaJehova? + Manje uzobona ukuthi engikushoyo kuzokwehlela yini noma cha.” 24  Ngakho uMose waphuma wakhuluma nabantu amazwi kaJehova. Waqoqela ndawonye amadoda angu-70 emadodeni amadala esizwe wawamisa azungeza itende. + 25  UJehova wehla ngefu + wakhuluma naye, + wathatha omunye umoya + owawukuye wawubeka endodeni endala ngayinye kwangu-70. Ngokushesha nje lapho umoya uhlala kuwo, aqala ukwenza njengabaprofethi, *+ kodwa kwagcina ngaleso sikhathi. 26  Amabili kula madoda ayesele ekamu. Igama lenye kwakungu-Elidadi, enye kunguMedadi. Umoya waqala ukuhlala kuwo njengoba ayephakathi kwalawo amagama awo ayebhalwe phansi, kodwa wona engaphumanga ukuya etendeni. Ngakho aqala ukwenza njengabaprofethi ekamu. 27  Insizwa ethile yagijima yabikela uMose yathi: “U-Elidadi noMedadi benza njengabaprofethi ekamu!” 28  UJoshuwa + indodana kaNuni, isikhonzi sikaMose kusukela ebusheni bakhe, waphendula wathi: “Nkosi yami Mose, banqande!” + 29  Kodwa uMose wathi kuye: “Ingabe unesikhwele ngami? Ungabi nesikhwele, ngifisa ngabe bonke abantu bakaJehova bebengabaprofethi nokuba uJehova abeke umoya wakhe kubo!” 30  Kamuva uMose waphindela ekamu kanye namadoda amadala akwa-Israyeli. 31  Ngemva kwalokho kwaba nomoya ovela kuJehova, waqhuba izagwaca* zivela olwandle wazehlisela ekamu zagcwala nhlangothi zonke zekamu, + wawungahamba usuku lonke unqamula endaweni ezazikuyo, futhi zazindizela phansi ebangeni elingaba izingalo* ezimbili ngaphezu komhlabathi. 32  Ngakho abantu abalalanga lonke lolo suku nabo bonke lobo busuku nangosuku olulandelayo bebutha izagwaca. Akekho owabutha ezingaphansi kwamahomere* ayishumi, futhi baqhubeka bezinekela zona nhlangothi zonke zekamu. 33  Kodwa ngesikhathi inyama isesemazinyweni abo, ingakahlafunwa, intukuthelo kaJehova yabavuthela abantu, uJehova wabashaya ngenhlupho kwafa abaningi kakhulu. + 34  Ngakho leyo ndawo bayiqamba ngokuthi iKibiroti-hathawa *+ ngoba yilapho bangcwaba khona abantu ababonisa isifiso sobugovu. + 35  Abantu basuka eKibiroti-hathawa baya eHazeroti, baqhubeka behleli eHazeroti. +

Imibhalo yaphansi

Incazelo: “Ukuvutha,” okuwukuthi, umlilo omkhulu; umlilo owubuhanguhangu.
Ngokusobala abangewona ama-Israyeli ababephakathi kwawo.
Noma, “umzanyana wesilisa.”
Noma, “owaziyo.”
Noma, “aqala ukuprofetha.”
Uhlobo oluthile lwenyoni.
Ingalo eyayilingana no-44,5 cm. Bheka iSithasiselo B14.
Ihomere lalilingana no-220 L. Bheka iSithasiselo B14.
Incazelo: “Izindawo Zokungcwaba Abanezifiso.”