Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Iqiniso Lithela Izithelo Kulabo Obafundisayo?

Ingabe Iqiniso Lithela Izithelo Kulabo Obafundisayo?

Ingabe Iqiniso Lithela Izithelo Kulabo Obafundisayo?

LAPHO u-Eric osemusha etshela abazali bakhe ukuthi akasafuni ukuba omunye woFakazi BakaJehova, baba lusizi. Babengazange basole lutho. Lapho esengumfana, wayeba khona esifundweni somkhaya seBhayibheli, emihlanganweni yobuKristu, futhi wayehlanganyela nebandla emsebenzini wokushumayela. Wayebonakala sengathi useqinisweni. Kodwa njengoba ayesehambile ekhaya, abazali bakhe baqala ukubona ukuthi wayengazange alenze libe ngelakhe iqiniso leBhayibheli. Lelo qiniso labenza bashaqeka futhi labadumaza.

Abanye abantu baye bazizwa belahlekelwe ngendlela efanayo lapho abafundi beBhayibheli beyeka ukufunda kungazelelwe. Ngezikhathi ezinjalo, abantu bavame ukuzibuza, ‘Kungani ngingazange ngikubone zisuka nje lokhu?’ Nokho, ingabe singakwazi ukubona ngaphambi kokuba kugadle inhlekelele engokomoya ukuthi iqiniso lithela izithelo yini kubafundi bethu noma cha? Empeleni, singaqiniseka kanjani ukuthi iqiniso liyasebenza kithi nakubafundi? Emfanekisweni wakhe odumile womhlwanyeli, uJesu wachaza indlela yokuthola impendulo kuleyo mibuzo.

Iqiniso Kumelwe Lifinyelele Inhliziyo

UJesu wathi: “Imbewu iyizwi likaNkulunkulu. Kepha leyo [ehlwanyelwe] enhlabathini enhle, lena iyilabo okuthi, ngemva kokuzwa izwi ngenhliziyo enhle, baligcine futhi bathele izithelo ngokukhuthazela.” (Luka 8:11, 15) Ngakho ngaphambi kokuba iqiniso loMbuso liqale ukusebenza kubafundi bethu, kumelwe liqale limile izimpande ezinhliziyweni zabo ezingokomfanekiso. UJesu usinika isiqinisekiso sokuthi iqiniso laphezulu liqala ukusebenza futhi lithele izithelo ngokushesha nje lapho seliyithintile inhliziyo enhle, njengoba nje kwenzeka embewini enhle ewela enhlabathini enhle. Yini okufanele siyibheke?

Kumelwe siqaphele izimfanelo zenhliziyo, hhayi nje lokho okubonakala ngaphandle. Ukulandela nje indlela evamile yokukhulekela uNkulunkulu akwembuli ngaso sonke isikhathi ukuthi kuqhubekani enhliziyweni yomuntu. (Jeremiya 17:9, 10; Mathewu 15:7-9) Kumelwe sithi ukujula kakhudlwana. Kufanele kube noshintsho oluphawulekayo kumuntu maqondana nezifiso zakhe, izisusa kanye nezinto eziza kuqala kuye. Kufanele abe eseqalile ukuhlakulela ubuntu obusha, obuvumelana nentando kaNkulunkulu. (Efesu 4:20-24) Ngokwesibonelo: Lapho abaseThesalonika bezwa izindaba ezinhle, uPawulu wathi bazamukela ngokushesha njengezwi likaNkulunkulu. Kodwa yizenzo zabo zakamuva—ukukhuthazela, ukuthembeka nothando—ezamqinisekisa ukuthi iqiniso ‘lalisebenza futhi kubo.’—1 Thesalonika 2:13, 14; 3:6.

Yiqiniso, ngokuhamba kwesikhathi lokho okusenhliziyweni yomfundi kuyaye kubonakale endleleni yakhe yokuziphatha, njengoba isibonelo sika-Eric sibonisa. (Marku 7:21, 22; Jakobe 1:14, 15) Ngeshwa, eminye imikhuba emibi yomuntu kungathi lapho isibonakala ngokugcwele ezenzweni zakhe kube sekwephuze kakhulu. Khona-ke, inselele iwukuzama ukubona ubuthakathaka obuthile ngaphambi kokuba bube izikhubekiso ezingokomoya. Sidinga indlela yokubona okusenhliziyweni engokomfanekiso. Singakwenza kanjani lokho?

Funda KuJesu

Yiqiniso, uJesu wayekwazi ukufunda izinhliziyo ngokunembile. (Mathewu 12:25) Akekho kithina ongakwazi ukwenza lokho. Nokho, wabonisa ukuthi nathi singakwazi ukubona izifiso zomuntu, izisusa kanye nezinto eziza kuqala kuye. Njengoba nje udokotela onolwazi esebenzisa izindlela ezihlukahlukene zokuhlola ukuze abone ukuthi yini engalungile enhliziyweni yesiguli, uJesu wasebenzisa iZwi likaNkulunkulu ukuze ‘akhiphe’ futhi adalule ‘imicabango nezinhloso zenhliziyo,’ ngisho noma zazisafihlekile.—IzAga 20:5; Hebheru 4:12.

Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi uJesu wasiza uPetru ukuba aqaphele ubuthakathaka ayenabo obaba yisikhubekiso kamuva. UJesu wayazi kahle ukuthi uPetru uyamthanda. Eqinisweni, uJesu wayesanda kumphathisa “izihluthulelo zombuso wamazulu.” (Mathewu 16:13-19) Nokho, uJesu wayazi futhi ukuthi uSathane wayebabeke iso elibukhali abaphostoli. Ezinsukwini ezizayo, babeyobhekana nokucindezela okukhulu kokuba bayekethise. Ngokusobala, uJesu wayebona ukuthi abanye babafundi bakhe banobuthakathaka okholweni lwabo. Ngakho akazange anqikaze ukuveza izinto okwakumelwe basebenzele kuzo. Ake ucabangele indlela ayiqala ngayo le ngxoxo.

UMathewu 16:21 uthi: “Kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke uJesu Kristu waqala ukubonisa abafundi bakhe ukuthi kwakumelwe . . . ahlupheke . . . abulawe.” Phawula ukuthi uJesu akazange nje agcine ngokubatshela kodwa wababonisa ukuthi kwakuyokwenzekani kuye. Cishe wasebenzisa amavesi eBhayibheli, njengeHubo 22:14-18 noma u-Isaya 53:10-12, abonisa ukuthi uMesiya wayeyohlupheka futhi afe. Kodwa-ke okubalulekile ngokufunda noma ngokucaphuna ngokuqondile emiBhalweni, uJesu wanika uPetru nabanye ithuba lokuba bathathe isinyathelo ngokusuka ezinhliziyweni zabo. Babeyokwenzenjani lapho bezwa ukuthi babengase bashushiswe?

Okumangalisayo ukuthi, nakuba uPetru ayezibonakalise engumuntu onesibindi futhi oshisekayo, isimo sakhe sokuthatha ngamawala kulokhu sembula iphutha elingathí sina endleleni yakhe yokucabanga. “Yiba nomusa kuwe, Nkosi,” esho, “ngeke neze ube nalesi siphetho.” Kusobala ukuthi indlela kaPetru yokucabanga yayinhlanhlatha, ngoba uJesu waveza ukuthi ‘wayengacabangi imicabango kaNkulunkulu, kodwa eyabantu’—iphutha elingathí sina elalingaba nemiphumela emibi kakhulu. Khona-ke, wénzenjani uJesu? Ngemva kokumkhuza, uJesu wakhuluma naye uPetru kanye nabo bonke abafundi bakhe, wathi: “Uma umuntu efuna ukungilandela, makazidele athathe isigxobo sakhe sokuhlushwa angilandele njalo.” Esebenzisa amazwi atholakala kumaHubo 49:8 naku-62:12, wabakhumbuza ngomusa ukuthi amathemba abo aphakade ayexhomeke kuNkulunkulu, hhayi kubantu, ababengenakukwazi ukuletha insindiso.—Mathewu 16:22-28.

Nakuba uPetru kamuva anqotshwa okwesikhashana ukwesaba futhi wamphika kathathu uJesu, le ngxoxo nezinye akungabazeki ukuthi zasiza ekumhlomiseleni ukuba akwazi ukululama ngokushesha ngokomoya. (Johane 21:15-19) Ezinsukwini ezingu-50 kamuva, uPetru wema ngesibindi phambi kwesixuku eJerusalema efakazela ukuvuswa kukaJesu. Emasontweni alandela, ezinyangeni ezalandela naseminyakeni eyalandela, wabhekana ngesibindi nokuboshwa, ukushaywa kanye nokugqunywa ejele ngokuphindaphindiwe, ebeka isibonelo esivelele sokugcina ubuqotho ngaphandle kokwesaba.—IzEnzo 2:14-36; 4:18-21; 5:29-32, 40-42; 12:3-5.

Sifundani kulokhu? Ubonile yini ukuthi uJesu wénzani ukuze akhiphe futhi adalule okwakusenhliziyweni kaPetru? Okokuqala, wakhetha imiBhalo efanelekayo ukuze enze uPetru abone isici esibalulekile ayenenkinga kuso. Ngokulandelayo, wamnika ithuba lokuba athathe isinyathelo ngokusuka enhliziyweni. Ekugcineni, wamnikeza iseluleko esengeziwe esingokomBhalo ukuze amsize alungise ukucabanga nemizwa yakhe. Ungase ube nomuzwa wokuthi leli zinga lokufundisa lingaphezu kwamandla akho, kodwa ake sicabangele izenzakalo ezimbili zesikhathi sethu ezibonisa indlela ukulungiselela nokuthembela kuJehova okungasiza ngayo noma ubani kithi ukuba alandele isibonelo sikaJesu.

Ukukhipha Okusenhliziyweni

Lapho omunye ubaba ongumKristu ezwa ukuthi amadodana akhe amabili, enye eyayifunda u-grade 1 enye ifunda u-grade 2, athathe uswidi etafuleni likathisha, wahlala nawo phansi wayesebonisana nawo. Kunokuba angakunaki lokhu, ethi ukuganga nje kwabantwana okungasho lutho, lo baba uyalandisa, “Ngazama ukufinyelela izinhliziyo zawo ukuze ngikhiphe lokho okwakuwashukumisele kulesi senzo esibi.”

Lo baba wacela laba bafana ukuba bakhumbule okwenzeka ku-Akhani, njengoba kulandiswe encwadini kaJoshuwa, isahluko 7. Balithola ngokushesha iphuzu babe sebesivuma isono sabo. Unembeza wabo wawusubahlupha kakade. Ngakho uyise wathi mabafunde incwadi yabase-Efesu 4:28, ethi: “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima . . . ukuze abe nokuthile kokwabela umuntu oswele.” Ukubenza ukuba babuyisele lo swidi ngokuwuthenga bese beyowunika uthisha kwagcizelela iseluleko somBhalo.

Lo baba uthi: “Sasiye sibonisane nazo izingane ukuze sizame ukukhipha noma iziphi izisusa ezimbi uma nje sesizibonile bese esikhundleni sazo sifaka izisusa ezinhle futhi ezihlanzekile.” Ngokulingisa uJesu lapho befundisa izingane zabo, laba bazali ngokuqinisekile bathola imiphumela emihle ngokuhamba kwesikhathi. Ekugcineni, womabili la madodana abizwa ukuba ayosebenza endlunkulu eBethel yaseBrooklyn, lapho enye yawo isikhonze khona iminyaka engu-25.

Cabanga nangendlela omunye umKristu akwazi ngayo ukusiza umfundi weBhayibheli. Lo mfundi wayeba khona emihlanganweni, ehlanganyela nasensimini kanti futhi wayeseshilo kakade ukuthi ufuna ukubhapathizwa. Nokho, wayebonakala ethembele kakhulu kuyena siqu kunokuthembela kuJehova. “Njengowesifazane ongashadile, wayengaqapheli ukuthi usethambekele kakhulu ekubeni angenciki kwabanye abantu,” kukhumbula uFakazi. “Ngangikhathazwa ukuthi lokhu kwakuzomholela ekubeni aphazamiseke engqondweni noma awe ngokomoya.”

Ngakho lo Fakazi wathatha isinyathelo kuqala wabonisana nalo mfundi ngoMathewu 6:33, emkhuthaza ukuba alungise isimo sakhe sengqondo ngezinto eziza kuqala, abeke uMbuso kuqala, futhi athembele kuJehova ukuze athole usizo lokuxazulula izinkinga ngendlela engcono kunazo zonke. Wambuza ngokungagwegwesi: “Ingabe ukuhlala wedwa kukwenza kube nzima ngezinye izikhathi ukuba wencike kwabanye abantu, kuhlanganise noJehova?” Lo mfundi wavuma ukuthi besekusele kancane nje ukuba akuyeke ngokuphelele ukuthandaza. Khona-ke ummemezeli wamkhuthaza ukuba alandele iseluleko esitholakala encwadini yeHubo 55:22 futhi aphonse imithwalo yakhe kuJehova ngoba, njengoba eyoku-1 Petru 5:7 isinikeza isiqiniseko, ‘uyasikhathalela.’ Lawo mazwi amthinta inhliziyo. Lo Fakazi uthi, “Leso kwakungesinye sezikhathi ezimbalwa engambona ngazo ekhala.”

Qhubeka Wenza Iqiniso Lisebenze Kuwe

Ukubona abantu esibafundisayo bamukela iqiniso leBhayibheli kusilethela injabulo enkulu. Nokho, ukuze imizamo yethu yokusiza abanye iphumelele kumelwe thina sibeke isibonelo esihle. (Jude 22, 23) Kudingeka ukuba sonke ‘siqhubeke sisebenzela ukusindiswa kwethu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.’ (Filipi 2:12) Lokho kuhlanganisa nokuba ngaso sonke isikhathi sivumele ukukhanya kwemiBhalo kukhanye ezinhliziyweni zethu, kuhlole imicabango, izifiso nezinto esizithandayo ezingase zidinge ukulungiswa.—2 Petru 1:19.

Ngokwesibonelo, ingabe muva nje sekunciphile ukushisekela kwakho imisebenzi yobuKristu? Uma kunjalo, kungani? Esinye sezizathu kungaba ukuthi uthembele kakhulu kuwena siqu. Ungabona kanjani ukuthi kunjalo ngempela? Funda uHagayi 1:2-11, bese uzindla ngokwethembeka ngendlela uJehova ábonisana ngayo namaJuda ayebuyele ezweni lawo. Khona-ke zibuze: ‘Ingabe ngikhathazeke ngokweqile ngokulondeka ngokwezimali nangokunethezeka ngokwezinto ezibonakalayo? Ingabe ngithembela ngempela kuJehova ukuba anakekele umkhaya wami uma ngibeka izinto ezingokomoya kuqala? Noma ngicabanga ukuthi kumelwe ngizinakekele mina kuqala?’ Uma kudingeka ulungise indlela ocabanga ngayo noma ozizwa ngayo, kwenze ngokushesha ungazindeli. Iseluleko esingokomBhalo, njengaleso esitholakala kuMathewu 6:25-33, Luka 12:13-21 nakweyoku-1 Thimothewu 6:6-12, sisinikeza isisekelo sokuhlakulela umbono olinganiselayo ngezidingo ezingokwenyama nempahla, okwenza ukuba sithole isibusiso sikaJehova ngokuqhubekayo.—Malaki 3:10.

Ukuzihlola ngobuqotho ngale ndlela kungasivula amehlo. Uma umuntu esitshela ukuthi sinobuthakathaka obuthile kungase kube nzima ukukuvuma lokho, kusicindezele kakhulu ngokomzwelo. Noma kunjalo, lapho uthatha isinyathelo kuqala sokusiza ingane yakho, umfundi weBhayibheli, noma sokuzisiza wena imbala—kungakhathaliseki ukuthi leyo ndaba iyimfihlo noma ibucayi kangakanani—cishe uyobe uthatha isinyathelo sokuqala esiyoholela ekusindiseni ukuphila kwabo noma okwakho siqu.—Galathiya 6:1.

Nokho, kumelwe wenzenjani lapho kubonakala sengathi imizamo yakho ayinamiphumela emihle? Ungadikibali ngokushesha. Ukulungisa inhliziyo engaphelele kungaba umsebenzi obucayi, othatha isikhathi futhi ngezinye izikhathi okhungathekisayo. Kodwa ungaba nomvuzo futhi.

Ekugcineni yabuya ingqondo ka-Eric osemusha, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wayeseqalisa futhi ‘ukuhamba eqinisweni.’ (2 Johane 4) Uthi: “Ngaqala ukubuyela kuJehova lapho sengibona ukuthi kukhulu kangakanani okungilahlekele.” Ngosizo lwabazali bakhe, u-Eric manje usekhonza uNkulunkulu ngokwethembeka. Nakuba ayeke wayizonda imizamo ephikelelayo yabazali bakhe yokumsiza ukuba ahlole inhliziyo yakhe, manje usekwazisa ngokujulile ababekwenza. Uthi: “Abazali bami bayamangalisa. Abazange bayeke ukungibonisa uthando.”

Ukwenza ukuba ukukhanya kweZwi likaNkulunkulu kukhanye ezinhliziyweni zabafundi kuwukubonisa umusa wothando. (IHubo 141:5) Qhubeka uhlola inhliziyo yengane yakho neyomfundi weBhayibheli ukuze uthole ubufakazi bokuthi sebugxilile yini kubo ubuntu obusha bobuKristu. Qhubeka wenza iqiniso lisebenze kwabanye nakuwe siqu ‘ngokuphatha izwi leqiniso ngokufanele.’—2 Thimothewu 2:15.

[Isithombe ekhasini 29]

Amazwi kaJesu émbula ubuthakathaka ayenabo uPetru

[Isithombe ekhasini 31]

Sebenzisa iBhayibheli ukuze ukhiphe okusenhliziyweni