Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kuyigugu Kangakanani Ukuphila Kwakho?

Kuyigugu Kangakanani Ukuphila Kwakho?

Kuyigugu Kangakanani Ukuphila Kwakho?

NGESIKHATHI kwakwenziwa umhlatshelo ngabantu abaningi eYurophu eMpini YeZwe I, kwakwenziwa umzamo omangalisayo wokusindisa abantu e-Antarctica. Umhloli wamazwe u-Ernest Shackleton, iNgisi elihlala e-Ireland, kanye neqembu lakhe babhekana nenhlekelele lapho umkhumbi wabo i-Endurance uphahlazeka eqhweni futhi ucwila. UShackleton wakwazi ukuyisa amadoda ayenaye endaweni ephephile—ngokwezinga elithile—e-Elephant Island eseNingizimu Atlantic Ocean. Kodwa babesabhekene nengozi enkulu.

UShackleton waqaphela ukuthi ukuphela kwethemba labo kwakuwukuba ahambe nabathile bayocela usizo endaweni yokudoba imikhomo esesiqhingini saseNingizimu Georgia. Le ndawo yayiqhelé ngamakhilomitha angu-1 100, kodwa wayenesikejana esingamamitha angu-7 nje kuphela akwazi ukusisindisa emkhunjini i-Endurance. Amathemba abo okusinda ayengemahle.

Nokho, ngo-May 10, 1916, ngemva kwezinsuku ezingu-17 zokulengela engozini, uShackleton neqembu lakhe elincane bafika eNingizimu Georgia, kodwa izimo ezimbi zolwandle zazibaphoqelele ukuba baye ohlangothini olungelona lwesiqhingi. Ukuze bafike lapho babeya khona, kwakusadingeka bahambe amakhilomitha angu-30 ngezinyawo, benqamula ezintabeni ezembozwe yiqhwa, ezingekho ebalazweni. Naphezu kwalezo zingqinamba—amakhaza ashubisa umnkantsha futhi bengenawo amathuluzi afanelekayo okucaca izintaba—uShackleton nabangane bakhe bafika lapho babeya khona, futhi ekugcineni wakwazi ukusindisa wonke amadoda ayesalé esiqhingini. Kungani uShackleton ashikashikeka kangaka? Umbhali womlando wokuphila kwabantu uRoland Huntford wabhala: “Ayekulangazelela kakhulu kwakuwukusindisa wonke amadoda ayehamba nawo.”

“Ayikho Neyodwa Kuzo Entulekayo”

Yini eyenza la madoda ayehamba noShackleton ukuba angaphelelwa yithemba njengoba ayehleli egoqene elinde nje “endaweni esemajukujukwini eyayibonakala ingamadwala neqhwa futhi eyayingahlalwa muntu, eyayingamakhilomitha angu-30 kusuka komunye umkhawulo kuya komunye”? Ithemba lokuthi umholi wawo wayezosigcina isithembiso sakhe sokubasindisa.

Isintu namuhla sifana nsé nalawaya madoda ayesale e-Elephant Island. Abaningi baphila ngaphansi kwezimo ezimbi ezingakholeki futhi bayashikashikeka ukuze nje baqhubeke bephila. Kodwa, bangathembela ngokuphelele kuNkulunkulu ukuthi “uyokophula ohluphekile” ekucindezelekeni. (Jobe 36:15) Qiniseka ukuthi uNkulunkulu ubheka ukuphila kwawo wonke umuntu njengokuyigugu. UMdali, uJehova uNkulunkulu, uthi: “Ngibize ngosuku lokucindezeleka. Ngizokophula.”—IHubo 50:15.

Ukuthola kunzima yini ukukholelwa ukuthi uMdali ukubheka njengoyigugu—wena nje phakathi kwezinkulungwane ezisemhlabeni? Uma kunjalo phawula lokho okwabhalwa umprofethi u-Isaya ngezigidigidi zezinkanyezi ezisemithaleni eyizigidigidi ekhona. Siyafunda: “Phakamiselani amehlo enu phezulu nibone. Ngubani odale lezi zinto? YiLowo okhipha ibutho lazo ngisho nangesibalo, zonke azibize ngisho nangamagama. Ngenxa yobuningi bamandla ashukumisayo, kwazise futhi unamandla amakhulu, ayikho neyodwa kuzo entulekayo.”—Isaya 40:26.

Uyakuqonda ukuthi kusho ukuthini lokho? Umthala wethu iMilky Way—isimiso sethu selanga esiyingxenye nje yawo—uqukethe okungenani izinkanyezi eziyizigidi eziyizinkulungwane eziyikhulu. Futhi mingaki eminye imithala ekhona? Akekho owazi ngokuqinisekile, kodwa abanye balinganisela ukuthi iyizigidi eziyizinkulungwane ezingu-125. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kunezinkanyezi eziningi kangakanani! Nokho, iBhayibheli lisitshela ukuthi uMdali wendawo yonke wazi igama lenkanyezi ngayinye.

“Zona Kanye Izinwele Zekhanda Lenu Zibaliwe Zonke”

Omunye angase aphike, ‘Kodwa ukwazi nje amagama ezinkanyezi eziyizigidigidi—noma abantu abayizigidigidi—akusho ngempela ukuthi uyabakhathalela ngabanye.’ Yebo, i-computer ekwazi ukugcina ukwaziswa okuningi ingagcina amagama abantu abayizigidi eziyizinkulungwane. Kodwa akukho muntu ongacabanga ukuthi leyo computer iyabakhathalela labo bantu. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu akagcini nje ngokwazi amagama abantu abayizigidi eziyizinkulungwane, kodwa uyabakhathalela ngabanye. Umphostoli uPetru wabhala: ‘Niphonse zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’—1 Petru 5:7.

UJesu Kristu wathi: “Ondlunkulu ababili abathengiswa yini ngohlamvu lwemali lwenani elincane? Nokho ngeke kuwele phansi namunye wabo uYihlo engazi. Kodwa zona kanye izinwele zekhanda lenu zibaliwe zonke. Ngakho-ke ningesabi: Nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.” (Mathewu 10:29-31) Phawula ukuthi uJesu akashongo nje ukuthi uNkulunkulu uyakuqaphela okwenzeka kondlunkulu nakubantu. Wathi: “Nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.” Kungani wena ubaluleke kakhulu? Kungenxa yokuthi wenziwe “ngomfanekiso kaNkulunkulu”—unekhono lokuhlakulela nokubonisa izimfanelo zokuziphatha, ukuhlakanipha nezimfanelo ezingokomoya okubonakalisa izimfanelo zikaNkulunkulu eziphakeme.—Genesise 1:26, 27.

“Umphumela Womsebenzi Wokuhlakanipha”

Ungakhohliswa yilokho okushiwo abantu abaphikayo ukuthi uMdali ukhona. Ngokwabo, wena wenziwe amandla emvelo angeyena umuntu futhi angaqondakali. Bathi awenziwe neze “ngomfanekiso kaNkulunkulu,” futhi awehlukile kwezinye izilwane ezikule planethi—kuhlanganise nabo ondlunkulu.

Ingabe kunengqondo ngempela kuwe ukuthi ukuphila kwaba khona ngengozi noma ngamandla angaqondakali? Ngokwesazi sesayensi yamangqamuzana uMichael J. Behe, “izinqubo eziyinkimbinkimbi emangalisayo zokulumbana kwamakhemikhali” ezilawula ukuphila zenza lowo mbono ube ongenangqondo ngempela. Sithi ubufakazi bokulumbana kwamakhemikhali ezinto eziphilayo buholela esiphethweni esingenakuphikwa sokuthi “ngisho nezinhlobo eziyisisekelo zokuphila ezisemhlabeni . . . ziwumphumela womsebenzi wokuhlakanipha.”—Darwin’s Black Box—The Biochemical Challenge to Evolution.

IBhayibheli lisitshela ukuthi zonke izinhlobo zokuphila emhlabeni ziwumphumela womsebenzi wokuhlakanipha. Futhi lisitshela ukuthi uMthombo wawo wonke lo msebenzi wokuhlakanipha nguJehova uNkulunkulu, uMdali wendawo yonke.—IHubo 36:9; IsAmbulo 4:11.

Ungavumeli iqiniso lokuthi kumelwe sikhuthazelele izwe eligcwele ubuhlungu nokuhlupheka likwenze ungakholelwa ukuthi kukhona uMdali noMklami womhlaba nakho konke okuphila kuwo. Khumbula la maqiniso amabili ayisisekelo. Elokuqala ukuthi uNkulunkulu akazange akudale konke ukonakala okusizungezile. Elinye ukuthi uMdali wethu unezizathu ezizwakalayo zokukuvumela okwesikhashana. Njengoba lo magazini ubulokhu uchaza, uJehova uNkulunkulu uye wavumela ububi ukuba bube khona okwesikhathi esithile ukuze alungise ngokuphelele izimpikiswano ezavela ngesikhathi umbhangqwana wokuqala wenqaba ubukhosi bakhe. *Genesise 3:1-7; Duteronomi 32:4, 5; UmShumayeli 7:29; 2 Petru 3:8, 9.

“Iyokhulula Ompofu Okhalela Usizo”

Yiqiniso, ngisho noma abantu abaningi namuhla behlushwa izimo ezilusizi, ukuphila kuseyisipho esimangalisayo. Futhi senza konke okusemandleni ethu ukuze sikulondoloze. Ukuphila kwangesikhathi esizayo okuthenjiswa uNkulunkulu kungaphezulu kakhulu komshikashika wokuba nje siqhubeke siphila ezimweni ezinzima nezibuhlungu—njengalawaya madoda ayehamba noShackleton e-Elephant Island. Injongo kaNkulunkulu iwukuba asisindise kulokhu kuphila kwethu kwamanje okunezinhlungu futhi okuyize ukuze ‘sibambisise ukuphila kwangempela’ ayekuhlosele indalo yakhe engabantu ekuqaleni.—1 Thimothewu 6:19.

UNkulunkulu uyokwenza konke lokhu ngenxa yokuthi ngamunye wethu uyigugu emehlweni akhe. Wanikela ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuba ibe isihlengo esisikhulula esonweni, ekungaphelelini nasekufeni esakuzuza njengefa kubazali bethu bokuqala, u-Adamu no-Eva. (Mathewu 20:28) UJesu Kristu wathi: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo . . . abe nokuphila okuphakade.”—Johane 3:16.

UNkulunkulu uyobenzelani labo abakuphila kwabo kuwohlozwa ubuhlungu nokucindezelwa? Maqondana neNdodana yakhe, iZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe liyasitshela: “Iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa. Iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni.” Kungani iyokwenza lokhu? Kungenxa yokuthi “igazi labo [noma, ukuphila kwabo] liyoba yigugu emehlweni ayo.”IHubo 72:12-14.

Sekungamakhulu eminyaka isintu sikhandlwa umthwalo onzima wesono nokungapheleli, njengokungathi ‘siyabubula’ ngobuhlungu obukhulu nokuhlupheka. UNkulunkulu wakuvumela lokhu azi ukuthi wayengalungisa noma yimuphi umonakalo owawuyoba khona. (Roma 8:18-22) Ngokushesha uNkulunkulu uzoletha inkathi ‘yokubuyiselwa kwakho konke’ ngohulumeni woMbuso wakhe onkosi yawo yiNdodana yakhe, uJesu Kristu.—IzEnzo 3:21; Mathewu 6:9, 10.

Lokho kuhlanganisa nokuvuswa kwabantu abaye bahlupheka futhi bafa esikhathini esidlule. Balondekile enkumbulweni kaNkulunkulu. (Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15) Ngokushesha bazothola ukuphila “okuchichimayo”—ukuphila okuphakade bephelele emhlabeni oyipharadesi futhi bekhululekile ezinhlungwini nasekuhluphekeni. (Johane 10:10; IsAmbulo 21:3-5) Wonke umuntu ophilayo uyokwazi ukujabulela ukuphila ngokugcwele futhi ahlakulele izimfanelo ezinhle namakhono amahle okuyizici zabantu abenziwe “ngomfanekiso kaNkulunkulu.”

Ingabe uyoba khona ukuze ujabulele ukuphila okuthenjiswe uJehova? Kukuwe. Sicela ukuba uzibeke esimweni sokuzuza emalungiselelweni kaNkulunkulu okuletha zonke lezi zibusiso. Abanyathelisi balo magazini bangakujabulela ukukusiza ukuba wenze kanjalo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 17 Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngaleli phuzu, bheka isahluko 8 esithi “Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuhlupheka?” encwadini Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okuphakade, ekhishwa oFakazi BakaJehova.

[Isithombe ekhasini 4, 5]

Amadoda ayesale esiqhingini ayeqiniseka ukuthi uShackleton uzosigcina isithembiso sakhe sokuwasindisa

[Umthombo]

© CORBIS

[Isithombe ekhasini 6]

“Nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi”