Eyokuqala KwabaseThesalonika 3:1-13
3 Ngakho, lapho singasakwazi ukulinda ukuzwa umbiko ngani, sabona kukuhle ukuba sisale sodwa e-Athene; +
2 futhi sathumela uThimothewu, + umfowethu nesikhonzi sikaNkulunkulu* sezindaba ezinhle ezimayelana noKristu, ukuze aniqinise futhi aniduduze ngenxa yokholo lwenu,
3 ukuze kungabikho muntu onyakaziswa yilezi zinsizi. Ngoba nani niyazi ukuthi asinakukugwema ukubhekana nezinto ezinjalo. *+
4 Lapho sisenani, sasivame ukunitshela kusengaphambili ukuthi sizobhekana nosizi futhi yilokho okwenzekile njengoba nje nazi. +
5 Yingakho lapho ngingasakwazi ukulinda, ngathumela ukuze ngazi ngokuthembeka kwenu, + njengoba kwakungenzeka ukuthi ngandlela-thile uMlingi + wayenilingile, nomshikashika wethu waba yize.
6 Kodwa uThimothewu usanda kufika kithi evela kini + futhi usibikele izindaba ezinhle ngokuthembeka kwenu nothando lwenu, ukuthi niyaqhubeka nisikhumbula ngenjabulo, nokuthi nilangazelela ukusibona ngendlela nathi esilangazelela ngayo ukunibona.
7 Yingakho, bazalwane, kukho konke ukukhathazeka* kwethu nosizi, siye saduduzeka ngani nangokuthembeka enikubonisayo. +
8 Ngoba siyavuseleleka* uma nina nima niqinile eNkosini.
9 Singabonisa kanjani nje ukuthi siyambonga uNkulunkulu ngani ngenjabulo enkulu esinayo phambi kukaNkulunkulu wethu ngenxa yenu?
10 Ubusuku nemini senza umzamo wokunxusa ngobuqotho ukuba sinibone ubuso nobuso* futhi siphelelise izinto ezintulekayo okholweni lwenu. +
11 Manje kwangathi uNkulunkulu uBaba wethu ngokwakhe neNkosi yethu uJesu bangasenzela indlela yokuba size kini.
12 Ngaphezu kwalokho, kwangathi iNkosi ingabangela ukuba nande, yebo, inenze nichichime uthando lomunye ngomunye + nangabo bonke, njengoba nje nathi senza kini,
13 ukuze iqinise izinhliziyo zenu, inenze ningasoleki futhi nibe ngcwele phambi kukaNkulunkulu + uBaba wethu, ekubeni khona kweNkosi yethu uJesu + nabo bonke abangcwele bayo.

