Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bayajabula Labo Abakhonza ‘UNkulunkulu Ojabulayo’

Bayajabula Labo Abakhonza ‘UNkulunkulu Ojabulayo’

“Bayajabula abantu abaNkulunkulu wabo nguJehova!”—IHU. 144:15.

IZINGOMA: 44, 125

1. Kungani abantu abakhonza uJehova bejabula? (Bheka isithombe esisekuqaleni.)

OFAKAZI BAKAJEHOVA bangabantu abajabulayo. Emihlanganweni yabo emincane nemikhulu kanye nasemibuthanweni yabo kuhlale kuxoxwa kamnandi futhi kuhlekwa. Yini ebenza bajabule kangaka? Isizathu esiyinhloko ukuthi bayamazi uJehova, bayamkhonza futhi balwela ukumlingisa njengoba ‘enguNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thim. 1:11; IHu. 16:11) Njengoba enguMthombo wenjabulo, uNkulunkulu ufuna sijabule futhi usinika izizathu eziningi zokwenza lokho.—Dut. 12:7; UmSh. 3:12, 13.

2, 3. (a) Kusho ukuthini ukujabula? (b) Kungani kungase kube nzima ukujabula?

2 Kuthiwani ngawe? Ingabe uyajabula? Ungayandisa yini injabulo yakho? Ukujabula kusho ukuzizwa weneme, ukwaneliseka ekuphileni noma ukwesasa. IBhayibheli libonisa ukuthi injabulo yangempela ingatholwa kuphela yilabo abanobuhlobo obuhle noJehova. Nokho, ezweni esiphila kulo, kungase kube nzima ukujabula. Kungani?

3 Izimo ezicindezelayo, njengokushona komuntu esimthandayo, ukususwa kwakhe ekuhlanganyeleni, ukudivosa noma ukulahlekelwa umsebenzi, kungasenza siphelelwe injabulo. Ngeke sikwazi ukujabula lapho kungekho ukuthula ekhaya, kuhlale kulwiwa njalo. Ukugconwa esisebenza nabo noma esifunda nabo, ukushushiswa ngenxa yenkolo yethu noma ukuboshwa kungasikhathaza kusenze singajabuli. Ukuwohloka kwempilo, izifo ezingamahlalakhona noma ukucindezeleka nakho kungayiqeda injabulo yethu. Noma kunjalo, uJesu Kristu “ojabulayo nowukuphela” koMbusi, wayekuthanda ukududuza abantu nokubenza bajabule. (1 Thim. 6:15; Math. 11:28-30) ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wakhuluma ngezimfanelo eziningana ezingasisiza sijabule yize sibhekene nezimo ezicindezelayo kuleli zwe likaSathane.

KUDINGEKA SIBE ABANGANE BAKAJEHOVA UKUZE SIJABULE

4, 5. Yini engasenza sijabule futhi singahlala kanjani sijabule?

4 Into yokuqala uJesu agxila kuyo ibaluleke kakhulu: “Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya, ngoba umbuso wamazulu ungowabo.” (Math. 5:3) Sibonisa kanjani ukuthi siyasiqaphela lesi sidingo? Lokho sikwenza ngokufunda ngoNkulunkulu, ngokuqaphela ukuthi sidinga usizo nesiqondiso sakhe nangokubheka ukumkhonza nokumjabulisa njengento eza kuqala ekuphileni kwethu. Uma senza lokho, injabulo yethu iyokhula. Siyokukholelwa nakakhulu ukugcwaliseka kwezithembiso zikaNkulunkulu. “Ithemba elijabulisayo” elitholakala eZwini likaNkulunkulu liyosikhuthaza.—Thithu 2:13.

5 Ukuba abangane bakaJehova abaseduze kubaluleke kakhulu ukuze sihlale sijabule. Umphostoli uPawulu waphefumulelwa ukuba abhale: “Jabulani eNkosini [uJehova] ngaso sonke isikhathi. Ngizophinda futhi ngithi, Jabulani!” (Fil. 4:4) Ukuze sibe nobungane obunjalo, kudingeka sithole ukuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu. IZwi laKhe lithi: “Uyajabula umuntu othole ukuhlakanipha, nomuntu othola ukuqonda. Kungumuthi wokuphila kulabo abakubambayo, futhi labo abakubamba bakuqinise kuyothiwa bayajabula.”—IzAga 3:13, 18.

6. Yini enye okumelwe siyenze ukuze sihlale sijabule?

6 Ukuze sihlale sijabule, kubalulekile ukuba singagcini nje ngokufunda iZwi likaNkulunkulu kodwa sikusebenzise lokho elikushoyo. Eqinisekisa ukubaluleka kokusebenzisa lokho esikufundayo, uJesu wathi: “Uma nizazi lezi zinto, niyajabula uma nizenza.” (Joh. 13:17; funda uJakobe 1:25.) Lokhu kusemqoka uma ufuna ukwanelisa isidingo sakho esingokomoya futhi uhlale ujabule. Kodwa singayithola kanjani injabulo ziziningi kangaka izinto ezisincisha injabulo? Ake sihlole lokho uJesu aqhubeka wakusho eNtshumayelweni Yasentabeni.

IZIMFANELO EZISENZA SIJABULE

7. Bangajabula kanjani abalilayo?

7 “Bayajabula abalilayo, ngoba bayoduduzwa.” (Math. 5:4) Abanye bangase bazibuze, ‘Kwenzeka kanjani ukuthi labo abalilayo bajabule?’ UJesu wayengakhulumi ngabo bonke abalilayo. Ngisho nabantu ababi bayalila ngenxa yobunzima obubangelwa “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.” (2 Thim. 3:1) Kodwa ukulila kwabo kobugovu akubenzi basondele kuJehova; yingakho kungabenzi bajabule. Kumelwe ukuba uJesu wayekhuluma ngabantu abasiqaphelayo isidingo esingokomoya, abalila ngenxa yezinto ezimbi uNkulunkulu angazifuni ezenziwa abantu. Bangase baqaphele ukuthi bayizoni, bayibone nemiphumela ebuhlungu yokuba nesono. UJehova uyababona laba; uyabaduduza ngeZwi lakhe, abanike injabulo nokuphila.—Funda uHezekeli 5:11; 9:4.

8. Chaza indlela ukuba nomoya omnene okukwenza ngayo ujabule.

8 Bayajabula abanomoya omnene, ngoba bayokudla ifa lomhlaba.” (Math. 5:5) Ukuba nomoya omnene kungasisiza kanjani sijabule? Abantu bayashintsha lapho bethola ulwazi olunembile lweqiniso. Kungenzeka ukuthi ngaphambili bebenokhahlo, bethanda izingxabano futhi benodlame. Kodwa manje sebegqoke “ubuntu obusha” futhi babonisa “uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela.” (Kol. 3:9-12) Ngenxa yalokho, manje baphila ukuphila okunokuthula, banothando futhi bayajabula. Ngaphezu kwalokho, iZwi likaNkulunkulu lisithembisa ukuthi abanjalo “bayodla ifa lomhlaba.”—IHu. 37:8-10, 29.

9. (a) Abanomoya omnene “bayokudla ifa lomhlaba” ngayiphi indlela? (b) Kungani labo “abalambele futhi bomele ukulunga” bengajabula?

9 UJesu wayesho ukuthini lapho ethi abamnene “bayokudla ifa lomhlaba”? Abafundi bakaJesu abagcotshiwe bayodla ifa lomhlaba lapho bebusa phezu komhlaba njengamakhosi nabapristi. (IsAm. 20:6) Nokho, ezinye izigidi ezingenalo ithemba lokuphila ezulwini, ziyodla ifa lomhlaba lapho zivunyelwa ukuba ziphile lapha emhlabeni phakade ngokuthula nangenjabulo. Labo yibo okuthiwa bayajabula ngenxa yokuthi “balambele futhi bomele ukulunga.” (Math. 5:6) Ukulambela nokomela kwabo ukulunga kuyokwaneliswa ngokuphelele ezweni elisha. (2 Pet. 3:13) Lapho uNkulunkulu esebususe bonke ububi, injabulo yabalungile ngeke iphinde iqedwe ukungabi namthetho nokungabi nabulungisa.—IHu. 37:17.

10. Kusho ukuthini ukuba nesihe?

10 Bayajabula abanesihe, ngoba bayoboniswa isihe.” (Math. 5:7) Isenzo sesiHebheru esihlobana negama elithi isihe sisho ukuba nemfudumalo, ububele nozwela. Ngendlela efanayo, isenzo sesiGreki sihlanganisa umqondo wokuzwelana nomunye umuntu. Nokho, isihe asiwona nje umuzwa. EBhayibhelini sihlanganisa nokwenza okuthile ukuze usize abanye.

11. Yini esingayifunda ngokuba nesihe esibonelweni somSamariya olungile?

11 Funda uLuka 10:30-37. Umfanekiso kaJesu womSamariya olungile ukuchaza kahle okushiwo ukubonisa isihe. Eshukunyiswa uzwela nesihe, umSamariya olungile wenza okuthile ukuze asize umuntu owayedinga usizo. Ngemva kokusho lo mfanekiso, uJesu wathi: “Hamba wenze okufanayo nawe.” Ngakho kumelwe sizibuze: ‘Ngenza okufanayo yini? Ingabe ngenza lokho okwenziwa umSamariya olungile? Ngingababonisa yini isihe nomusa abahluphekayo? Ngokwesibonelo, ngingawasiza yini amaKristu asekhulile, abafelokazi kanye nezingane ezinabazali abangahlanganyeli? Ngingawenza yini umzamo “ngikhulume ngokududuzayo nemiphefumulo ecindezelekile”?’—1 Thes. 5:14; Jak. 1:27.

Yenza umzamo wokusiza abanye, ubone indlela ozojabula ngayo (Bheka isigaba 12)

12. Isihe sisenza kanjani sijabule?

12 Nokho, ukuba nesihe kusenza kanjani sijabule? Lapho sibonisa abanye isihe sithola injabulo ebangelwa ukupha. Ngaphezu kwalokho, siyazi ukuthi sijabulisa uJehova. (IzE. 20:35; funda eyamaHebheru 13:16.) Ngokuphathelene nomuntu obacangelayo abanye, iNkosi uDavide yathi: “UJehova ngokwakhe uyomqapha futhi amlonde. Kuyothiwa uyajabula emhlabeni.” (IHu. 41:1, 2) Uma sibonisa abanye isihe nathi uJehova uyosibonisa isihe, okungasenza sijabule phakade.—Jak. 2:13.

OKWENZA “ABAHLANZEKILE ENHLIZIYWENI” BAJABULE

13, 14. Ukuhlanzeka enhliziyweni kuhlobana kanjani nenjabulo?

13 UJesu wathi: “Bayajabula abahlanzekile enhliziyweni, ngoba bayobona uNkulunkulu.” (Math. 5:8) Ukuze izinhliziyo zethu zihlale zihlanzekile, kumelwe sihlanzeke ngaphakathi futhi sibe nezifiso ezihlanzekile. Kudingeka sigcine imicabango yethu ihlanzekile ukuze uJehova angasibheki njengabangcolile.—Funda eyesi-2 Korinte 4:2; 1 Thim. 1:5.

14 Abahlanzekile enhliziyweni bangaba nobuhlobo obuhle noJehova owathi: “Bayajabula abahlanza izembatho zabo.” (IsAm. 22:14) Bazihlanza ngamuphi umqondo “izembatho zabo”? AmaKristu agcotshiwe ahlanza ‘izembatho zawo’ ngomqondo wokuthi ahlanzekile emehlweni kaJehova futhi ayonikwa ukuphila okungenakufa, ajabule phakade esikhundleni sawo ezulwini. Isixuku esikhulu esinethemba lokuphila emhlabeni naso singaba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu. Kwamanje ‘sihlanza izembatho zaso ukuba zibe mhlophe egazini leWundlu.’—IsAm. 7:9, 13, 14.

15, 16. Abahlanzekile enhliziyweni “bayobona uNkulunkulu” ngayiphi indlela?

15 IBhayibheli lithi ‘akukho muntu ongabona [uNkulunkulu] kodwa aphile.’ (Eks. 33:20) Pho abahlanzekile enhliziyweni “bayobona uNkulunkulu” ngayiphi indlela? Igama lesiGreki elithi “bayobona” lingadlulisela umqondo “wokubona ngengqondo, ukuqonda, ukwazi.” Labo ababona uNkulunkulu ‘ngamehlo enhliziyo’ yilabo abamazi kahle, abazithandayo izimfanelo zakhe. (Efe. 1:18) UJesu wabulingisa ngendlela ephelele ubuntu bukaNkulunkulu, yingakho athi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.”—Joh. 14:7-9.

16 Ngaphezu kokwazi izimfanelo zikaNkulunkulu, abakhulekeli beqiniso ‘bangabona uNkulunkulu’ ngokubuka indlela abasiza ngayo. (Jobe 42:5) Bangaphinde bagxilise amehlo abo ezibusisweni ezinhle uNkulunkulu azithembise labo abalwela ukuhlala behlanzekile futhi bamkhonze ngobuqotho. Abagcotshiwe bayombona ngokoqobo uJehova lapho bethola umvuzo wabo ezulwini.—1 Joh. 3:2.

SINGAJABULA YIZE SIBHEKENE NOBUNZIMA

17. Kungani bejabula labo abenza ukuthula?

17 UJesu wabe esethi: “Bayajabula abanokuthula.” (Math. 5:9) Labo abenza umzamo wokwenza ukuthula banesizathu esihle sokujabula. Umfundi uJakobe wabhala: “Imbewu yesithelo sokulunga ihlwanyelwa ngaphansi kwezimo zokuthula kulabo abenza ukuthula.” (Jak. 3:18) Lapho sixabene nothile ebandleni noma emndenini, singacela uNkulunkulu asisize sibe abenzi bokuthula. UJehova uyosinika umoya wakhe ongcwele oyosisiza sibe nezimfanelo zobuKristu futhi sijabule. UJesu wagcizelela ukubaluleka kokwenza ukuthula lapho ethi: “Uma uletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, khona-ke, lapho usubuyile, unikele isipho sakho.”—Math. 5:23, 24.

18, 19. Kungani amaKristu engajabula ngisho noma eshushiswa?

18 “Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi besho yonke inhlobo yento embi ngani, beniqambela amanga ngenxa yami.” UJesu wayesho ukuthini? Waqhubeka wathi: “Jabulani nigxumagxume ngenjabulo, ngoba umvuzo wenu mkhulu emazulwini; ngoba babashushisa ngaleyo ndlela abaprofethi ngaphambi kwenu.” (Math. 5:11, 12) Ngemva kokuba abaphostoli bebhaxabuliwe futhi bayalwa ukuba bayeke ukushumayela, “basuka phambi kweSanhedrini bejabula.” Kuyiqiniso ukuthi babezizwa izinhlungu zokushaywa. Noma kunjalo, babejabula ‘ngoba babebalwe njengabakufanelekele ukuhlaziswa ngenxa yegama [likaJesu].’—IzE. 5:41.

19 Namuhla, abantu bakaJehova bakhuthazela ngenjabulo lapho behlupheka ngenxa yegama likaJesu noma lapho bebhekene nobunzima. (Funda uJakobe 1:2-4.) Njengabaphostoli, nathi asikujabuleli ukuhlupheka noma ukushushiswa. Kodwa lapho sihlala siqotho kuJehova ebunzimeni, uJehova angasisiza sikhuthazele ngesibindi. Ngokwesibonelo, ngo-Agasti 1944, iziphathimandla zombuso wobushiqela zathumela uHenryk Dornik nomfowabo ekamu lokuhlushwa. Nakhu okwashiwo yilabo ababebashushisa: “Ngeke ukwazi ukubayekisa. Ukufela ukholo lwabo kubenza bajabule.” UMfoweth’ uDornik wachaza: “Ngisho noma ngangingakuthandi ukushushiswa, ukukhuthazela ngesibindi nokuhlala ngiqotho kuJehova kwangenza ngajabula. . . . Ukuthandaza ngobuqotho kwangisondeza kuJehova futhi wazibonakalisa enguMsizi othembekile.”

20. Kungani kusijabulisa ukukhonza ‘uNkulunkulu ojabulayo’?

20 Lapho ‘uNkulunkulu ojabulayo’ ethokoza uma esibuka, singajabula yize sishushiswa ngenxa yokukhonza uNkulunkulu, siphikiswa ekhaya, nangenxa yokugula nokuguga. (1 Thim. 1:11) Siyajabula nangenxa yezithembiso eziyigugu zikaNkulunkulu wethu “ongenakuqamba amanga.” (Thithu 1:2) Ukugcwaliseka kwezithembiso zikaJehova kuyosijabulisa kangangokuthi siyovele sibukhohlwe ubunzima nezinselele esibhekene nazo manje. EPharadesi elizayo, izibusiso ezivela kuJehova ziyoba ngaphezu kwalokho esikucabangayo. Siyojabula ngendlela esingakwazi ukuyicabanga njengamanje. ‘Siyothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.’—IHu. 37:11.