KuThithu 2:1-15
2 Nokho, wena qhubeka ukhuluma izinto ezihambisana nemfundiso ephilayo. *+
2 Amadoda asekhulile mawabe alinganiselayo, angathathi izinto kalula, ahluzekile engqondweni, aphilile okholweni, othandweni, ekukhuthazeleni.
3 Ngokufanayo, abesifazane asebekhulile mabaziphathe ngenhlonipho, banganyundeli, bangabi yizigqila zewayini eliningi, babe abafundisi bokuhle,
4 ukuze beluleke* abesifazane abasebasha ukuba bathande abayeni babo, bathande abantwana babo,
5 babe abahluzekile engqondweni, abamsulwa, abasebenzayo ekhaya,* abahle, nabazithobayo kubayeni babo, + ukuze izwi likaNkulunkulu lingahlanjalazwa.
6 Ngokufanayo, qhubeka ukhuthaza izinsizwa ukuba zibe ezihluzekile engqondweni, +
7 uzibonakalise uyisibonelo semisebenzi emihle ngazo zonke izindlela. Fundisa izinto ezihlanzekile* ngokungathathi izinto kalula, +
8 usebenzise inkulumo enempilo* engeke igxekwe, + ukuze labo abaphikisayo bahlazeke, bengenalutho olubi* abangalusho ngathi. +
9 Izigqila mazizithobe kubaninizo ezintweni zonke, + zizame ukubajabulisa, zingaqagulisani nabo,
10 zingabantshontsheli, + kodwa zibonise ukwethembeka okuphelele, ukuze ngazo zonke izindlela zihlobise imfundiso yoMsindisi wethu, uNkulunkulu. +
11 Ngoba umusa omkhulu kaNkulunkulu oletha insindiso kuzo zonke izinhlobo zabantu ubonakalisiwe. +
12 Uyasiqeqesha ukuba silahle ukungamhloniphi uNkulunkulu nezifiso zezwe + nokuba siphile ngokuhluzeka kwengqondo nokulunga nangokuzinikela kuNkulunkulu phakathi nalesi simiso samanje sezinto, *+
13 kuyilapho silindele ithemba elijabulisayo + nokubonakaliswa okukhazimulayo kukaNkulunkulu omkhulu nokoMsindisi wethu, uJesu Kristu,
14 owazinikela ngenxa yethu + ukuze asikhulule *+ kuyo yonke inhlobo yokweqa umthetho nokuba azihlanzele isizwe esiyimpahla yakhe ekhethekile, esishisekela imisebenzi emihle. +
15 Qhubeka ukhuluma ngalezi zinto, ukhuthaza* futhi usola ngegunya eligcwele. + Ungavumeli muntu akubukele phansi.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “enempilo; ezuzisayo.”
^ Noma, “basangulukise; baqeqeshe.”
^ Noma, “abanakekela imizi yabo.”
^ Noma kubanga, “Fundisa ngobumsulwa.”
^ Noma, “ephilayo; ezuzisayo.”
^ Noma, “olungeluhle.”
^ Noma, “nalesi sikhathi.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ NgesiGreki, “abe yisihlengo; asihlenge.”
^ Noma, “unxusa.”