Incwadi KaJakobe 2:1-26
2 Bazalwane, anilubambile ukholo lweNkosi yethu ekhazimulayo uJesu Kristu, kuyilapho nibonisa ukukhetha, akunjalo? +
2 Ngoba, uma emhlanganweni wenu kungena umuntu ofake izindandatho zegolide eminweni futhi ogqoke izingubo eziwubukhazikhazi, bese kungena nomuntu ompofu ogqoke izingubo ezingcolile,
3 ingabe nimbheka ngomusa lowo ogqoke izingubo eziwubukhazikhazi nithi, “Hlala lapha endaweni enhle,” nithi kompofu, “Wena qhubeka umile,” noma, “Hlala laphaya phansi”? +
4 Uma kunjalo anihlukene yini ngezigaba phakathi kwenu + futhi anibona yini abahluleli abakhipha izinqumo ezimbi? +
5 Lalelani, bazalwane abathandekayo. UNkulunkulu akakhethanga yini labo izwe elibabheka njengabampofu ukuba babe abacebile okholweni + nezindlalifa zoMbuso, awuthembisa labo abamthandayo? +
6 Nokho, nina niye namhlaza umuntu ompofu. Akubona yini abacebile abanicindezelayo + futhi abanihudulela phambi kwezinkantolo zomthetho?
7 Abahlambalazi yini igama elihle enabizwa ngalo?
8 Uma-ke, nifeza umthetho wasebukhosini* ngokuvumelana nalo mbhalo, “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena,” + nenza kahle impela.
9 Kodwa uma niqhubeka nibonisa ukukhetha, + nenza isono, futhi umthetho unilahla ngecala* njengezeqamthetho. +
10 Ngoba noma ubani olalela wonke uMthetho kodwa aphule owodwa, uyephule yonke. +
11 Ngoba lowo owathi, “Ungaphingi,” + wathi futhi, “Ungabulali.” + Manje, uma ungaphingi kodwa ubulala, usuyiseqamthetho.
12 Qhubekani nikhuluma futhi niziphatha ngendlela abaziphatha ngayo labo abazokwahlulelwa ngomthetho wabantu abakhululekile. *+
13 Ngoba lowo ongasibonisi isihe uyothola isahlulelo ngaphandle kwesihe. + Isihe siyanqoba phezu kwesahlulelo.
14 Kunanzuzoni, bazalwane, uma umuntu ethi unokholo kodwa engenayo imisebenzi? + Lolo kholo alunakumsindisa, akunjalo? +
15 Uma kukhona abazalwane noma odade abaswele okokugqoka* nokudla okwanele lolo suku,
16 nokho othile kini athi kubo, “Hambani ngokuthula; nifudumale futhi nisuthe,” kodwa ningabaniki izidingo zemizimba yabo, kunanzuzoni? +
17 Kanjalo, futhi, nokholo uma lungenayo imisebenzi, lufile. +
18 Noma kunjalo, omunye uzothi: “Wena unokholo, mina nginemisebenzi. Ngibonise ukholo lwakho ngaphandle kwemisebenzi, mina ngizokubonisa ukholo lwami ngemisebenzi yami.”
19 Uyakholwa ukuthi kukhona uNkulunkulu oyedwa, akunjalo? Wenza kahle impela. Nokho namademoni ayakholwa athuthumele. *+
20 Kodwa ingabe uyathanda ukwazi, wena muntu ongenangqondo, ukuthi ukholo ngaphandle kwemisebenzi alusizi ngalutho?
21 Akuzange yini kuthiwe u-Abrahama ubaba ulungile ngenxa yemisebenzi ngemva kokuba enikele ngo-Isaka indodana yakhe e-altare? +
22 Uyabona ukuthi ukholo lwakhe lwasebenza kanye nemisebenzi yakhe futhi ukholo lwakhe lwapheleliswa yimisebenzi yakhe, +
23 futhi wagcwaliseka umbhalo othi: “U-Abrahama waba nokholo kuJehova,* wabhekwa njengolungile,” + futhi wabizwa ngokuthi umngane kaJehova. *+
24 Niyabona ukuthi umuntu kuzothiwa ulungile ngemisebenzi, hhayi ngokholo lodwa.
25 Ngendlela efanayo, uRahabi isifebe akushiwongo yini ukuthi ulungile ngenxa yemisebenzi, ngemva kokuba amukele izithunywa ngomusa futhi wazikhipha ngenye indlela? +
26 Impela, njengoba umzimba ngaphandle komoya ufile, + kanjalo nokholo ngaphandle kwemisebenzi lufile. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “wobukhosi.”
^ Noma, “unisola.”
^ NgesiGreki, “wenkululeko.”
^ NgesiGreki, “abahamba-ze.”
^ Noma, “aqhaqhazele.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Bheka iSithasiselo A5.