Incwadi KaJakobe 3:1-18

  • Ukulawula ulimi (1-12)

    • Ababaningi okufanele babe ngabafundisi (1)

  • Ukuhlakanipha okuvela phezulu (13-18)

3  Ababaningi kini okufanele babe ngabafundisi, bazalwane, njengoba nazi ukuthi siyokwahlulelwa kanzima ngokwengeziwe. +  Ngoba sonke siyakhubeka* izikhathi eziningi. + Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda ephelele, ekwazi ukulawula nomzimba wayo wonke ngokungathi ngetomu.  Uma sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi ukuze asilalele, siqondisa nemizimba yawo yonke.  Bhekani nemikhumbi: Nakuba imikhulu kangaka futhi iqhutshwa umoya onamandla, iqondiswa iphini elincane kakhulu iye lapho kuthanda khona umuntu oshayelayo.  Ngokufanayo nolimi luyilunga elincane lomzimba kodwa luqhosha kakhulu. Ngisho nomlilo omncane kakhulu ungathungela ihlathi elikhulu, akunjalo?  Ulimi luwumlilo. + Ulimi lumelela izwe lokungalungi phakathi kwamalunga emizimba yethu, ngoba lungcolisa wonke umzimba. + Lungonakalisa ukuphila* komuntu futhi lunjengeGehena* ngoba lubangela incithakalo.  Ngoba zonke izinhlobo zezilwane zasendle kanye nezinyoni nezinto ezinwabuzelayo* nezilwane zasolwandle ziyathanjiswa futhi ziye zathanjiswa abantu.  Kodwa akekho noyedwa kubantu ongaluthambisa ulimi. Alulawuleki futhi luyalimaza, lugcwele ubuthi obubulalayo. +  Ngalo sidumisa uJehova,* uBaba, kodwa ngalo siqalekise abantu ababa khona “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” + 10  Emlonyeni ofanayo kuphuma ukubusisa nokuqalekisa. Bazalwane, akulungile ukuba izinto zenzeke ngale ndlela. + 11  Amanzi amnandi nababayo ayaphuphuma yini emthonjeni ofanayo? 12  Bazalwane, isihlahla samakhiwane asinakuthela iminqumo noma isihlahla samagilebhisi asinakuthela amakhiwane, akunjalo? + Nomthombo wamanzi anosawoti awunakukhipha amanzi amnandi. 13  Ubani ohlakaniphile noqondayo phakathi kwenu? Ngokuziphatha kwakhe okuhle, makabonise imisebenzi yakhe eyenziwa ngobumnene obuwumphumela wokuhlakanipha. 14  Kodwa uma ninomona + nokubanga *+ ezinhliziyweni zenu, musani ukuzigabisa + ngokuhlakanipha. Uma nenza kanjalo, niyobe niqamba amanga. 15  Lokhu akukhona ukuhlakanipha okwehla kuvela phezulu; okwasemhlabeni, + okobulwane, okobudemoni. 16  Ngoba nomaphi lapho kukhona khona umona nokubanga,* kuyoba khona nesiyaluyalu nayo yonke into embi. + 17  Kodwa ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, + kunokuthula, + kuyacabangela, + kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, + akukhethi, + akuzenzisi. + 18  Ngaphezu kwalokho, isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngaphansi kwezimo ezinokuthula + ukuze kuzuze labo abenza ukuthula. *+

Imibhalo yaphansi

Noma, “siyawenza amaphutha.”
NgesiGreki, “isondo lokuphila (umsuka).”
Noma, “ezihuquzelayo.”
Noma kungaba, “nobugovu.”
Noma kungaba, “nobugovu.”
Noma kungaba, “yilabo abenza ukuthula.”