Incwadi KaJakobe 3:1-18
3 Ababaningi kini okufanele babe ngabafundisi, bazalwane, njengoba nazi ukuthi siyokwahlulelwa kanzima ngokwengeziwe. +
2 Ngoba sonke siyakhubeka* izikhathi eziningi. + Uma umuntu engakhubeki ngezwi, lowo uyindoda ephelele, ekwazi ukulawula nomzimba wayo wonke ngokungathi ngetomu.
3 Uma sifaka amatomu emilonyeni yamahhashi ukuze asilalele, siqondisa nemizimba yawo yonke.
4 Bhekani nemikhumbi: Nakuba imikhulu kangaka futhi iqhutshwa umoya onamandla, iqondiswa iphini elincane kakhulu iye lapho kuthanda khona umuntu oshayelayo.
5 Ngokufanayo nolimi luyilunga elincane lomzimba kodwa luqhosha kakhulu. Ngisho nomlilo omncane kakhulu ungathungela ihlathi elikhulu, akunjalo?
6 Ulimi luwumlilo. + Ulimi lumelela izwe lokungalungi phakathi kwamalunga emizimba yethu, ngoba lungcolisa wonke umzimba. + Lungonakalisa ukuphila* komuntu futhi lunjengeGehena* ngoba lubangela incithakalo.
7 Ngoba zonke izinhlobo zezilwane zasendle kanye nezinyoni nezinto ezinwabuzelayo* nezilwane zasolwandle ziyathanjiswa futhi ziye zathanjiswa abantu.
8 Kodwa akekho noyedwa kubantu ongaluthambisa ulimi. Alulawuleki futhi luyalimaza, lugcwele ubuthi obubulalayo. +
9 Ngalo sidumisa uJehova,* uBaba, kodwa ngalo siqalekise abantu ababa khona “ngomfanekiso kaNkulunkulu.” +
10 Emlonyeni ofanayo kuphuma ukubusisa nokuqalekisa.
Bazalwane, akulungile ukuba izinto zenzeke ngale ndlela. +
11 Amanzi amnandi nababayo ayaphuphuma yini emthonjeni ofanayo?
12 Bazalwane, isihlahla samakhiwane asinakuthela iminqumo noma isihlahla samagilebhisi asinakuthela amakhiwane, akunjalo? + Nomthombo wamanzi anosawoti awunakukhipha amanzi amnandi.
13 Ubani ohlakaniphile noqondayo phakathi kwenu? Ngokuziphatha kwakhe okuhle, makabonise imisebenzi yakhe eyenziwa ngobumnene obuwumphumela wokuhlakanipha.
14 Kodwa uma ninomona + nokubanga *+ ezinhliziyweni zenu, musani ukuzigabisa + ngokuhlakanipha. Uma nenza kanjalo, niyobe niqamba amanga.
15 Lokhu akukhona ukuhlakanipha okwehla kuvela phezulu; okwasemhlabeni, + okobulwane, okobudemoni.
16 Ngoba nomaphi lapho kukhona khona umona nokubanga,* kuyoba khona nesiyaluyalu nayo yonke into embi. +
17 Kodwa ukuhlakanipha kwaphezulu okokuqala kumsulwa, + kunokuthula, + kuyacabangela, + kuyashesha ukulalela, kugcwele isihe nezithelo ezinhle, + akukhethi, + akuzenzisi. +
18 Ngaphezu kwalokho, isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngaphansi kwezimo ezinokuthula + ukuze kuzuze labo abenza ukuthula. *+
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “siyawenza amaphutha.”
^ NgesiGreki, “isondo lokuphila (umsuka).”
^ Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “ezihuquzelayo.”
^ Bheka iSithasiselo A5.
^ Noma kungaba, “nobugovu.”
^ Noma kungaba, “nobugovu.”
^ Noma kungaba, “yilabo abenza ukuthula.”