Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Unembeza Wakho Uqeqeshwe Kahle?

Ingabe Unembeza Wakho Uqeqeshwe Kahle?

Ingabe Unembeza Wakho Uqeqeshwe Kahle?

WAKE washo yini ukuthi, “Ngiyazi enhliziyweni yami ukuthi lokhu akulungile,” noma, “Angikwazi ukukwenza lokho ongicela ukuba ngikwenze. Kunento engaphakathi kimi engitshela ukuthi akulungile”? Kwakukhuluma unembeza wakho, umuzwa wangaphakathi wokulungile nokungalungile, ovuna umuntu noma umbeke icala. Yebo, unembeza sizalwa nawo.

Nakuba umuntu ehlukanisiwe noNkulunkulu, usakwazi ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile. Lokhu kungenxa yokuthi wenziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, ukuze ngezinga elithile abonise izimfanelo zikaNkulunkulu eziwukuhlakanipha nokulunga. (Genesise 1:26, 27) Maqondana nalokhu, umphostoli uPawulu waphefumulelwa uNkulunkulu ukuba abhale: “Ngoba noma nini lapho abantu bezizwe abangenawo umthetho benza ngokwemvelo izinto zomthetho, laba bantu, nakuba bengenawo umthetho, bangumthetho kubo ngokwabo. Yibo kanye ababonisa ukuthi ingqikithi yomthetho ilotshiwe ezinhliziyweni zabo, lapho unembeza wabo ufakazelana nabo, futhi phakathi kwemicabango yabo, babekwa icala noma baze ngisho bavunwe.” *Roma 2:14, 15.

Lo muzwa esizalwa nawo, esawuthola ngofuzo kumuntu wokuqala, u-Adamu, usebenza ‘njengomthetho,’ noma isimiso sokuziphatha, kubantu bazo zonke izinhlanga nezizwe. Uyikhono lokuzihlolisisa futhi sizahlulele. (Roma 9:1) U-Adamu no-Eva babonisa ukuthi lo muzwa uyasebenza ngemva nje kokuphula umthetho kaNkulunkulu—bacasha. (Genesise 3:7, 8) Esinye isibonelo sendlela unembeza osebenza ngayo yindlela iNkosi uDavide eyasabela ngayo lapho iqaphela ukuthi yayonile ngokubala abantu. IBhayibheli lithi “inhliziyo kaDavide yamshaya.”—2 Samuweli 24:1-10.

Ikhono lokuhlola izenzo zethu zesikhathi esidlule sizahlulele thina lingaveza isici esibaluleke kakhulu sokuphenduka kokuhlonipha uNkulunkulu. UDavide wabhala: “Lapho ngithule, amathambo ami aguga ngenxa yokububula kwami usuku lonke. Ekugcineni ngasivuma isono sami kuwe, nesiphambeko sami angizange ngisifihle. Ngathi: ‘Ngizosivuma iseqo sami kuJehova.’ Wena wasixolela isiphambeko sezono zami.” (IHubo 32:3, 5) Ngakho, unembeza osebenzayo ungabangela isoni ukuba sibuyele kuNkulunkulu, usisize sibone isidingo sokucela intethelelo kaNkulunkulu futhi sihambe ngezindlela zakhe.—IHubo 51:1-4, 9, 13-15.

Unembeza unikeza nezixwayiso noma usiqondise lapho kudingeka sikhethe noma senze isinqumo maqondana nokuziphatha. Yilesi sici sikanembeza okungenzeka ukuthi sasiza uJosefa ukuba abone kusengaphambili ukuthi ukuphinga akulungile futhi kubi—kuyisono kuNkulunkulu. Umthetho oqondile owenqabela ukuphinga wafakwa kamuva eMiyalweni Eyishumi eyanikwa u-Israyeli. (Genesise 39:1-9; Eksodusi 20:14) Kusobala ukuthi sizuza kakhulu uma sinonembeza oqeqeshiwe ukuze usiqondise kunokuba umane nje usahlulele. Ingabe unembeza wakho usebenza ngale ndlela?

Ukuqeqesha Unembeza Ukuze Wenze Izinqumo Ezilungile

Nakuba unembeza sizalwa nawo, okubuhlungu ukuthi leso sipho siyawenza amaphutha. Nakuba ekuqaleni abantu babephelele, “bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:23) Ngenxa yokuthi sonakaliswe isono nokungapheleli, onembeza bethu bangasonteka futhi bangabe besasebenza ngendlela ababedalelwe ukuba basebenze ngayo ekuqaleni. (Roma 7:18-23) Ngaphezu kwalokho, izici ezingaphandle zingawuthonya unembeza wethu. Ungathonywa indlela esakhuliswa ngayo noma amasiko endawo, izinkolelo kanye nesizinda. Ngokuqinisekile izimilo nezindinganiso eziwohlokile zezwe azinakuba izindinganiso zikanembeza omuhle.

Ngakho, umKristu kumelwe athole olunye usizo olunezindinganiso eziqinile futhi ezilungile ezitholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Lezi zindinganiso zingaqondisa unembeza wethu ukuze unqume izinto ngokufanele futhi uziqondise. (2 Thimothewu 3:16) Lapho unembeza wethu uqeqeshwe ngokwezindinganiso zikaNkulunkulu, ungaba isivikelo esingcono kakhulu ekuziphatheni okubi, usenze sikwazi “ukuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.” (Hebheru 5:14) Ngaphandle kwezindinganiso zikaNkulunkulu, unembeza wethu ngeke usixwayise lapho siphambukela enkambweni embi. IBhayibheli lithi: “Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kodwa ukuphela kwayo kamuva kuyizindlela zokufa.”—IzAga 16:25; 17:20.

Kwezinye izici zokuphila, iZwi likaNkulunkulu lineziqondiso ezicacile, futhi siyazuza uma sizilalela. Ngakolunye uhlangothi, kunezimo eziningi lapho kungenaziyalezo eziqondile ezivela eBhayibhelini. Lezi zingase zihilele umsebenzi esiwukhethayo, izindaba zokunakekela impilo, ukuzijabulisa, ukugqoka nokuzilungisa, nezinye izici. Akulula ukwazi ukuthi yini okumelwe siyenze esimweni ngasinye bese senza isinqumo esifanele. Ngenxa yalokho kufanele sibe nesimo sengqondo sikaDavide, owathandaza: “O Jehova, ngazise izindlela zakho; ngifundise imikhondo yakho. Ngihambise eqinisweni lakho ungifundise, ngoba wena unguNkulunkulu wami wensindiso.” (IHubo 25:4, 5) Uma siyiqonda kangcono imibono nezindlela zikaNkulunkulu, yilapho siyokwazi khona kangcono ukuhlolisisa izimo zethu ngokunembile futhi senze izinqumo ngonembeza ohlanzekile.

Ngakho, lapho sinombuzo noma kudingeka senze isinqumo, okokuqala kufanele sicabange ngezimiso zeBhayibheli ezingasebenza kuleyo ndaba. Ezinye zalezi zimiso kungaba yilezi: ukuhlonipha ubunhloko (Kolose 3:18, 20); ukwethembeka ezintweni zonke (Hebheru 13:18); ukuzonda okubi (IHubo 97:10); ukuphishekela ukuthula (Roma 14:19); ukuzithoba emagunyeni amisiwe (Mathewu 22:21; Roma 13:1-7); ukuzinikela kuNkulunkulu kuphela (Mathewu 4:10); ukungabi ingxenye yezwe (Johane 17:14); ukugwema ukuzihlanganisa nababi (1 Korinte 15:33); ukubonisa isizotha endleleni esigqoka futhi sizilungise ngayo (1 Thimothewu 2:9, 10); nokungakhubekisi abanye (Filipi 1:10). Ukuzazi izimiso zeBhayibheli ezihlobene nendaba kungaqinisa unembeza wethu futhi kusisize ukuba senze isinqumo esifanele.

Lalela Unembeza Wakho

Ukuze unembeza wethu usisize, kumelwe siwulalele. Siyozuza kuphela uma sisabela ngokushesha ezixwayisweni zikanembeza wethu oqeqeshwe ngeBhayibheli. Unembeza oqeqeshiwe singawufanisa nezibani ezixwayisayo ezisemotweni. Ake sithi isibani siyakhanya sisixwayisa ngokuthi umthamo kawoyela uphansi. Ucabanga ukuthi bekuyokwenzekani uma singasinaki ngokushesha leso sixwayiso, siqhubeke nokuyishayela imoto? Singabangela umonakalo omkhulu enjinini. Ngendlela efanayo, unembeza wethu, noma izwi langaphakathi lingasixwayisa ngokuthi ukwenza into ethile akulungile. Njengoba uqhathanisa izindinganiso nezimiso zethu ezingokomBhalo nento esesiyenzile noma esiyicabangayo, unembeza uyasixwayisa njengoba kwenza isibani esisemotweni. Ukulalela isixwayiso ngeke nje kusisize ukuba sigweme imiphumela emibi yezenzo ezingalungile kodwa kuyogcina nonembeza wethu usebenza ngendlela efanele.

Kungenzekani uma sikhetha ukungasinaki isixwayiso? Ngokuhamba kwesikhathi unembeza ungaba ongazweli. Okwenzeka kunembeza lapho siqhubeka singawunaki noma siwucindezela kungafaniswa nalokho okwenzeka lapho kubhashulwa inyama ngensimbi eshisayo yokubeka uphawu. Izinzwa ziyafa kuleyo ndawo futhi ingabe isazwela. (1 Thimothewu 4:2) Unembeza onjalo awube usakwazi ukusisola lapho sonile, noma usixwayise ukuze singasiphindi isono. Unembeza olimele awunandaba nezindinganiso zeBhayibheli zokulungile nokungalungile, ngakho usuke usuwunembeza omubi. Sekuwunembeza owonakele, futhi umnikazi wawo ‘akasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle’ futhi uhlukanisiwe noNkulunkulu. (Efesu 4:17-19; Thithu 1:15) Yeka umphumela odabukisayo!

“Yibani Nonembeza Omuhle”

Ukulondoloza unembeza omuhle kudinga umzamo oqhubekayo. Umphostoli uPawulu wathi: “Ngiziqeqesha njalo mayelana nalokhu ukuba ngiqaphele ukuba ngingenzi cala kuNkulunkulu nakubantu.” (IzEnzo 24:16) NjengomKristu, uPawulu wayenza umzamo oqhubekayo wokuzihlola futhi elungisa inkambo yakhe ukuze aqiniseke ukuthi akoni kuNkulunkulu. UPawulu wayazi ukuthi ekugcineni nguNkulunkulu ozonquma ukuthi kulungile yini noma kubi lokho esikwenzayo. (Roma 14:10-12; 1 Korinte 4:4) UPawulu wathi: “Zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.”—Hebheru 4:13.

UPawulu wakhuluma nangokungenzi cala kubantu. Isibonelo esifanelekayo sitholakala eselulekweni asinikeza amaKristu aseKorinte maqondana “nokudla ukudla okunikelwe ezithombeni.” Iphuzu lakhe laliwukuthi ngisho nalapho inkambo ethile ingeyimbi ngokweZwi likaNkulunkulu, kubalulekile ukuba sicabangele onembeza babanye. Ukungakwenzi lokho ‘kungabalimaza ngokomoya abafowethu uKristu afa ngenxa yabo.’ Singalimaza nobuhlobo bethu noNkulunkulu.—1 Korinte 8:4, 11-13; 10:23, 24.

Ngakho, qhubeka uqeqesha unembeza wakho futhi uwugcine umuhle. Lapho wenza izinqumo, cela isiqondiso sikaNkulunkulu. (Jakobe 1:5) Tadisha iZwi likaNkulunkulu, futhi uvumele izimiso zalo ukuba zilolonge ingqondo nenhliziyo yakho. (IzAga 2:3-5) Lapho kuphakama izindaba ezibalulekile, xoxa namaKristu avuthiwe ukuze uqiniseke ukuthi uziqonda kahle izimiso zeBhayibheli ezihilelekile kuleyo ndaba. (IzAga 12:15; Roma 14:1; Galathiya 6:5) Cabanga ukuthi isinqumo sakho siyowuthinta kanjani unembeza wakho, siyobathinta kanjani abanye, futhi okubaluleke kakhulu siyobuthinta kanjani ubuhlobo bakho noJehova.—1 Thimothewu 1:5, 18, 19.

Unembeza wethu uyisipho esimangalisayo esivela kuBaba wethu onothando, uJehova uNkulunkulu. Ngokuwusebenzisa ngokuvumelana nentando yalowo owasipha wona, siyosondela kakhudlwana kuMdali wethu. Njengoba sizama ‘ukuba nonembeza omuhle’ kukho konke esikwenzayo, sibonisa ngokwengeziwe ukuthi senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu.—1 Petru 3:16; Kolose 3:10.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 3 Igama lesiGreki elisetshenziswe lapha elithi unembeza lisho “ikhono elingaphakathi lokwahlulela” (The Analytical Greek Lexicon Revised, kaHarold K. Moulton); “ukuhlukanisa phakathi kokuhle nokubi.”—Greek-English Lexicon, kaJ. H. Thayer.

[Izithombe ekhasini 13]

Ingabe unembeza wakho uqeqeshelwe ukukuqondisa kunokuba umane nje ukwahlulele?

[Isithombe ekhasini 14]

Siba nonembeza oqeqeshwe kahle lapho sifunda futhi sisebenzisa izimiso zeBhayibheli

[Izithombe ekhasini 15]

Ungalokothi ungazinaki izixwayiso zikanembeza wakho