KwabaseRoma 2:1-29

  • Isahlulelo sikaNkulunkulu kumaJuda namaGreki (1-16)

    • Indlela unembeza osebenza ngayo (14, 15)

  • AmaJuda noMthetho (17-24)

  • Ukusoka kwenhliziyo (25-29)

2  Ngakho awunazaba wena muntu, noma ngabe ungubani, + uma wahlulela; ngenxa yokuthi lapho wahlulela omunye uzilahla wena, ngoba wena owahlulelayo wenza zona kanye lezo zinto. +  Manje siyazi ukuthi isahlulelo sikaNkulunkulu sivumelana neqiniso, simelene nalabo abenza izinto ezinjalo.  Kodwa ingabe wena muntu owahlulela labo abenza lezo zinto kuyilapho nawe uzenza, ucabanga ukuthi uyophunyuka esahlulelweni sikaNkulunkulu?  Noma ingabe wedelela umusa wakhe, + ukubekezela kwakhe + kanye nesineke sakhe + okungenamkhawulo, ngoba ungazi ukuthi uNkulunkulu ngomusa wakhe uzama ukukuholela ekuphendukeni? +  Kodwa ngenxa yokuba nenkani kwakho nenhliziyo engaphenduki, uzibizela ulaka lukaNkulunkulu ngosuku lolaka nolokwambulwa kwesahlulelo sikaNkulunkulu esilungile. +  Uyobuyisela umuntu ngamunye ngokwemisebenzi yakhe: +  ukuphila okuphakade kulabo abafuna inkazimulo nodumo nokungonakali + ngokukhuthazela emsebenzini omuhle;  nokho, kulabo ababangayo nabangalilaleli iqiniso kodwa abalalela ukungalungi, kuyoba khona ulaka nentukuthelo. +  Kuyoba nosizi nokucindezeleka kuwo wonke umuntu owenza okulimazayo, kumJuda kuqala nakumGreki futhi; 10  kodwa kube inkazimulo nodumo nokuthula kuwo wonke umuntu owenza okuhle, kumJuda kuqala + nakumGreki futhi. + 11  Ngoba akukho ukukhetha kuNkulunkulu. + 12  Ngoba bonke labo abona bengenawo umthetho bayobhubha bengenawo umthetho futhi; + kodwa bonke labo abona bengaphansi komthetho bayokwahlulelwa ngomthetho. + 13  Ngoba labo abawuzwayo umthetho akubona abalungile phambi kukaNkulunkulu, kodwa abenzi bomthetho kuyothiwa balungile. + 14  Ngoba lapho abantu bezizwe abangenawo umthetho + benza ngokwemvelo izinto zomthetho, laba bantu, nakuba bengenawo umthetho, bangumthetho kubo ngokwabo. 15  Yibo kanye ababonisa ngemisebenzi yabo ukuthi umthetho ulotshwe ezinhliziyweni zabo, kuyilapho unembeza wabo ufakazelana nabo, nemicabango yabo ibabeka icala noma ibuye ibavune. 16  Lokhu kuyokwenzeka ngosuku uNkulunkulu ayokwahlulela ngalo izinto ezisithekile zesintu ngoKristu Jesu, + ngokwezindaba ezinhle engizimemezelayo. 17  Manje, uma ungumJuda ngegama + futhi uthembela emthethweni futhi uziqhenya ngoNkulunkulu, 18  uyazi intando yakhe, uzamukela izinto ezinhle kakhulu ngenxa yokuthi wafundiswa* ngoMthetho, + 19  futhi uqiniseka ngokuthi ungumholi wezimpumputhe, ukukhanya kulabo abasebumnyameni, 20  umqondisi wabangenangqondo, umfundisi wezingane, uziqonda izinto eziyisisekelo namaqiniso atholakala eMthethweni— 21  ingabe wena ofundisa omunye awuzifundisi wena? + Wena oshumayela uthi “Ungebi,” + ingabe uyeba? 22  Wena othi, “Ungaphingi,” + ingabe uyaphinga? Wena onyanya izithixo, ingabe wenza ubugebengu emathempelini? 23  Wena oziqhenya ngomthetho, ingabe uhlaza uNkulunkulu ngokweqa uMthetho? 24  Ngoba “igama likaNkulunkulu liyahlanjalazwa phakathi kwezizwe ngenxa yenu,” njengoba nje kulotshiwe. + 25  Eqinisweni, ukusoka + kunenzuzo kuphela uma ugcina umthetho; + kodwa uma uyiseqamthetho, ukusoka kwakho sekuye kwaba ukungasoki. 26  Ngakho, uma umuntu ongasokile + enza lokho okushiwo uMthetho, ukungasoki kwakhe kuyobhekwa njengokusoka, akunjalo? + 27  Umuntu ongasokile, ngokulandela uMthetho, uyokwahlulela wena oyiseqamthetho nakuba unomthetho olotshiwe futhi usokile. 28  Ngoba ukuba umJuda akukona ukubonakala kwangaphandle, + nokusoka kwakhe akukona okuthile okungaphandle, enyameni. *+ 29  Kodwa umJuda yilowo onguye ngaphakathi, + nokusoka kwakhe yilokho kwenhliziyo + ngomoya, hhayi ngomthetho olotshiwe. + Udumo lwalowo muntu luvela kuNkulunkulu, aluveli kubantu. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “wafundiswa ngomlomo.”
Noma, “akukho emzimbeni wakhe.”