Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Inhlonipho Nesithunzi Elungiselelweni LikaNkulunkulu

Inhlonipho Nesithunzi Elungiselelweni LikaNkulunkulu

LAPHO esemhlabeni, uJesu wabubonakalisa ngendlela ephelele ubuntu bukaYise nendlela yaKhe yokwenza izinto. Wathi: “Angenzi lutho ngokwami; kodwa lezi zinto ngizikhuluma njengoba nje uBaba angifundisa . . . ngaso sonke isikhathi ngenza izinto ezimjabulisayo.” (Johane 8:28, 29; Kolose 1:15) Ngokuhlola indlela uJesu aphatha ngayo abesifazane nesimo sakhe sengqondo ngabo, singakwazi ukuqonda umbono kaNkulunkulu ngabesifazane nalokho akulindele kubo.

Uma zibheka lokho okusekulandiseni kwamaVangeli, izazi eziningana ziyavuma ukuthi indlela uJesu ayebabheka ngayo abesifazane yayehluke kakhulu kweyangaleso sikhathi. Yayehluke kanjani? Okubaluleke nakakhulu, izimfundiso zakhe zingabanika yini abesifazane inkululeko eyengeziwe namuhla?

Indlela UJesu Aphatha Ngayo Abesifazane

Akazange ababheke njengezinto zokwanelisa izifiso zocansi. Abaholi abathile benkolo yamaJuda babebheka ukuxhumana nabobulili obuhlukile njengokuholela enkanukweni kuphela. Njengoba abesifazane babebhekwa njengesilingo,  babengavunyelwe ukuba bakhulume namadoda obala noma bahambe bengasifakanga isembozo. Ngakolunye uhlangothi, uJesu weluleka amadoda ukuba alawule izifiso zawo zenyama futhi aphathe abesifazane ngenhlonipho kunokubakhipha inyumbazane.—Mathewu 5:28.

UJesu waphinde wathi: “Yilowo nalowo olahla umkakhe‚ aganwe ngomunye‚ uyaphinga kuye.(Marku 10:11, 12, IBhayibheli lesiZulu elivamile) Ngakho wayenqaba imfundiso yorabi eyayivumela amadoda ukuba ahlukanise nomkawo “nganoma yisiphi isizathu.” (Mathewu 19:3, 9) Umqondo wokuthi indoda ingaphinga kumkayo wawuyinqaba kumaJuda amaningi. Orabi bawo babefundisa ukuthi indoda ayisoze yaphinga—owesifazane kuphela ongase angathembeki! Enye incwadi ehlaziya iBhayibheli ikubeka kanje: “Ngokubeka umyeni nenkosikazi ngaphansi kwesibopho esifanayo sokuziphatha, uJesu wenza abesifazane bahlonishwa kakhudlwana.”

Ithonya lemfundiso yakhe namuhla: Ebandleni lobuKristu loFakazi BakaJehova, abesifazane bazihlanganisa ngokukhululekile namadoda emihlanganweni. Nokho, akudingeki ukuba besabe ukubhekwa ngamehlo enkanuko noma ukujwayelwa ngendlela engafanele, ngoba amadoda angamaKristu ayaqaphela ukuba aphathe ‘abesifazane abadala njengonina, abesifazane abasebasha njengawodadewabo ngabo bonke ubumsulwa.’1 Thimothewu 5:2.

UJesu wazinika isikhathi sokufundisa abesifazane. Ngokuphambene nombono worabi owawudlangile wokungabafundisi abesifazane, uJesu wabafundisa futhi wabakhuthaza ukuba baveze imizwa yabo. Ngokunikeza uMariya ithuba lokufunda, uJesu wabonisa ukuthi abesifazane abadalelwanga nje imisebenzi yasendlini. (Luka 10:38-42) UMarta, udadewabo kaMariya, naye wazuza ezimfundisweni zikaJesu, lokho kwabonakala ngezimpendulo ezihlakaniphile azinika uJesu ngemva kokufa kukaLazaru.—Johane 11:21-27.

UJesu wayenendaba nalokho abesifazane ababekucabanga. Ngaleso sikhathi, abesifazane abaningi abangamaJuda babekholelwa ukuthi isihluthulelo senjabulo ukuba nendodana efanelekayo, futhi uma kunokwenzeka ibe umprofethi. Lapho owesifazane ememeza ethi: “Siyajabula isibeletho esakuthwala!” UJesu wasebenzisa lelo thuba wamtshela ngokuthile okungcono kakhulu. (Luka 11:27, 28) Ngokumbonisa ukuthi okubaluleke kakhulu ukulalela uNkulunkulu, uJesu waveza okuthile okungaphezu kwalokho isiko elalikulindele kwabesifazane.—Johane 8:32.

Ithonya lemfundiso yakhe namuhla: Abafundisayo ebandleni lobuKristu bayazijabulela izimpendulo zabesifazane emihlanganweni yebandla. Bayabahlonipha abesifazane abavuthiwe ngokuba “abafundisi bokuhle,” kokubili  ekusithekeni nangesibonelo sabo. (Thithu 2:3) Babuye bathembele kubo ukuba bashumayele obala izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu.—IHubo 68:11; bheka ibhokisi elithi  “Ingabe Umphostoli UPawulu Wabenqabela Abesifazane Ukuba Bakhulume?” ekhasini 9.

UJesu wayebakhathalela abesifazane. Ezikhathini zeBhayibheli, amadodana ayethandwa kakhulu kunamadodakazi. ITalmud iveza lo mbono ngokuthi: “Uyajabula lowo ozingane zakhe zingabafana, maye kulowo ozingane zakhe zingamantombazane.” Abanye abazali babebheka intombazane njengomthwalo omkhulu—kwakufanele bayitholele umyeni bayinike nesipho somshado, futhi babengeke bathembele kuyo ukuthi iyobasekela lapho sebegugile.

UJesu wabonisa ukuthi ukuphila kwentombazanyana kubaluleke njengokomfana—wavusa indodakazi kaJayiru, njengoba enza nasendodaneni yomfelokazi eNayini. (Marku 5:35, 41, 42; Luka 7:11-15) Ngemva kokuphulukisa owesifazane owayehlushwa ‘umoya wobuthakathaka iminyaka eyishumi nesishiyagalombili,’ uJesu wambiza ngokuthi ‘indodakazi ka-Abrahama,’ inkulumo engekho emibhalweni yamaJuda. (Luka 13:10-16) Ngokusebenzisa le nkulumo enenhlonipho nenomusa, uJesu wayengambheki nje njengelungu elizimele lomphakathi kodwa futhi waphawula nokholo lwakhe olukhulu.—Luka 19:9; Galathiya 3:7.

Ithonya lemfundiso yakhe namuhla: Isisho saseMpumalanga sithi: “Ukukhulisa intombazane kufana nokunisela ingadi kamakhelwane.” Bengathonyiwe yilesi simo sengqondo, obaba abanothando abangamaKristu bazinakekela kahle zonke izingane zabo, abafana namantombazane. Abazali abangamaKristu bayaqiniseka ukuthi zonke izingane zabo zithola imfundo ekahle nokunakekelwa okungokwempilo.

UJesu wanikeza uMariya Magdalena ilungelo lokubikela abaphostoli ngokuvuswa kwakhe

UJesu wayebethemba abesifazane. Enkantolo yamaJuda, ubufakazi bowesifazane babubhekwa njengobulingana nobesigqila. UJosephus, isazi-mlando sangekhulu lokuqala, seluleka: “Mabungamukelwa ubufakazi obuvela kwabesifazane, ngenxa yokungathembeki kwabo nokuthi bangabesifazane.”

Ngokuphambene, uJesu wakhetha abesifazane ukuba bafakaze ngokuvuswa kwakhe. (Mathewu 28:1, 8-10) Nakuba laba besifazane abathembekile bazibonela lapho iNkosi yabo ibulawa ngesihluku futhi ingcwatshwa, abaphostoli bakuthola kunzima ukukholwa amazwi abo. (Mathewu 27:55, 56, 61; Luka 24:10, 11) Nokho, ngokuvela kwabesifazane kuqala, uKristu ovusiwe wabonisa ukuthi wayebabheka njengabafanelekayo ukunikeza ubufakazi njengabanye babafundi bakhe.—IzEnzo 1:8, 14.

 Ithonya lemfundiso yakhe namuhla: Emabandleni oFakazi BakaJehova, amadoda anomthwalo wemfanelo abonisa ukubacabangela abesifazane ngokulalela imibono yabo. Abayeni abangamaKristu ‘bayabazisa’ omkabo ngokubalalelisisa lapho bekhuluma nabo.—1 Petru 3:7; Genesise 21:12.

Imithetho YeBhayibheli Inomthelela Enjabulweni Yabesifazane

Labo abalandela imithetho yeBhayibheli bayabahlonipha futhi babanike isithunzi abesifazane

Lapho amadoda elingisa uKristu, abesifazane baphathwa ngenhlonipho futhi bathola inkululeko uNkulunkulu ayebahlosele yona kwasekuqaleni. (Genesise 1:27, 28) Kunokuba basekele umbono wokuthi amadoda angcono kunabesifazane, abayeni abangamaKristu bavumela ukuqondiswa imithetho yeBhayibheli, enezela enjabulweni yalabo abashade nabo.—Efesu 5:28, 29.

Lapho uYelena eqala ukufunda iBhayibheli, wayebekezelela ukuphathwa kabi umyeni wakhe. Umyeni wakhe wakhulela endaweni enobudlova, lapho ukuthwalwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane kwakuvamile. UYelena uthi: “Engangikufunda eBhayibhelini kwanginika amandla. Ngaqonda ukuthi ukhona ongithandayo futhi ongazisayo nongikhathalela ngempela. Ngaqonda nokuthi uma umyeni wami engafunda iBhayibheli, singashintsha isimo sakhe sengqondo.” Lafezeka iphupho lakhe lapho umyeni wakhe ekugcineni evuma ukutadisha iBhayibheli futhi ebhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova. UYelena uthi: “Waba isibonelo esihle sokuzithiba nokuzibamba. Safunda nokuthethelelana ngokukhululekile.” Uphetha ngokuthi: “Imithetho yeBhayibheli ingisize ngempela ukuba ngizizwe ngidingeka futhi ngivikelekile emshadweni wami.”—Kolose 3:13, 18, 19.

Bakhona abanye abafana noYelena. Izigidi zabesifazane abangamaKristu zijabule ngoba zona nabayeni bazo zilwela ukusebenzisa imithetho yeBhayibheli emishadweni yazo. Zithola inhlonipho, induduzo nenkululeko lapho zizihlanganisa namaKristu akanye nazo.—Johane 13:34, 35.

Amadoda nabesifazane abangamaKristu bayaqaphela ukuthi njengabantu abanesono nabangaphelele, bayingxenye yendalo kaNkulunkulu ‘ebekwe ngaphansi kobuze.’ Nokho, ngokusondela kuNkulunkulu noYise onothando, uJehova, banethemba ‘lokukhululwa ekugqilazweni ukonakala’ futhi bajabulele ‘inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.’ Yeka ikusasa elimangalisayo lamadoda nabesifazane elungiselelweni likaNkulunkulu!—Roma 8:20, 21.