NgokukaLuka 13:1-35

  • Phendukani noma nibhujiswe (1-5)

  • Umfanekiso wesihlahla somkhiwane esingatheli (6-9)

  • Owesifazane olunyonga welashwa ngeSabatha (10-17)

  • Umfanekiso wohlamvu lwesinaphi nemvubelo (18-21)

  • Kudingeka ukuzikhandla ukuze kungenwe ngomnyango omncane (22-30)

  • UHerode, “leyo mpungushe” (31-33)

  • UJesu ukhalela iJerusalema (34, 35)

13  Ngaleso sikhathi, abanye ababekhona bayibikela ngabaseGalile uPilatu ayexube igazi labo nemihlatshelo yabo.  Yaphendula yathi kubo: “Ingabe nicabanga ukuthi labo bantu baseGalile babeyizoni ezimbi kakhulu kunabo bonke abanye baseGalile ngoba beye bahlupheka ngalezi zinto?  Ngiyanitshela, akunjalo neze; kodwa ngaphandle kokuba niphenduke, nani nonke niyobhujiswa kanjalo. +  Noma labo abangu-18 umbhoshongo waseSilowama owawela phezu kwabo wababulala—ingabe nicabanga ukuthi babenecala elikhulu kunabo bonke abanye abantu abahlala eJerusalema?  Ngiyanitshela, akunjalo neze; kodwa ngaphandle kokuba niphenduke, nani nonke niyobhujiswa njengabo.”  Yabe isilandisa lo mfanekiso: “Umuntu othile wayetshale isihlahla somkhiwane ensimini yakhe, wafika ezofuna izithelo kuso, kodwa akatholanga nesisodwa. +  Wathi kumgcini-sivini, ‘Sekuyiminyaka emithathu ngiza ngifuna izithelo kulesi sihlahla somkhiwane, kodwa angitholanga nesisodwa. Sigawule! Kungani kufanele sikhule sibe singavezi zithelo?’  Ephendula wathi kuye, ‘Nkosi, siyeke sikhule omunye unyaka ngize ngimbe emaceleni aso ngifake umquba.  Uma sithela izithelo esikhathini esizayo, kuhle; kodwa uma singatheli, uyobe ususigawula.’ ” + 10  Yayifundisa kwelinye lamasinagoge ngeSabatha. 11  Kwakukhona owesifazane okwase kuyiminyaka engu-18 enomoya omenza abe buthakathaka;* wayeqhothile engakwazi nhlobo ukuma aqonde. 12  Lapho embona, uJesu wakhuluma naye wathi: “Sifazane, ukhululiwe ebuthakathakeni bakho.” + 13  Wambeka izandla, ngaso leso sikhathi waqonda, waqala ukukhazimulisa uNkulunkulu. 14  Kodwa ngenxa yalokhu umphathi wesinagoge, ethukuthele ngoba uJesu elaphe ngeSabatha, wathi esixukwini: “Zikhona izinsuku eziyisithupha okufanele kusetshenzwe ngazo; + anokuza nelashwe ngazo, hhayi ngosuku lweSabatha.” + 15  Nokho, iNkosi yamphendula yathi: “Bazenzisi, + ngamunye kini akayiqaqi yini inkomo yakhe noma imbongolo yakhe ngeSabatha esitebeleni ahambe nayo ayoyiphuzisa? + 16  Akufanele yini lona wesifazane oyindodakazi ka-Abrahama, nowayeboshwe uSathane iminyaka engu-18, ukuba akhululwe kulobu bugqila ngosuku lweSabatha?” 17  Lapho isho lezi zinto, bonke abaphikisi bayo baba namahloni, kodwa sonke isixuku sajabula ngazo zonke izinto ezinhle eyayizenzile. + 18  Ngemva kwalokho yathi: “UMbuso kaNkulunkulu ufana nani, ngingawuqhathanisa nani? 19  Unjengohlamvu lwesinaphi umuntu aluthatha walutshala ensimini yakhe, lwakhula lwaba isihlahla, izinyoni zezulu zahlala emagatsheni aso.” + 20  Yaphinda yathi: “Ngingawuqhathanisa nani uMbuso kaNkulunkulu? 21  Ufana nemvubelo eyathathwa owesifazane wayifaka ezilinganisweni* ezintathu ezinkulu zikafulawa yaze yabila yonke inhlama.” + 22  Yahamba idolobha nedolobha, umuzi nomuzi, ifundisa futhi iqhubeka nohambo lwayo iya eJerusalema. 23  Umuntu othile wathi kuyo: “Nkosi, ingabe abasindiswayo bambalwa?” Yathi kubo: 24  “Sebenzani ngokuzikhandla ukuze ningene ngomnyango omncane, + ngoba ngiyanitshela, abaningi bayofuna ukungena kodwa ngeke bakwazi. 25  Lapho umninindlu evuka ekhiya umnyango, niyoma ngaphandle ningqongqoze emnyango, nithi, ‘Nkosi, sivulele.’ + Kodwa uyophendula athi kini, ‘Angazi ukuthi nivelaphi.’ 26  Niyoqala ukuthi, ‘Sasidla siphuza phambi kwakho, wawufundisa emigwaqweni yethu emikhulu.’ + 27  Kodwa uyothi kini, ‘Angazi ukuthi nivelaphi. Sukani kimi, nonke nina benzi bokubi!’ 28  Lapho yilapho niyokhala khona niququde amazinyo, lapho nibona u-Abrahama, u-Isaka, uJakobe nabo bonke abaprofethi eMbusweni kaNkulunkulu, kodwa nina nikhishelwe ngaphandle. + 29  Ngaphezu kwalokho, kuyofika abantu bevela empumalanga nasentshonalanga nasenyakatho naseningizimu, bayohlala etafuleni eMbusweni kaNkulunkulu. 30  Bhekani! kukhona abokugcina abayoba ngabokuqala, futhi kukhona abokuqala abayoba ngabokugcina.” + 31  Ngalo kanye lelo hora, kwafika abanye babaFarisi, bathi kuyo: “Phuma uhambe lapha ngoba uHerode ufuna ukukubulala.” 32  Yathi kubo: “Hambani nitshele leyo mpungushe nithi, ‘Bheka! Ngikhipha amademoni futhi ngelapha abantu namuhla nakusasa, ngosuku lwesithathu ngizobe sengiqedile.’ 33  Noma kunjalo, kumelwe ngihambe namuhla, nakusasa nangosuku olulandelayo, ngoba akukwazi* ukuba umprofethi abulawelwe ngaphandle kweJerusalema. + 34  Jerusalema, Jerusalema, mbulali wabaprofethi nokhanda ngamatshe labo abathunyelwe kuwe +—kukaningi kangakanani nje ngifuna ukubuthela abantwana bakho ndawonye ngendlela isikhukhukazi esibuthela ngayo amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso! Kodwa nina anifunanga. + 35  Bhekani! Indlu yenu ishiywa nani. + Ngiyanitshela, anisoze nangibona nize nithi: ‘Ubusisiwe lowo oza ngegama likaJehova!’ ” *+

Imibhalo yaphansi

Noma, “akhubazeke.”
NgesiHebheru, “ezilinganisweni zamaseya.” Iseya lalilingana no-7,33 L. Bheka iSithasiselo B14.
Noma, “akunakwenzeka.”