Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Ngingayilawula Kanjani Indlela Engizizwa Ngayo?

Ngingayilawula Kanjani Indlela Engizizwa Ngayo?

“Namhlanje ngijabule kusasa ngidangele. Izinto ebezingeyona inkinga izolo, kuba nzima ukubhekana nazo namuhla.​—UCarissa.

Ingabe indlela ozizwa ngayo ishintshashintsha njalo? a Uma kunjalo, lesi sihloko singakusiza!

 Imbangela

 Uma umzimba wakho ushintsha ulungela ukuba umuntu omdala, kuvamile ukuba nendlela ozizwa ngayo ishintshe njalo. Imizwa yakho ingalokhu ishintsha ngisho noma usudlulile esikhathi sokuthomba.

 Uma kukuxaka ukuthi indlela ozizwa ngayo ilokhu ishintshashintsha, khumbula ukuthi isikhathi esiningi kubangelwa ukushintsha kwamahomoni asemzimbeni wakho kanye nokungazethembi okulindelekile njengoba ukhula. Izindaba ezinhle ziwukuthi, ungakwazi ukuqonda nokulawula indlela ozizwa ngayo.

 Iqiniso: Ukufunda usemncane ukulawula · indlela ozizwa ngayo kubalulekile ngoba kuyikhono ozolidinga noma usumdala.

Imizwa emibi ifana nemigodi esemgwaqweni, ungafunda ukuyigwema futhi uqhubeke nohambo lwakho ngaphandle kokuphazamiseka.

 Izinto ezintathu ongazenza

 Khuluma. IBhayibheli lithi: “Umngane weqiniso ubonisa uthando ngaso sonke isikhathi, futhi ungumfowabo womuntu ozalelwe isikhathi sosizi.”​—IzAga 17:17.

 “Ekhaya kunomuntu esimjwayele ofana nomama kimi. Uyangilalelisisa uma ngixoxa naye, futhi kulula ukumtshela indlela engizizwa ngayo. Uyangincoma uma umbono engiwuvezayo umuhle, aphinde angilungise ngomusa uma senginhlanhlatha.”​—UYolanda.

 Icebiso: Kunokuxoxa nontanga okungenzeka nabo banenkinga efanayo, khuluma nomzali noma omunye umuntu omdala omethembayo.

 Bhala: IBhayibheli likhuluma ngoJobe owasho lokhu lapho esosizini: “Ngizozwakalisa ukukhathazeka kwami ngami. Ngizokhuluma ngomunyu womphefumulo wami!” (Jobe 10:1) Enye into ongayenza ngaphandle kokuxoxa nomuntu othile, ukubhala phansi indlela ozizwa ngayo.

 “Ngihlale ngiphethe incwadi engingabhala kuyo. Uma kukhona into engiphathe kabi, ngiyibhala encwadini yami. Kuyangelapha ukubhala.”​—U-Iliana.

 Icebiso: Iba nencwadi obhala kuyo indlela ozizwa ngayo, lokho okukubangele ukuba uzizwe kanjalo nokuthi yini ongayenza ngakho. Ikhasi lomsebanzi elihambisana nalesi sihloko lingakusiza kulokho.

 Thandaza: IBhayibheli lithi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova, Yena uyokusekela. Akasoze avumele olungileyo antengantenge.”​—IHubo 55:22.

 “Ngithandaza njalo kuJehova uma ngizizwa ngicindezelekile. Uma ngiqeda ukumthululela isifuba sami ngizizwa ngingcono.”​—UJasmine.

 Icebiso: Ngisho noma uzizwa ukhathazekile, cabanga ngezinto ezintathu ezenzeke ekuphileni kwakho ongabonga ngazo. Lapho uthandaza cela usizo kuJehova uphinde ubonge ngezinto akubusise ngazo.

a Lesi sihloko sikhuluma ngenkinga yokushintshashintsha kwemizwelo okuyinto evamile kubantu abasha. Uma unenkinga yokucindezeleka, bheka isihloko esithi: “Yini Engingayenza Uma Ngicindezelekile?”