Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INTSHA IYABUZA

Ingabe Ngikhathazeke Ngokweqile Ngendlela Engibukeka Ngayo?

Ingabe Ngikhathazeke Ngokweqile Ngendlela Engibukeka Ngayo?

 Isivivinyo: Ingabe ngikhathazeke ngokweqile?

  1. Yimaphi amazwi kulawa angezansi ayichaza kangcono indlela ozizwa ngayo?

    • Ayikaze inganelise indlela engibukeka ngayo.

    • Ngezinye izikhathi ngiyeneliseka ngendlela engibukeka ngayo.

    • Ngihlale nganelisekile ngendlela engibukeka ngayo.

  2. Yini obungathanda kakhulu ukuyishintsha emzimbeni wakho?

    • Ubude

    • Isisindo

    • Ukuma komzimba

    • Izinwele

    • Ibala lesikhumba

    • Ubungako bezinyama

    • Okunye

  3. Qedela lo musho olandelayo:

    Angijabuli neze ngomzimba wami . . .

    • uma ngizikala.

    • uma ngizibuka esibukweni.

    • uma ngiziqhathanisa nabanye (abangane, abakhangisi bemfashini, osaziwayo bamabhayisikobho).

  4. Qedela lo musho olandelayo.

    Ngizikala . . .

    • nsuku zonke.

    • masonto onke.

    • ngemva kwesikhathi esingaphezu kwesonto.

  5. Ikuphi kulokhu okuyichaza kangcono indlela ozizwa ngayo?

    • Umbono ongafanele ngomzimba. (Isibonelo: “Njalo uma ngizibuka esibukweni, ngivele ngizibone ngikhuluphele, ngiyinto engathandeki. Ngiye ngazincisha ngisho nokudla ngoba ngizama ukunciphisa umzimba.”—USerena.)

    • Umbono ofanele ngomzimba. (Isibonelo: “Kuhlale kunento engasijabulisi ngendlela esibukeka ngayo, kodwa ezinye izinto kudingeka sivele sizamukele. Kuwubuwula ukukhathazeka ngento esingeke sikwazi ukuyishintsha.”—UNatanya.)

IBhayibheli lisitshela ukuthi singazicabangeli ngaphezu ‘kwalokho okudingeka sikucabange.’ (Roma 12:3) Ngakho kuyafaneleka—empeleni kuyadingeka—ukuzicabangela ngezinga elithile. Ngokwesibonelo, kungakho uxubha amazinyo futhi uqiniseka ukuthi uhlanzekile.

Kodwa, kuthiwani uma uhlale uzizwa ungajabuli ngokubukeka komzimba wakho—mhlawumbe kuze kube seqophelweni lokukhathazeka ngokweqile? Uma kunjalo, ungase uzibuze lokhu . . .

 ‘Kungani nginombono ongafanele ngomzimba wami?’

Kungase kube nezizathu eziningi. Nazi ezinye zazo:

  • Ithonya lezokusakaza. “Intsha ifundekelwa ngemifanekiso eyenza ibe nomuzwa wokuthi imizimba yayo kufanele ibe mincane kakhulu futhi kufanele ihlale ingophuma langa sikothe. Umphumela uba ukuthi, uma singabukeki kanjalo, sizibona sinyanyeka!”—UKellie.

  • Ithonya labazali. “Ngiye ngaphawula ukuthi uma umama ekhathazeka ngokweqile ngokubukeka komzimba wakhe, ngokuvamile nendodakazi izibheka ngendlela efanayo. Kungaba yinto efanayo nakubaba nendodana.”—URita.

  • Ukuzenyeza. “Abantu abakhathazeka ngokweqile ngokubukeka kwemizimba yabo, bahlale befuna ukuba abanye babancome ngendlela ababukeka ngayo. Kuyacika ukuba phakathi kwabantu abanjalo!”—UJeanne.

Kungakhathaliseki ukuthi siyini isizathu, kungenzeka uyazibuza . . .

 ‘Ingabe kufanele ngiyishintshe indlela engibukeka ngayo?’

Cabangela lokho okushiwo abanye ontanga yakho.

“Awukwazi ukushintsha izinto ongazithandi kuwe ngaso sonke isikhathi, khona-ke kungcono uvele uzamukele izici onazo. Uma wenze njalo, cishe abanye ngeke baziphawule.”—URori.

“Yenza lokho ongase ukwenze ukuze ube nempilo enhle. Uma uphile kahle, uyobukeka ngendlela okufanele ubukeke ngayo. Kanti uma umuntu engakwamukeli ngokwalokho oyikho (kunalokho egxila endleleni obukeka ngayo), lowo muntu akayena umngane wakho.”—U-Olivia.

Nakhu okubalulekile: Yenza ongase ukwenze ukuze ubukeke kahle. Kodwa ungakhathazeki ngezinye izinto. Ukukhathazeka ngokweqile ngendlela obukeka ngayo kungaba yingozi. (Bheka  “Indaba KaJulia.”)

Ngakolunye uhlangothi, umbono onokulinganisela uyokusiza uzibheke ngendlela efanele, njengoba intokazi okuthiwa u-Erin yafunda ukwenza kanjalo. Ithi: “Yiqiniso, kunezinto ezenza ngingazethembi, kodwa ngiphawula ukuthi ngiyaye ngizizwe kanjalo uma ngigxila ezintweni ezimbi kuphela. Manje sengivivinya umzimba njalo futhi ngidla ngendlela efanele. Okunye kuvele kuziqondele.”

 Ushintsho olungcono kakhulu!

Uma ulinganisela endleleni obheka ngayo ukubukeka komzimba wakho, uyozizwa (futhi uze ubukeke) kahle kakhulu. IBhayibheli lingasiza. Likukhuthaza ukuba uhlakulele lokhu okulandelayo:

  • Ukwaneliseka. “Kungcono ukujabulela lokho esinakho kunokufuna enye into, ngoba lokho kuwubuwula njengokujaha umoya.”—UmShumayeli 6:9, Contemporary English Version.

  • Umbono ofanele ngokuvivinya umzimba. “Ukuqeqesha umzimba kuzuzisa kancane.”—1 Thimothewu 4:8.

  • Ubuhle bangaphakathi. “Umuntu nje ubona okubonakala emehlweni; kodwa uJehova yena, ubona lokho inhliziyo eyikho.”—1 Samuweli 16:7.

“Ubuso bethu bembula indlela esizizwa ngayo ngathi ngokwethu. Uma umuntu enelisekile, abanye bayakubona lokho futhi bavele bazizwe bedonseleka kuye.”—USarah.

“Ubuhle bungase buphawuleke ngokushesha. Kodwa lokho oyikho ngaphakathi nezimfanelo zakho ezinhle yilokho abantu abayokukhumbula kakhulu ngawe.”—UPhylicia.

Bheka nezAga 11:22; Kolose 3:10, 12; no-1 Petru 3:3, 4.