INTSHA IYABUZA
Yini Engingayenza Ukuze Ngikwazi Ukugxilisa Ingqondo?
Kungani ngingakwazi ukugxilisa ingqondo?
U-Elaine uthi: “Angisazifundi izincwadi ngendlela engangizifunda ngayo. Angisathandi ngisho ukufunda izigaba ezinde.”
UMiranda uthi: “Lapho ngibuka ividiyo ngiyayidlulisa ukuze isheshe iphele uma ngibona sengathi ithatha isikhathi eside.”
UJane uthi: “Lapho ngenza into ebalulekile bese ifoni yami iyacisha ngivele ngicabange ngokuthi engabe ubani ongithumelela umyalezo.”
Ingabe ezobuchwepheshe zingenza kube nzima ukugxilisa ingqondo? Abanye bathi yebo. UNicholas Carr a ongumbhali nomphathi ongumeluleki uthi: “Njalo lapho sisebenzisa i-inthanethi siqeqesha izingqondo zethu ukuba zingakwazi ukugxila kodwa isitholele ulwazi esiludingayo ngokushesha ngaphandle kokugxilisa ingqondo.”
Cabanga ngezinto ezintathu ezobuchwepheshe ezingakuphazamisa kuzo ungakwazi ukugxilisa ingqondo yakho.
Lapho uxoxa nothile. Owesifazane osemusha uMaria waphawula ukuthi “ngisho nalapho abantu bexoxa ubuso nobuso basuke bematasa bethumelelana imiyalezo, bedlala ama-video game noma behlola izinkundla zokuxhumana bengamnakile ngokuphelele lo abasuke bexoxa naye.”
Lapho usekilasini. Incwadi ethi Digital Kids ithi: “Abafundi abaningi bathi basebenzisa amafoni abo phakathi nekilasi ukuze bathumelelane imiyalezo babheke i-inthanethi, bacinge okuthile ku-inthanethi, bafunde noma babukele okuthile okungahlobene nomsebenzi wesikole.”
Lapho utadisha. UChris oneminyaka engu-22 uthi: “Into enzima kakhulu kimi ukungayibuki ifoni yami lapho ikhala.” Uma ungumfundi umsebenzi wesikole wasekhaya obungathatha ihora elilodwa ungagcina usuthathe amahora amathathu nangaphezulu uma uphazanyiswa ifoni yakho.
Iqiniso elimsulwa: Kuzoba nzima ukugxilisa ingqondo uma uvumela ezobuchwepheshe zikuphazamise noma zikulawule.
Ingqondo engagxilile ifana nehhashi lasendle—ayilawuleki
Indlela yokuthuthukisa ukugxilisa ingqondo
Lapho uxoxa nothile. IBhayibheli lithi: “Ningacabangeli izindaba zenu nje kuphela, kodwa nikhathalela nabanye.” (Filipi 2:4) Bonisa abanye ukuthi uyabakhathalela ngokubalalelisisa. Zama ukumbuka lowo oxoxa naye, ungakuvumeli ukuphazanyiswa ifoni.
UThomas uthi: “Lapho uxoxa nothile, kugweme ukubheka ifoni yakho. Bonisa ukuthi uyamhlonipha ngokumlalelisisa.”
ZAMA LOKHU: Lapho uxoxa nothile, yisuse ifoni yakho eduze kwakho. Abacwaningi bathi ukuba khona nje kwefoni kungakuphazamisa ungakwazi ukugxila kokwenzayo noma engxoxweni, njengoba ingenza kube lula ukuba uphazamiseke.
Lapho usekilasini. IBhayibheli lithi: “Nakani indlela enilalela ngayo.” (Luka 8:18) Unalesi simiso engqondweni uma isikole ofunda kuso sikuvumela ukuba usebenzise i-inthanethi ekilasini ungabheki imiyalezo, udlale ama-game noma uthumelele abanye imiyalezo ngesikhathi okufanele ngabe uyafunda ngaso.
UKaren uthi: “Zama ukulalelisisa ekilasini. Bhala phansi lokho uthisha akushoyo. Uma kungenzeka, hlala phambili ekilasini ukuze ugweme ukuphazamiseka.”
ZAMA LOKHU: Bhala phansi amaphuzu usebenzisa ipeni nephepha kunokuba usebenzise ikhompyutha. Ucwaningo lubonisa ukuthi ngeke kube lula ukuphazamiseka futhi uzokukhumbula okufundile.
Lapho utadisha. IBhayibheli lithi: “Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda.” (IzAga 4:5) Lokhu kuhlanganisa ukucabangisisa kunokumane nje udlulise amehlo kulokho okufundayo ukuze uphase isivivinyo.
UChris uthi: “Lapho ngitadisha ngifaka ithebhulethi yami ku-airplane mode bese ngigxila kulokho engikwenzayo. Angiyibheki imiyalezo engenayo. Uma ngicabanga ngokuthile okufanele ngikukhumbule, ngikubhala phansi.”
ZAMA LOKHU: Qikelela ukuthi indawo otadishela kuyo iyakuvumela ukuba ugxilise ingqondo yakho, igcine ihlanzekile futhi ingenazo izinto eziningi.
a Icashunwe encwadini ethi The Shallows—What the Internet Is Doing to Our Brains.